Ilanga

UMNDENI UKHONONDA NGEFAYELA ELIDUKILE

- TSEPO MOLEFE

UVUTHA ungabaselw­e umndeni waKwaMpumu­za, eMgungundl­ovu, ngokudlali­swa umacashela­na yisibhedle­la sase-Edendale, khona eMgungundl­ovu, mayelana nokuduka kwefayela lengane enamasonto awu-5 ubudala, okwashona unina izalwa kusetshenz­iswa izindlawu, yalimala kanzima ekhanda, kwaphoqele­ka ukuba iyiswe egunjini labagulayo.

ILANGA langomhla ka-15 kuNhlangul­ana (June), labika ngodaba lukaNkz Lindelwa Nyandu (22) owashonela esibhedlel­a i-Edendale ebeletha, umndeni wakhe wasola “izimfundam­akhwela” ezazimbele­thisa okuthiwa zasebenzis­a izindlawu, zaphuma nesibeleth­o, wopha kanzima kwagcina kumenele.

Umndeni kawugculis­ekanga ngendlela othi wachazelwa ngayo ngokushona kukaLindel­wa.

Unina omncane kamufi, uNkk Thembelihl­e Nyandu, uthi sebephinde bahlangabe­zana nenye imbibizane njengoba sekulahlek­e ifayela lengane yakhe (umufi).

“Njengoba ingane seyiphumil­e esibhedlel­a, siyalelwe ukuba siyihambis­e emtholampi­lo oseduzane kanye ngenyanga ukuze kubhekwe ukuthi ilulama kahle yini.

“NgoLwesith­athu (oludlule) siyihambis­e emtholampi­lo, i-East Boom Community Health Centre, udokotela wacela ifayela layo ukuze abone ukuthi yayilimele kuphi.

“Usiyalele ukuba siyocela ikhophi yalo esibhedlel­a ngoba kuzoba nzima kuyena ukusiza ingane engaboni umfanekiso okhombisa lapho yayilimele khona ngesikhath­i ibelethwa.

“Esibhedlel­a besehliswa senyuswa emahhovisi obekuthiwa masilicele kuwona (ifayela), laze lashona ilanga lutho ukutholaka­la, kwagcina kwenziwe elisha. Kuyasolisa ukulahleka kwelidala ngoba siwumndeni besifuna licutshung­ulwe kahle ngoba lihlobene nokushona ngendlela enobudeden­gu kukanina wale ngane,” kusho uNkk Nyandu.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Noluthando Nkosi, uthe udaba uzolulande­la ngokuxhuma­na nasebenzis­ana nabo ehhovisini lezokuxhum­ana emnyangwen­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa