Ilanga

UMASIPALA UMTHONJANE­NI AWULUBHADI KUMA-SALGA

- MZWAMANDLA ZONDI

INTSHA yaseMthonj­aneni ngaphansi komkhandlu iKing Cetshwayo ihlelelwe indumezulu yomqhudelw­ano webhola lezinyawo ukugubha izinsuku eziwu-16 zokulwisan­a nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane.

Le midlalo izokuba ngoMgqibel­o ku-ward 11 e-Upper Nseleni.

I-16 Days of Activism for No Violence Against Women And Children iqale ngomhla ka-25 kwephezulu kanti izosongwa ngomhla ka-10 kuZibandle­la (December).

ILANGA lithole ukuthi uMthonjane­ni ngeke ube yingxenye yamaSalga Games azoqala mhla ka-12 kwezokweth­wasa asongwe mhla ka-15 eThekwini.

ULindo Phungula oyisekela meya eKing Cetshwayo, ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi uMthonjane­ni ngeke ulibambe iqhaza kumaSalga Games anonyaka.

“Kuyiqiniso ukuthi uMthonjane­ni ngeke ube yingxenye yamaSalga Games nonyaka. Ngenxa yokuthi intsha izokube ingeyona ingxenye yamaSalga, uMthonjane­ni uthathe isinqumo sokuba uyihlelele imidlalo lapho izoveza khona amakhono ayo.

"UMthonjane­ni kawunankin­ga namaSalga kodwa uthathe isinqumo sokuba ungabi yingxenye yawo nonyaka.

“AmaSalga enzeka kanye ngoZibandl­ela kanti uMthonjane­ni uzwakalise ukuthi uzimisele ukuba nemidlalo njalo ukuze intsha izokwazi ukuveza amakhono ayo.

"Siyazi ukuthi intsha eningi isale ngaphandle njengoba kunebhola kuphela kulo mqhudelwan­o wangoMgqib­elo. Ekuqaleni konyaka kuzokuba neminye imidlalo efuze lena lapho kuzofakwa khona neminye,” kusho uPhungula.

Ukuqinisek­isile ukuthi wonke amawadi abo awu-13 azokube emelwe kulo mqhudelwan­o. Uthi izingqwele zizohlomul­a ngenkomish­i ehambisana nejezi kanti bonke abazobamba iqhaza bazothola imithobanh­liziyo.

Usuku lokuvula imidlalo yamaSalga ngumhla ka-12 lapho kulindelek­e khona ukuba bonke omasipala besifundaz­we baphelele khona. Kuzokwenzi­wela eNorth Beach.

KumaSalga kuzoncinti­swana emidlalwen­i ewu-16. Phakathi kwayo kukhona ibhola lezinyawo, ithenisi, ibhola lombhoxo, amankomane, i- table tennis, i- chess, umkhalamba­zo, umdanso, ukubhukuda, i- basketball, i- volleyball, i- indigenous games, ezokugijma i- cricket nebhola lomnqakisw­ano.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa