KHETHA KAHLE ABANGANI UKUZE IZINSUKU ZAKHO ZANDE EMHLABENI
KUNESISHO esithi uma izikhathi zinzima, abangani bayanyamalala. Eqinisweni, ezikhathini zobunzima yilapho ubona khona ukuthi abantu ophilisana nabo baphusile yini noma ubuqoqana notalatiya nje impilo yakho yonke.
Iningi uma likhuluma ngabangani beqiniso lisuke likhuluma ngabantu abayokulandela noma usuyophoseka esiweni, bayofa nawe. Abangani bangempela yilabo abangathengi ubuso bakho nabangesabi ukukukhalima uma usunhlanhlatha.
Ngabantu okhulisana nabo ngokwengqondo, hhayi ngeminyaka nje kuphela. Abantu abakushayela izandla uma uxhaphaze imali, bakubize ngesikhokho, akubona abangani labo.
Nalabo othi uma uphuza nabo, besekufona owakwakho ethi buya ekhaya, bazibone benegunya lokukuxwayisa ukuthi ungavumeli umfazi akudonse ngekhala, akubona abangani.
Kukhona nalabo abakuthandela imali yakho, abahlala befuna ukuyokubonisa izindawo ezintsha zokuphuza, kodwa kube nguwena okhokhayo, sengathi ubaqashile ukuthi babe yizikawothi zakho.
Le nhlobo-ke uyibona iphatheka kabi futhi ize ithukuthele uma uthi kawunamali yotshwala, ungafunga ukuthi eyabo bayihola maqede bayibeke lapha kuwe.
Kukhona nalabo abangafuni ukutshelwa uma benza iphutha, umuntu uthi uyambonisa lapho ephambuka khona, bese ethukuthela ejikela wena, yize ebecasukele omunye umuntu.
Impi imane ivuke esithubeni nje, nawe uzithole usuxakekile ukuthi kungaze kuphume igazi ngombono nje, futhi awucele yena umboniswa ndini lowo.
Lolu hlobo-ke yilolu oluhamba luqoqa abantu olucabanga ukuthi kabekho ezingeni lalo, khona bezokhothama kulo. Uma wena usuphakama nombono bangezwani nawo, bazibuza ukuthi wena ungunembe bani ezinambeni, usukwazi ukubeka umbono ube ungekho nasezingeni abakulo.
Ngisafunda eNobamba Secondary School, wayekhona umfana owayenjalo. Babenesitolo kubo, futhi ethanda ukuba nabangani abaphuma emindenini ehluphekayo. Wayejatshuliswa wukuthi bonke “abangani” bakhe bambukela phezulu futhi bahalela yonke into anayo.
Sasithi thina sigqoke amabhulukwe esikole, yena aqhamuke ngoBrentwood, ibhulukwe elaligqokwa ngobhuti abasebenzayo kuphela ngoba lalibiza.
Abangani bakhe kwakuyizicashalala nje azithumayo, ziye le nalena. Wake wazama ukuzimatanisa nami, kodwa ngamtshela ukuthi mina kangithathekile yilokhu anakho.
Abangani enganginabo, sazwana ngokuthi sonke sithanda umsebenzi wesikole futhi sinezinhloso zokuphumelela empilweni.
Sasiqhudelana ngokwenza kahle ezifundweni, kodwa sisizana futhi kunjalo. Nangamakhefu, sasihlala phansi sicubungule obekufundiswa ekilasini.
Kulobo bungani kwaphuma intatheli, ummeli, usosayensi, uthisha, iphoyisa lomgwaqo nosomabhizinisi.
Ukhuni kaluvuthi lulodwa, futhi izinkuni namanzi ngeke kwawuphemba umlilo. Abangani yibona bantu kuphela uNkulunkulu asinika amandla okuzikhethela bona ngoba izihlobo kasizikhetheli zona.
Uma wena njalo nje kuthi uma izinto zikubhedela, bese abangani bakho bahambele kude okwelanga lasebusika, inkinga kayikho kubo, ikuwe.
Zibheke wena qobo lwakho, uzibuze ngendlela okhetha ngayo abangani.
Ngabe uhlale ufuna abantu abazokukhothamela, abantu wena ozobakhothamela noma ufuna abantu abazokwakha futhi bakukhuthaze ekufezeni izifiso zakho?
Okukhethayo, yikho okuzonika lokho okufunayo. Okhetha izikhothami, akhumbule ukuthi zizoshabalala uma kungasekho lokho ezimkhothamelela khona.
Sasithi sigqoke amabhulukwe esikole, aqhamuke ngoBrentwood.