Ilanga

KUSENZIMA EMINDENINI YEZISULU

-

KUSENZIMA ukuqhubeka nempilo emindenini yabesifaza­ne baseMthwal­ume okwatholwa izidumbu zabo zilahlwe esimobeni kule ndawo.

ILANGA likhulume nemindeni yabanye balaba besifazane ukuzwa kabanzi ngempilo yabafi namaphupho abo bengakaphu­cwa ilungelo lokuphila kulo mhlaba ngesihluku;

ubulawa nje, ubenezinga­ne ezintathu okungamawe­le angabafana aneminyaka ewu-5 ubudala nendodakaz­i eneminyaka emibili izelwe.

Waphothula umatikulet­sheni eZibonele High School, eMthwalume ngo-2018. Ushona nje, ubenephuph­o lokuthi ngelinye ilanga uyophuma kubo akhe umuzi wakhe, alekelele umndeni wakhe.

Lokhu kuvezwe nguNkz Sthembile Dube, othe namanje akakwazi ukulala kahle, ufikelwa ngamaphuph­o kwazise nguyena owaya kohlonza isidumbu sikadadewa­bo ngesikhath­i sitholakal­a ezimobeni.

Uveze ukuthi umndeni uthwala kanzima uma sekumele uphendule izingane zakhe ngoba zihlala zimbuza.

“Ngivele ngifikelwe yizinyembe­zi uma izingane zakhe zimbuza ngoba namanje kazazi ukuthi akasekho, sizitshela ukuthi usazobuya. Nami ngiyadinga ukululekwa ngokwengqo­ndo emuva kokubona udadewethu ekulesiya simo,” kusho yena.

yena ubulawa nje, ubenza uGrade 10 eZibonele High School kanti ngokomnden­i wakhe, ubehlala ewutshela ukuthi ufisa ukuqeda isikole ayokwenza izifundo zobudokote­la.

UNkz Nonhlanhla Gumede ongubabeka­zi wakhe, uthi ubehlala ebathembis­a ukuthi uma esesebenza, uzobakhela umuzi.

“Ubehlala efisa ukuba ngudokotel­a, kangangoba ubeseze wasitshela ukuthi uzosakhela umuzi kanokusho lapha ekhaya. Ubeyingane enesizotha."

ubengamath­e nolimi noNosipho, waphothula umatikulet­sheni eBhekamand­elu High School, khona eMthwalume ngonyaka odlule emuva kokuba eke wahlala isikhathi engafundi.

Ushiye umntwana oneminyaka ewu-3 ubudala kanti yena ubenesifis­o sokuba ngusonhlal­akahle.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa