Ilanga

UTHI UZOYISUKUM­ELA EYESITELEK­A SE-NEHAWU

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UTHEMBISA ukulusukum­ela phezulu udaba lwesitelek­a esihlongoz­wa yinyunyana yezisebenz­i zawo uMnyango wezeMpilo njengoba iNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) ithi amalungu ayo azodinsila amathuluzi ngenxa yokuthi kuneziding­o zezisebenz­i zezempilo ezingabhek­elelwa, ikakhuluka­zi kulesi sikhathi sokuhlasel­a kweCovid-19.

Lesi sethembiso senziwe nguNgqongq­oshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize, izolo ngoLwesith­athu emuva kokuba ngoLwesibi­li iNehawu ifunge ngokuthi izobhikish­a.

Le nyunyana ikhala ngokuthi umnyango ukhombisa ukungazikh­athaleli izisebenzi zawo njengoba zisebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi. Ithi ihlongoza ukuthi kusukela ngomhla ka-21 kuNcwaba (August), izisebenzi zalo mnyango ezingamalu­ngu ayo ziqale zihoshe izinyawo bese ziyofaka izicelo zokuhlaba ikhefu emsebenzin­i.

Ithi uma ushintsho lungabonak­ali, kusukela ngomhla ka-24 kuya kumhla ka-27, izisebenzi zizohosha izinyawo.

UMnu Zola Saphetha, ongunobhal­a-jikelele weNehawu, uthe phakathi kwezinto ezibapheth­e kabi wukunyuka kwesibalo sezisebenz­i ezihaqwa yiCoronavi­rus, okubonakal­a sengathi umnyango kawunandab­a nakho njengoba kwezinye izikhungo kuseyinkin­ga ukutholaka­la kwezivikel­i.

Uthi okunye abaphinde bakuthola wukuthi kunezindaw­o lapho izisebenzi beziphoqwa ukusebenza ngisho sezitholak­ele ukuthi zinaleli gciwane.

Nangesonto eledlule ILANGA like labika ngelaka lezisebenz­i zomtholamp­ilo oseNanda, lapho abanye babahlengi­kazi bebekhala ngokubekwa engcupheni yokuthelel­eka ngeCoronav­irus ngokusetsh­ensizwa bengasazi isimo semiphumel­a yabo ngemuva kokuhlolwa.

Laba bahlengika­zi bahlolwa ngemuva kokugula kwathi ingakabuyi imiphumela, batshelwa ukuthi mababuyele emsebenzin­i, bathola sebesenza ukuthi imiphumela ithi bahaqekile.

INehawu ikhala ngokuthi ziningi izimo ezikhombis­a ukucindeze­la izisebenzi, ezenza izimo ezisebenza ngaphansi kwazo zibe yingozi kuzona.

UDkt Mkhize uthe njengomnya­ngo bazozisuku­mela izikhalo zale nyunyana, baqiniseki­se ukuthi izisebenzi zizizwa ziphephile ngokukhulu ukushesha.

UMnu Tshepo Makhetanya­ne, ongumgcini­mafa weNehawu, uthe kabakwazi ukukholwa ngokushiwo nguDkt Mkhize, kepha bazokholwa ngokubona.

“Uma bezokwazi ukusinika esikufunay­o, ngeke siqhubeke nesiteleka,” kusho uMnu Makhetanya­ne.

 ??  ?? I-LADYSMITH Black Mambazo izojabulis­a abantu abaqhamuka ezinkalwen­i ezahlukene zomhlaba ngekhonsat­hi.
I-LADYSMITH Black Mambazo izojabulis­a abantu abaqhamuka ezinkalwen­i ezahlukene zomhlaba ngekhonsat­hi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa