OWEDOWNS UDALULA UKUTHI KUDALA BAMHALELA UMALULEKA
INOVALO ngokunyuka kwesibalo sabahaqwe yiCovid-19 iMamelodi Sundowns ehlela ukuqala amalungiselelo okuqedela imidlalo esele yakule sizini namuhla ngoMsombuluko.
Amakilabhu asegunyaziwe ukuqala ukuziqeqesha, kodwa abekelwe imibandela enzima okumele ayilandele ngaphambi kokwenza lokhu.
UManqoba “TV” Mngqithi oyisekela likaPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weDowns, utshele ILANGA izolo ngeSonto ekuseni ukuthi sebekwenze konke obekudingeka.
Uthi bahlele ukuqala namuhla ukuziqeqesha. Nokho-ke ukugcizelele ukuthi izolo bese belinde imiphumela yabadlali abambalwa.
Okusabisa uMngqithi wukuthi sekunenqwaba yabadlali kwiPremier Soccer League (PSL) osekuvele ukuthi bahaqekile.
“Konke sekumi ngomumo ngasohlangothini lwethu. Sesikulungele ukuhlangana kusasa (namuhla ngoMsombuluko) kwazise sekusele imiphumela yabadlali abambalwa.
"Sikholwa wukuthi nayo izofika maduze. Abadlali sebejahe kabi ukuqala ukuzivocavoca,” kusho uMngqithi onqobise iLamontville Golden Arrows iMTN8 ngo-2009.
Lo mqeqeshi uthi yize benovalo ngokunyuka kwesibalo sabahaqwe yilo mkhuhlane, bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abadlali nezikhulu zekilabhu baphephile.
“Yebo kukhona ukwesaba kodwa sizoqinisekisa ukuthi silandela imithetho ebekiwe yezempilo.
"Sizimisele ngokufaka ingcindezi kwiKaizer Chiefs esesicongweni,” kusho lo mqeqeshi osanda kuvuselela inkontileka yakhe nale kilabhu. Uthi uGeorge Maluleka obedlala kwiChiefs, uzongena khaxa esitayeleni sabo. Uthi bese kunesikhathi eside bemhalela kodwa bengakwazi ukumthola ngenxa yokuthi ubesenenkontileka neChiefs agcine engayelulanga.