UFUNA KUQHAKANJISWE EYOKUZITHIBA OCANSINI
SIKHATHAZWA wukushalazelwa kwendlela yokuzithiba ocansini kodwa kuqhakanjiswe eyokusetshenziswa kwejazi lomkhwenyana njengesixazululo esiphambili enkanankaneni yesandulela-ngculaza nengcuzala uqobo isazi samasiko, uNkk Nomagugu Ngobese.
Ekhuluma izolo ngesikhathi kugujwa usuku lwengculaza emhlabeni jikelele, uNkk Ngobese, ongumsunguli weNomkhubulwane Cultural Organisation, uthe ezimisweni zomkhankaso wokulwa nale nkiyankiya, okuyiAbstinence, Be Faithfull noCondomise - sekunakwe kakhulu ikhondomu nokuthembeka kumlingani oyedwa, washaywa indiva owokuzithiba.
Uthi ukuhlolwa kwezintombi kakuxhaswa ngokwanele wuhulumeni - yize kuqhakambisa ukuzithiba entsheni - ngoba kayikho into ezofaka imali emaphaketheni osopololitiki njengoba benza kwezinye izinhlelo zokuthengwa kwamakhondomu nasemjovweni wokuhlela imindeni.
“Ukuhlolwa kwezintombi kugqugquzela ukuzithiba, intsha izibandakanye nezocansi isivuthiwe emqondweni, isizokwazi ukuthatha izinqumo eziphusile. Ngokukahulumeni, abafundi basemanyuvesi sekufanele bazibandakanye nocansi olungaphephile njengoba usabalalisa imijovo yokuhlela imindeni kulezi zikhungo. Le mpi yengculaza sisekude ukuyinqoba ngoba sesisuke kakhulu ezimpandeni zethu, salandela izimfundiso zabanye abantu,” kusho yena.
Ngokwezibalo zika-2018, iNingizimu Afrika ibinabantu abawu-7.7 million abaphila nesandulela-ngculaza, bese kuthi abawu240 000, batheleleke ngegciwane ngawo lo nyaka, okukhombisa ngokusobala ukuthi izibalo zabahaqekile ziyenyuka kunokuthi zehle.
Imali echithwe yiNingizimu Afrika ukusabalalisa imishanguzo yokuthithibalisa isandulelangculaza ngo-2015 nje uwodwa, ibe wu-R19.6 billion.
Ngokwezifundazwe, iKwaZuluNatal ihamba phambili ngokwezibalo zabanesandulela-ngculaza. Izolo njengoba bekubugujwa lolu suku, uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, ubehambele eNewcastle eyoshumayela ivangeli lokulwa nalesi sifo.