IMambazo izojabulisa abantu ngekhonsathi
Izobukwa bukhoma kwiWatcha TV
IVULELEKE umhlaba wonke ikhonsathi yeqembu lodumo likacothoza, iLadysmith Black Mambazo, ezobukwa esiteshini sikamabonakude esitholakala online, iWatcha TV, kusasa ngoLwesihlanu.
Le khonsathi, okuzobe kungeyesibili yaleli qembu ibukwa ngale ndlela, izoqala ngo-18h30 kanti abantu bazothenga amathikithi ukuze bakwazi ukuyibuka.
Echaza ngale khonsathi uXolani Majozi, oyimanenja yaleli qembu - elidume cishe umhlaba wonke - uthe ukubhebhetheka kweCovid-19 sekuphoqe ukuthi babheke izindlela ezehlukile ukujabulisa abantu.
Uthi iMambazo yaziwa njengeqembu elihlale lizungeza amazwe kanti manje lokhu kakwenzeki ngenxa yalo mkhuhlane obhubhisa njengesikhonyane emasimini.
“Sibone kungcono ukuthi singahlali nje ekubeni bekhona abantu abasakudinga ukubona iqembu lenza elidume ngakho. Le khonsathi ngeyesibili njengoba ikhona esike sayenza ngaphambi kokuthi sibuyele kuleli ngenxa yokuvalwa kwamazwe,” kusho uMajozi.
Uthi eyokuqala ibe yimpumelelo kanti unethemba lokuthi nalena izoba nesasasa.
“Siyazi ukuthi simise imicimbi eminingi obekumele sinandise kuyona, manje ngale khonsathi sinikeza abantu ithuba lokuba basithokozele noma behleli emakhaya,” kusho yena.
Uthe isikhathi okuphilwa kusona siyabaphoqa ukuba bashintshe indlela abebenza ngayo phambilini.
“Esikucabangayo manje wukuthi noma umhlaba usuvulwe ngokugcwele, kodwa kumele sikwazi ukunikeza abantu ithuba lokusibuka noma behleli emakhaya. Sesizokwazi ukuthi senze umcimbi ePlayhouse, eThekwini, kodwa nomuntu oseGoli akwazi ukuthenga ithikithi abeyingxenye yawo ebe ezihlalele kwakhe.
“Kanjalo naphesheya kwezilwandle, bakhona abathanda ukubona iMambazo asebezokwazi ukuyibuka inandisa kwenye indawo,” kusho yena encoma ukukhula kobuchwepheshe.
Uthe lesi sikhathi sibi futhi sihle kuleli qembu.
“Okuhle ngalesi sikhathi wukuthi (abaculi) bayakwazi ukuchitha isikhathi nemindeni yabo, kwazise bahlale bengekho kanti okubi wukuthi bayakhinyabezeka ngasohlangothini lwemali njengoba ingekho engenayo,” kuchaza uMajozi.
Uveze ukuthi nakuba kunjalo, amalungu aleli qembu asesimeni esihle ngokwempilo kanti azimisele ngokwenza adume ngakho ekhonsathini yakusasa.
Uthe kulabo abazimisele ngokubuka le khonsathi, imininingwane itholakala kwiWatcha TV.