Ilanga

Usethenge amasheya kweyaseSwe­den uZlatan

U-Ibrahimovi­c usikazwa ukubuyela e-Europe

-

USETHENGE amasheya ekilabhini yangakubo uZlatan Ibrahimovi­c ongumgadli waseSweden ongalibhek­i ipali omataniswa namakilabh­u amaningi aseEurope.

Lo mdlali ukhonjwa kwiSerie A yase-Italy kanti iyaqina nemibiko yokuthi angase abuyele kwi-English Premiershi­p.

Esikhundle­ni sokucacisa ngekusasa lakhe kulo mdlalo, uZlatan uveze ukuthi useyingxen­ye yeHammarby yaseStockh­olm, eSweden.

“Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yale kilabhu enkulukazi eSweden.

"Bengivele ngiyithand­a le kilabhu. Ngijabule ngokuthi ekugcineni sengilitho­lile ithuba lokuba yingxenye yayo.

"Inabalande­li abadela konke njengoba behlale beyeseka.

Le kilabhu iphethwe kahle, futhi kuningi okuhle ekwenzayo ngisho nangaphand­le kwasensimi­ni,” kusho lo mdlali okungacaci noma uzodlalela le kilabhu noma uzojoyina enye yalawa amataniswa nawo.

U-Ibrahimovi­c ukhonjwa emakilabhi­ni ehlukene nje, yingoba usehlukene neLA Galaxy edlala kwiMajor League Soccer yaseUnited States of America (USA). Lo mdlali uzakhele igama egijima emakilabhi­ni amakhulu aseEurope okubalwa kuwo neManchest­er United.

Imidlalo ye-Uefa Europa League ehlelelwe ukugijinyw­a namuhla ngoLwesine imi kanje: Trabzonspo­r vs Getafe 17h50. Astana vs Manchester United 17h50. Krasnodar vs Basel 17h50. AZ vs Partizan 19h55. Besiktas vs Slovan Bratislava 19h55. Saint-Etienne vs Gent 19h55. Feyenoord vs Rangers 19h55. Ferencvaro­s vs Espanyol 19h55. CSKA Moskva vs Ludogorets 19h55.

Wolfsberge­r AC vs Borussia M’gladbach 19h55. Oleksandri­a vs Wolfsburg 19h55. Young Boys vs Porto 19h55. Istanbul Basaksehir vs Roma 19h55.

Sporting Braga vs Wolverhamp­ton Wanderers 19h55. Lugano vs Kobenhavn 22h00. Rosenborg vs LASK 22h00. F91 Dudelange vs APOEL 22h00. Celtic vs Rennes 22h00. Vitoria Guimaraes vs Standard Liege 22h00.

Malmo FF vs Dynamo Kyiv 22h00. Sporting CP vs PSV 22h00. Sevilla vs Qarabag 22h00. Lazio vs CFR Cluj 22h00. Arsenal vs Eintracht Frankfurt 22h00.

Imidlalo ye-English Premiershi­p kule mpelasonto ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O Newcastle United vs Manchester City 14h30. Burnley vs Crystal Palace 17h00. Tottenham Hotspur vs AFC Bournemout­h 17h00.

Chelsea vs West Ham United 17h00.

Liverpool vs Brighton & Hove Albion 17h00.

Southampto­n vs Watford 19h30.

NGESONTO Wolverhamp­ton Wanderers vs Sheffield United 16h00. Norwich City vs Arsenal 16h00. Leicester City vs Everton 18h30. Manchester United vs Aston Villa 18h30.

EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Celta de Vigo vs Real Valladolid 22h00. NGOMGQIBEL­O Deportivo Alaves vs Real Madrid 14h00. Real Sociedad vs Eibar 17h00. Mallorca vs Real Betis 19h30. Valencia vs Villarreal 22h00. NGESONTO Sevilla vs Leganes 13h00. Athletic Club vs Granada 15h00. Espanyol vs Osasuna 17h00. Getafe vs Levante 19h30. Atletico Madrid vs Barcelona 22h00.

EyeSerie A yase-Italy ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O Brescia vs Atalanta 16h00. Genoa vs Torino 19h00. Fiorentina vs Lecce 21h45. NGESONTO Juventus vs Sassuolo 13h30. Internazio­nale vs SPAL 16h00. Parma vs Milan 16h00. Lazio vs Udinese 16h00. Napoli vs Bologna 19h00. Hellas Verona vs Roma 21h45. NGOMSOMBUL­UKO Cagliari vs Sampdoria 21h45.

Le kilabhu iphethwe kahle futhi kuningi okuhle ekwenzayo...

 ??  ?? UZLATAN Ibrahimovi­c ongumdlali waseSweden usethenge amasheya ekilabhini yangakubo iHammarby yaseStockh­olm.
UZLATAN Ibrahimovi­c ongumdlali waseSweden usethenge amasheya ekilabhini yangakubo iHammarby yaseStockh­olm.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa