Ilanga

IMambazo izojabulis­a abantu ngekhonsat­hi

Izobukwa bukhoma kwiWatcha TV

- LUCKY CAIN

IVULELEKE umhlaba wonke ikhonsathi yeqembu lodumo likacothoz­a, iLadysmith Black Mambazo, ezobukwa esiteshini sikamabona­kude esitholaka­la online, iWatcha TV, kusasa ngoLwesihl­anu.

Le khonsathi, okuzobe kungeyesib­ili yaleli qembu ibukwa ngale ndlela, izoqala ngo-18h30 kanti abantu bazothenga amathikith­i ukuze bakwazi ukuyibuka.

Echaza ngale khonsathi uXolani Majozi, oyimanenja yaleli qembu - elidume cishe umhlaba wonke - uthe ukubhebhet­heka kweCovid-19 sekuphoqe ukuthi babheke izindlela ezehlukile ukujabulis­a abantu.

Uthi iMambazo yaziwa njengeqemb­u elihlale lizungeza amazwe kanti manje lokhu kakwenzeki ngenxa yalo mkhuhlane obhubhisa njengesikh­onyane emasimini.

“Sibone kungcono ukuthi singahlali nje ekubeni bekhona abantu abasakudin­ga ukubona iqembu lenza elidume ngakho. Le khonsathi ngeyesibil­i njengoba ikhona esike sayenza ngaphambi kokuthi sibuyele kuleli ngenxa yokuvalwa kwamazwe,” kusho uMajozi.

Uthi eyokuqala ibe yimpumelel­o kanti unethemba lokuthi nalena izoba nesasasa.

“Siyazi ukuthi simise imicimbi eminingi obekumele sinandise kuyona, manje ngale khonsathi sinikeza abantu ithuba lokuba basithokoz­ele noma behleli emakhaya,” kusho yena.

Uthe isikhathi okuphilwa kusona siyabaphoq­a ukuba bashintshe indlela abebenza ngayo phambilini.

“Esikucaban­gayo manje wukuthi noma umhlaba usuvulwe ngokugcwel­e, kodwa kumele sikwazi ukunikeza abantu ithuba lokusibuka noma behleli emakhaya. Sesizokwaz­i ukuthi senze umcimbi ePlayhouse, eThekwini, kodwa nomuntu oseGoli akwazi ukuthenga ithikithi abeyingxen­ye yawo ebe ezihlalele kwakhe.

“Kanjalo naphesheya kwezilwand­le, bakhona abathanda ukubona iMambazo asebezokwa­zi ukuyibuka inandisa kwenye indawo,” kusho yena encoma ukukhula kobuchweph­eshe.

Uthe lesi sikhathi sibi futhi sihle kuleli qembu.

“Okuhle ngalesi sikhathi wukuthi (abaculi) bayakwazi ukuchitha isikhathi nemindeni yabo, kwazise bahlale bengekho kanti okubi wukuthi bayakhinya­bezeka ngasohlang­othini lwemali njengoba ingekho engenayo,” kuchaza uMajozi.

Uveze ukuthi nakuba kunjalo, amalungu aleli qembu asesimeni esihle ngokwempil­o kanti azimisele ngokwenza adume ngakho ekhonsathi­ni yakusasa.

Uthe kulabo abazimisel­e ngokubuka le khonsathi, imininingw­ane itholakala kwiWatcha TV.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa