KUSENZIMA EMINDENINI YEZISULU
KUSENZIMA ukuqhubeka nempilo emindenini yabesifazane baseMthwalume okwatholwa izidumbu zabo zilahlwe esimobeni kule ndawo.
ILANGA likhulume nemindeni yabanye balaba besifazane ukuzwa kabanzi ngempilo yabafi namaphupho abo bengakaphucwa ilungelo lokuphila kulo mhlaba ngesihluku;
ubulawa nje, ubenezingane ezintathu okungamawele angabafana aneminyaka ewu-5 ubudala nendodakazi eneminyaka emibili izelwe.
Waphothula umatikuletsheni eZibonele High School, eMthwalume ngo-2018. Ushona nje, ubenephupho lokuthi ngelinye ilanga uyophuma kubo akhe umuzi wakhe, alekelele umndeni wakhe.
Lokhu kuvezwe nguNkz Sthembile Dube, othe namanje akakwazi ukulala kahle, ufikelwa ngamaphupho kwazise nguyena owaya kohlonza isidumbu sikadadewabo ngesikhathi sitholakala ezimobeni.
Uveze ukuthi umndeni uthwala kanzima uma sekumele uphendule izingane zakhe ngoba zihlala zimbuza.
“Ngivele ngifikelwe yizinyembezi uma izingane zakhe zimbuza ngoba namanje kazazi ukuthi akasekho, sizitshela ukuthi usazobuya. Nami ngiyadinga ukululekwa ngokwengqondo emuva kokubona udadewethu ekulesiya simo,” kusho yena.
yena ubulawa nje, ubenza uGrade 10 eZibonele High School kanti ngokomndeni wakhe, ubehlala ewutshela ukuthi ufisa ukuqeda isikole ayokwenza izifundo zobudokotela.
UNkz Nonhlanhla Gumede ongubabekazi wakhe, uthi ubehlala ebathembisa ukuthi uma esesebenza, uzobakhela umuzi.
“Ubehlala efisa ukuba ngudokotela, kangangoba ubeseze wasitshela ukuthi uzosakhela umuzi kanokusho lapha ekhaya. Ubeyingane enesizotha."
ubengamathe nolimi noNosipho, waphothula umatikuletsheni eBhekamandelu High School, khona eMthwalume ngonyaka odlule emuva kokuba eke wahlala isikhathi engafundi.
Ushiye umntwana oneminyaka ewu-3 ubudala kanti yena ubenesifiso sokuba ngusonhlalakahle.