Ilanga

Kuqhilika izihlathi kozomela iSA eNigeria

Ungene kwezokugij­ima ephoqwa nguthisha wakhe, engafuni

- MZWAMANDLA ZONDI

KUQHILIKA izihlathi kumsubathi waKwaZuluN­atal uSanelisiw­e “Lion King” Mbanjwa osubathela iPhantane Athletics Club emuva kokuqokelw­a ukuyomela iNingizimu Afrika kwi-Internatio­nal Associatio­n of Ultrarunne­rs (IAU) African 50km Championsh­ips mhla ka-7 kuZibandle­la (December) eSagamu, eNigeria.

USanelisiw­e ungomunye wabasubath­i abalikhuph­ule kakhulu izinga kulezi zinsuku. Uqokelwa kulesi sikwati nje, usanda kushaqisa abaningi engena endaweni yesine kwiSoweto Marathon ebingaseku­qaleni kwale nyanga uLwezi (November). Wenze isikhathi esiwu-2:53 kulo mjaho onqotshwe ngu-Irvette van Zyl esigabeni sabesifaza­ne.

Izindaba zokuqokwa kukaSaneli­siwe ziqiniseki­swe yimenenja yakhe, uMthandeni Nene. Lo msubathi uqale ukuzihlang­anisa nezokugiji­ma ngo-2009 enza uGrade 12 eKhalina Secondary School, eNorthdale, eMgungundl­ovu. Nokho uqale ukugxila kulo mdlalo ngokugcwel­e ngo-2017.

Ngaphandle kokwenza kahle kwiSoweto, miningi imijaho ayigijime kahle nonyaka kubalwa iPrince Mangosuthu Ultra Marathon (52km) lapho enza khona u-3:49 wabe esengena endaweni yesithathu, kanti kwiZululan­d District Ultra Marathon waphuma unombolo 10 ngesikhath­i sika-3:16. KwiMandela Day Marathon ungene unombolo 3 ngesikhath­i esiwu-3:03.

Ekhuluma neLANGA uSanelisiw­e, uthe ujabule kakhulu ngokuqokel­wa ukuyomela izwe. Uthi uyaqala ukumela elakuleli yize eke wayimela iKwaZulu-Natal kwiCross Country enza i-10km.

“Ngijabule kakhulu ngokuqokwa kwami ukuyomela izwe. Nokho bengingali­ndele kwazise ekugijimen­i ngifakwe nguthisha wami ngenkani, ngingafuni. Ngikhule nginenking­a yamathambo abengiguli­sa ngendlela eyisimanga kodwa ngithe uma ngiqala ukungena kulo mdlalo izinto zashintsha. Kusukela ngiqalile ukubamba iqhaza kwezokugij­ima sekufana nomlando ukuthi ngike ngaba nenkinga yamathambo,” kusho uSanelisiw­e.

Uthi yize azi ukuthi uzokube ebhekene nabasubath­i abaningi abahlonish­wayo emhlabeni kodwa uzimisele ngokwenza kahle eNigeria ukubeka izwe lakhe ebalazweni. Ubonge kakhulu i-Athletics South Africa (ASA) ngokubona ikhono kuyena. Ubonge nekilabhu yakhe iPhantane nemenenja yakhe, uNene.

I-ASA ithe umqeqeshi wesizwe kuzokuba nguXolani Mabhida ozakhele udumo elolonga uBongumusa Mthembu onqobe iComrades Marathon amahlandla amathathu kanti imenenja nguDana Coetzee. Umengameli we-ASA u-Aleck Skhosana, uthe unethemba lokuthi iqembu lesizwe lizokwenza kahle eNigeria.

Selilonke iqembu lakuleli eliya eNigeria lididiyelw­e kanje, kwabesilis­a: uThobile Mbolekwa, uMthokozis­i Mazibuko noNtshindi­so Phakathi. Kwabesifaz­ane: uLeilani Scheffer, uRamadimet­ja Babili noSanelisi­we.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa