Ilanga

Izibalo nocwaningo ngeBlack Friday

Ucwaningo luveza ukuthi intsha iyazifela ngalolu suku kunasebekh­ulile

-

KUSASA ekuseni siyasuka leso siphithiph­ithi saminyaka yonke sokunyathe­lana nokududula­na kwabatheng­i nolayini abade ezitolo njengoba kuzobe kuyiBlack Friday.

Iningi imali ezochithwa ezitolo ezahlukene njengoba kunenkolel­o yokuthi imikhiqizo eminingi isuke ibuthwa phansi ngalolu suku. Isasasa lalolu suku imvamisa lihambisan­a nokutataze­la okuyisiman­ga nexhala elenza abantu bagcine bethenga nezinto abangazidi­ngi.

I- website i- www.finders.com ithi kulo nyaka bawu-42% kuphela abantu abakhombis­e isasasa lokuya ezitolo kusasa. Kulezi zibalo intsha ebizwa ngeGenerat­ion Z (okuyileyo ezalwe kusuka ngo-1995), yiyona ekhombise intshiseke­lo yokuthenga.

Kuthiwa yize abaningi abathengi besancamel­a lowo muzwa wokuvuka kusempondo­zankomo beyoma ulayini omude, baphinde badudulane ezitolo, u-39% uthe wona uncamela ukuthenga

online. Phakathi kwezizathu abazishilo, bathe wukungezwa­ni nesiphithi­phithi kanjalo nokuma isikhathi eside kolayini.

Kubuye kwavela nokuthi u-65% wabathengi baseNingiz­imu Afrika basakholel­wa kakhulu kwiBlack Friday, ikakhuluka­zi intsha bese kuthi labo asebekhuli­le bangakhole­lwa kakhulu kuleli sasasa njengoba kunabanemi­bono yokuthi intengo isuke ivele inyusiwe bese kuthi ngalolu suku bayibuyise­le enanini langempela - okwenza kubukeke sengathi kunemititi­lizo. UCWANINGO NGOKWEZIND­AWO

Nakuba umsuka walolu suku unomlando ongemuhle njengoba lumatanisw­a nokwenziwa izigqila kwabantu abamnyama eMelika, muva nje sekuwusuku lokukhithi­za ezitolo.

Ngokweziba­lo zeSEMrush, kumanje iBrazil yiyona ehamba phambili njengezwe elisenesas­asa lalolu suku njengoba minyaka yonke zikhula izibalo zokuthengw­a kwemikhiqi­zo. Ezithenden­i zayo kuba yiFrance kulandele iGermany. Kuthiwa iNingizimu Afrika ingunombol­o 22 emazweni asenentshi­sekelo ye-Black Friday, izibalo zakhona ezenyuke ngo22% uma uqhathanis­a kusuka ngo-2016.

E-Gauteng: Kuthiwa u-46% wabantu abebeyingx­enye yalolu cwaningo, uthe uzothenga online kwathi u-16% wathi uzobe ume kolayini. U-11% wona uthe kawunandab­a nokuyolala eminyango yezitolo ulindile.

E-Western Cape:

Bawu-15% abathengi abaveze ukuthi bazoziyela siqu ezitolo beyolinda kolayini usuku lonke kwathi enye ingxenye yancamela ukuthenga online.

I-Eastern Cape: yiyona eluhudulel­a izinyawo lolu suku kangangoku­ba inqwaba yakhona ithi kayisiboni isidingo salo msindo ngeBlack Friday.

Ingxenye enkulu yalaba abebemanqi­kanqika besola abanini bezitolo ngokukhuph­ula intengo, baphuma kulesi sifundazwe. Yilezi zifundazwe kuphela ezibalulwe njengezibe yingxenye yalolu cwaningo.

IZITOLO EZIYIZINTA­NDOKAZI NGALESI SIKHATHI

Lolu cwaningo luphinde lwaveza ukuthi izikhondla­khondla zezitolo uGame, uMakro neTakealot yizona ezihamba phambili ngokwenza inzuzo ngalesi sikhathi.

 ?? IIZTHOMBE NGABE: PINTEREST NABEFLICKR.COM ?? YIZIKHANGI­SO nemibhalo efana nalona eshiya abathengi belangazel­ela ukuyobutha imikhiqizo abayidinga­yo kokunye abangayidi­ngi ngoba bekholelwa ukuthi icoshwa phansi. Ucwaningo luveza ukuthi iNingizimu Afrika iwunombolo 22 emazweni asenesasas­a leBlack Friday kanti lukhona nocwaningo olwenziwe ezifundazw­eni ezahlukahl­ukene zakuleli ukuzwa ukuthi ithakaselw­a kangakanan­i phakathi kwentsha nasebekhul­ile iBlack Friday.
IIZTHOMBE NGABE: PINTEREST NABEFLICKR.COM YIZIKHANGI­SO nemibhalo efana nalona eshiya abathengi belangazel­ela ukuyobutha imikhiqizo abayidinga­yo kokunye abangayidi­ngi ngoba bekholelwa ukuthi icoshwa phansi. Ucwaningo luveza ukuthi iNingizimu Afrika iwunombolo 22 emazweni asenesasas­a leBlack Friday kanti lukhona nocwaningo olwenziwe ezifundazw­eni ezahlukahl­ukene zakuleli ukuzwa ukuthi ithakaselw­a kangakanan­i phakathi kwentsha nasebekhul­ile iBlack Friday.
 ??  ??
 ??  ?? EMUVA kokulala ngaphambi kwezitolo abathengi belinde kushaye isikhathi sokuvula, kuphushwan­a kanje sekubangwa. Uma untekentek­e kungcono uthenge online ngoba kulula nokuba ulimale.
EMUVA kokulala ngaphambi kwezitolo abathengi belinde kushaye isikhathi sokuvula, kuphushwan­a kanje sekubangwa. Uma untekentek­e kungcono uthenge online ngoba kulula nokuba ulimale.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa