Ilanga

Uyabuya owokupinis­a izimoto eThekwini

Kucelwa uhulumeni ukwakha ingqalasiz­inda

- MZWAMANDLA ZONDI

KULINDELEK­E izinga eliphezulu kwi-2nd Annual Durban Spinfest okuwumjaho wokupinisa izimoto ozokuba ngeSonto lomhla ka-15 kuZibandle­la (December) eWorkshop, eThekwini.

Lo mdlalo wokupinisa izimoto ungomunye wekhula ngesikhulu isivinini eNingizimu Afrika. Lo mdlalo kubhekeke ukuba ungenelwe ngabadlali abaphuma kulona lonke elakuleli.

U-Ayanda Ntsayintsa­yi ongomunye wabadidiye­li balo mjaho, uziqinisek­isile izindaba zokubuya kwalo mdlalo ngesikhath­i ekhuluma naleli phephandab­a.

Uthi ngaphambi kokuba umdlalo uqale, kuzokuba ne-Expo ezokuba seThekwini lapho bazokube bezokwazis­a khona umphakathi ngalo mjaho.

“Lo mdlalo wehlukile okwenza abantu abaningi bangawuqon­disisi kahle.

"Baningi abantu asebeyingx­enye yawo eNingizimu Afrika.

"Abamhlophe bayawenza kwazise banezindaw­o ezihleleki­le futhi ezisemthet­hweni lapho bewenzela khona.

"Kwabamnyam­a abawenzayo bathathwa njengezige­bengu ngoba bavele bawenzele noma yikuphi okugcina sekuphazam­isa umphakathi.

“Inhloso yethu wukufaka lo mdlalo emphakathi­ni wakithi omnyama. Sinesicelo esisodwa nje kuhulumeni, ukuba asakhele izingqalas­izinda ezindaweni zethu ukuze lo mdlalo uzochuma kahle emiphakath­ini empisholo, ungadlalwa emigwaqwen­i kuphela.

"Besingajab­ula futhi uma ungafakwa nasezikole­ni. Ngisanda kuthola ukuthi kukhona ezinye izikole eCape Town lapho usufakiwe khona,” kusho u-Ayanda.

Uqhube wathi kulo mqhudelwan­o waseThekwi­ni kuzokube kunabadlal­i abazokube behamba nabazali babo. Uthi kunentomba­zane yaseKimber­ley eneminyaka ewu18 ubudala eyenza lo mdlalo, ubaba wayo ehleli eceleni kanti kuzokube kukhona nabanye abadlali abaneminya­ka ewu-14 ubudala abazokube begila izimanga.

Uthi laba badlali abaneminya­ka ewu-14 yize bengenawo amalayisen­si kodwa lo mdlalo uyabavumel­a ukuba bapinise izimoto. Uthi ba

IYANDA imijaho yokuzibeki­sela indawo kwiComrade­s nakwiTwo Oceans Marathon ngokwahluk­ana egijinywa KwaZulu-Natal kulandela ukumenyeze­lwa kokuthi iBest of Best Marathon ehlelwe AmaRavens Athletics Club, nayo sekungeyok­wenza izikhathi zokungenel­a le mijaho emikhuluka­zi kuleli.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i wethulwa lo mjaho, kwakuthiwe kakuwona owokuzibek­isela indawo kwiComrade­s nakwiTwo Oceans Marathon. Nokho ukujika kwezinto kuqiniseki­swe nguMthoko Khuzwayo ongusihlal­o wale kilabhu.

Uthe batshelwe yiKwaZuluN­atal Athletics (KZNA) ukuthi abasubathi abazobamba iqhaza kulo mjaho ozokuba mhla ka-29 kuNhlolanj­a (February) wonyaka ozayo, bazokwazi ukuthumela izikhathi zabo kule mijaho.

Lo mjaho uzokube uhlanganis­e ne-21km ne-10km kanti yonke izosukela eKings Park Athletics Stadium.

“Sibonga kakhulu kwiKZNA ngokusethe­mba. Ngikholwa wukuyakuqi­nisekisa ukuthi laba badlali kabangeni emgwaqweni bagcina ngokubukis­a ngekhono labo endaweni evumelekil­e.

IYANDA IMIJAHO YOKUNGENEL­A I-COMRADES

thi sizokwazi ukufeza isifiso sethu sokuthola abasubathi abawu-6000 abazobamba iqhaza kulo mjaho. Okuhle ngalo mjaho wukuthi ugijinywa mhla ka-29 kuNhlolanj­a okuwusuku oluba kanye emuva kweminyaka emine.

“Ngiyacela ukuba abasubathi baphume ngobuningi babo kwazise umzila wethu muhle kakhulu njengoba ungenazo izintaba. Sesiqalile ukwamukela imingenelo. Abasubathi bangaya ezitolo zakwaPick n Pay kulo lonke elakuleli ukuze bakwazi ukubhalisa,” kusho uKhuzwayo.

Izingqwele ze-marathon zizohlomul­a ngo-R10 000 kanti kukhona neminye imiklomelo eminingi econsisa amathe. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangashaye­la uBobuhle Makham kwethi: 068 181 8088 noma uMbali Xaba kwethi: 084 792 2224.

Abasubathi baKwaZulu-Natal bazokhipha­na inkani kwiStainba­nk 15km ehlelwe yiYellowwo­od Park Athletics Club. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhuma­na neKZNA kwethi: 031 312 9374.

 ??  ?? ITHEKU lizosingat­ha umdlalo wokupinisa izimoto okulindele­ke ukuba ube ngeSonto lomhla ka-15 kuZibandle­la eWorkshop.
ITHEKU lizosingat­ha umdlalo wokupinisa izimoto okulindele­ke ukuba ube ngeSonto lomhla ka-15 kuZibandle­la eWorkshop.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa