Uzibona ezomelwa yinhliziyo oweBucs
UMokwena ukhaliswa wukunqoba sekuvalwe amehlo
UZIBONA ezomelwa yinhliziyo esemncane uRhulani Mokwena ongumqeqeshi we-Orlando Pirates ekhombisa ukubuyelwa wukuzethemba.
IBucs iguqise iPolokwane City ngo-3-2 kowe-Absa Premiership ngoLwesibili ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
Amagoli enqobe ngawo ashaywe nguGabadinho Mhango obekuyiphenathi, uTshegofatso Mabasa noKabelo Dlamini, kwathi awePolokwane abhakuziswa nguCharlton Mashumba noMpho Mvelase.
Lo mdlalo uphele womabili la makilabhu eseshoda emuva kokuba kukhishwe ngekhadi elibomvu uThembinkosi Lorch weBucs noPuleng Tlolane wePolokwane. UTlolane ushaye ngebhola uLorch wavuka ezama ukuphindisela bangqubuzana, unondweba wabakhipha bobabili.
UMokwena uthi ngendlela ezakhe ezinqobe sekuvalwe amehlo ngayo, uzibona ezomelwa yinhliziyo esemncane.
“Inhliziyo yami ngeke ikwazi ukumelana nemidlalo esiyinqoba kanjena sekuvalwe amehlo. Ngizofa ngisemncane uma izinto ziqhubeka kanjena. Kodwa-ke kufanele ngibancome abafana bami, bakhombise ukuba ngamaqhawe kulo mdlalo. Empeleni bafanelwe ukubizwa ngawo vele uma besebenza ngalolu hlobo. Kancane kancane sizofika lapho esibheke khona,” kusho uMokwena.
Ephawula ngekhadi elitholwe nguLorch, uthe: “Belimfanele ikhadi elibomvu. Ushaywe ngebhola waphindisela, ngaleyo ndlela bekufanele aphume. Kangizikhuthazi izinto ezinjena ebholeni kodwa-ke ngisazokhuluma naye.”
UBernard Molekwa obambe izintambo zokuqeqesha kwiPolokwane, uthi babe neshwa kulo mdlalo.
“Yinhlanhla ebingekho ngakithi. Sishaye igoli kuqala kodwa sabe sesithola ikhadi elibomvu engikholwa wukuthi lisiphazamisile. Sikwenze konke obekufanele sikwenze kwanqaba yona inhlanhla,” kusho uMolekwa.
Ebuzwa ukuthi ngabe uzimisele yini ngokuthatha lo msebenzi ngokugcwele, uthe kakusona isinqumo sakhe, konke kuzoncika kubaphathi.