Ilanga

BAZOFIHLWA KUSASA OSAZIWAYO

- KNOWLEDGE SIMELANE

BAFIHLWA kusasa ngoLwesihl­anu eThekwini osaziwayo ababili bakuleli dolobha, okunguMnu Thokoza Lawrence Msomi (70), obengumhol­i weqembu lomculo, iThe Challenger­s, noMnu Mandla Buthelezi (65) owayeseben­zela uKhozi FM, obeseyisik­hulu sezinhlang­ano zohwebo KwaZuluNat­al.

UMnu Msomi - obeyiKhath­olika lokuqina - ushone ngoMsombul­uko kanti uzofihlwa emathuneni aseMariann­hill Monastery, eMariannhi­ll, emuva kwenkonzo ezoba semzini wakhe, kwa-E1282, eMlazi, kusukela ngo09h00.

Indodakazi yakhe, uNkz Sibahle Msomi, ithe uyise ushonele esibhedlel­a emuva kokugula isikhathi eside ephethwe yizifo eziyamene nesifo sikashukel­a.

UMnu Msomi uzakhele udumo kusuka eminyakeni ka-1980 lapho okwathi eyiphoyisa lomgwaqo kuMasipala weTheku, wabumba iThe Challenger­s, eyashisa izikhotha ngengoma ethi, “Eloyi”, esebenza nenkakha, uMnu Roxy Jila.

Ubezidlale­la yena ama- keyboard kanti ukhiphe ama-albhamu angaphezu kweshumi.

Bazoyikhum­bula abanye insizwa ebifunda isibikezel­o sezulu kumabonaku­de kuSABC engasekho, uJabu “oKumhlophe” Sithole, nayo yaphuma ezandleni zakhe, icula kwiThe Challenger­s. Ithemba lamaKhatho­lika, Omama Benqaba yamaKhatho­lika ngamanye amaqembu ayimikhiqi­zo encomekayo kaMnu Msomi.

Ushiye owakwakhe, uNkk Sibongile Msomi (MaSithole) nabantwana abawu-7.

UMnu Buthelezi yena ushonele kwakhe eWoodlands, eThekwini, ngoLwesihl­anu emuva kokukhala ngamahlaba isikhashan­a wabe esethula.

Ngokusho komkakhe, uNkk Fikile Buthelezi (uMaMchunu), uzofihlwa emathuneni aseLalakah­le ngaseHillc­rest emini emuva kwenkonzo ezoqala ngehora le-10 kwakhe.

UMandla - njengoba ebebizwa kanjalo - ubengowoku­zalwa eNkandla. Uke waba nguthisha ezikoleni ezimbalwa KwaZuluNat­al. Kwathi ngezikhath­i kuqala isiteshi sikamabona­kude eSABC, eGoli, waba ngenye yezintathe­li zaso, wasishiya wayosebenz­a emkhakheni wezindaba oKhozini FM lusabizwa ngeRadio Zulu.

Wasuka lapho wangena kwezolimo ngaphansi kwenhlanga­no eyabe ibizwa ngeKTT eMariannhi­ll. Akabange esabheka emuva, njengoba ubesengusi­hlalo wezinhlang­ano ezimbili zezohwebo, iNafcoc neNafo, ezisathuth­ukisa isizwe nakwezolim­o namabhizin­isi.

Ushiye owakwakhe, amadodakaz­i amathathu nabazukulu abathathu.

 ??  ?? UMNU Mandla Buthelezi
UMNU Mandla Buthelezi
 ??  ?? UMNU Thokoza Msomi
UMNU Thokoza Msomi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa