UQhosha 'ulitheze phezulu' kuMgqilazi
Bebesemcimbini obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi
ULANDWE ngabezimo eziphuthumayo esekhihliza amagwebu umculi kamasikandi okuthiwa ugqenywe ekhanda ngenduku ngomunye umculi, kubangwa ukubhinqana esiteji ngesikhathi kuneGoduka Music Festival, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngoMgqibelo.
ILANGA lithole ukuthi "uMgqilazi Wedixa" Zuma, waseMdletsheni, eHluhluwe, uphuthunyiswe esibhedlela kukubi emuva kokuphiselwa ngomshiza nguQhoshangokwenzakwakhe Sibisi ( osesithombeni), bexabana kulo mcimbi.
Ngokuthola kweLANGA, indaba isuswe wukuthi uMgqilazi uthe kazisekho izinsizwa eShowe - lapho kudabuka khona uQhosha - wathi yini nje ebiyenziwa nguQhosha esiteji. Kuthiwa kuthe eqeda ukucula, uQhosha waya kuyena, wabuza ukuthi kungani emhlambalaza phambi kwabantu, kwasuka ingxabano. Abazibonele isigameko bathi kuqhume isikhwili kabili, uMgqilazi walala amankeya-ne, wakhihliza amagwebu. “Uthathwe ngabezimo eziphuthumayo esexhunywe imishini yokuphefumula, okungenzeka ukuthi ushayeke endaweni embi,” kusho umthombo. UQhosha uphikile ukuthi nguyena oshaye uMgqilazi. Uthi kuyiqiniso ukuthi isukile ingxabano phakathi kwabo kodwa akazange agadle. “Bengingazi ukuthi mina kunengxabano phakathi kwami noMgqilazi, ngethukile sengizwa engihlambalaza phambi kwabantu, engigagula ngegama ethi bekukhona uQhosha la, ubezokwenzani ngoba eShowe akukho nsizwa, izinsizwa ziseMkhanyakude. "Kungixakile lokho ngoba kangijwayelene naye. Ngizamile ukuyokhuluma naye esephume esiteji, wavele wakhwela ngengalo kunokuba azehlise.
"Uthe kangisawazi yini umdlalo wezinsizwa, yena uyasebenza usemsebenzini. Ngibuze ukuthi usebenza ngami yini, wabe esethi ngiza neviyo kuyena ngabe ngifuna ukulwa yini.
"Kwenzeka lokhu nje, bengihamba noLuve Dubazane, engisebenza naye, baphambana kulokho bebanga ukuthi ubiza yena ngeviyo.
"Bagcine ngokuba bafikisane emandleni. Ngesikhathi kwenzeka wonke lo msindo, bekulokhu kusondela abantu abasemaceleni abeseka mina, kanti abanye bebeseka yena uMgqilazi, kangazi-ke ukuthi ngubani omshayile,” kusho uQhosha.
Echaza ngokwenzile uMgqilazi, uthi ngesikhathi exabana noQhosha, ubefihle isagila esinqeni okuthe uma sekusuka isiphithiphithi wasikhipha wasidedela ekhanda. Bangilandele ngizihlalele emotweni nezinsizwa engisebenza nazo, bangikhomba ngeminwe bengilwisa.
"Okusixabanisile wukuthi bengithi mabayeke ukungikhomba, okuyikhona okwenze ukuba ngilwe nalo mfana ogida kuQhosha (uLuve Dubazane). Yilapho uQhosha ethole khona intuba yokungishaya ngesagila. Kalikho icala engilivulile futhi ngeke ngilivule, okumele kwaziwe wukuthi eyamadoda kayipheli,” kusho uMgqilazi.
Uthe uthungiwe ekhanda ngenxa yokulima kanzima. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe udaba balusukumela uma sekuvulwe icala. Uthe umuntu oneminyaka engaphezulu kuka-18 ubudala unelungelo lokuzithathela izinqumo.