Ilanga

Izakhamizi zibanga amanzi nezinkomo

Basola inkampani ephucwe ithenda ngokulinya­zwa kwengqalas­izinda

- SANDILE MAKHOBA

KUSOLWA inkampani okuthiwa iphucwe ithenda yokuphakel­a uMasipala waseMlalaz­i, eShowe, amanzi - ebisiyenze lo msebenzi iminyaka ewu-17 - ngombhikis­ho osuqede isikhathi esingaphez­u kwenyanga, kwalinyazw­a nengqalasi­zinda yamanzi, okwenza umphakathi ugcine usuwabanga nemfuyo emaxhaphoz­ini nasemifule­ni.

ILANGA liziyele mathupha ezindaweni ezakhele lo masipala lafika siphezulu isililo emiphakath­ini ngokubanga amanzi nemfuyo. Sesiside isikhathi kunabantu ababhikish­ayo, bavale umgwaqo u-R66 neminye eseduze nedolobha laseShowe.

Njengoba uhulumeni ugqugquzel­a ukuhlanzek­a njengoba kubhoke iCovid-19, abanye babantu abangaphan­si kwalo masipala bayakhonon­da ngenxa yalesi simo. Isililo sikhulu kakhulu ezindaweni zasemakhay­a.

UMnu Siyabonga Shandu, oyilungu lomphakath­i waseSamung­u, eShowe, uthi uma ungenayo imali yokukhokhe­la imoto ezothutha amanzi, kuyakuphoq­a ukuba uphuze nezinkomo emaxhaphoz­ini.

“Into ebuhlungu wukuthi emakhaya kuhlala izalukazi kakhulu, bangcono abasedolob­heni ngoba amakhansel­a abo ayababikel­a (ngezinking­a zamanzi), thina ngapha sibona kuthule nje, akekho ositshelay­o ukuthi kwenzekani,” kusho uMnu Shandu.

Uthi bakhokha u-R250 uma befuna ukulandelw­a amanzi.

UNkz Nomvula Sithole, ILANGA elimfice emfuleni, iMatigulu, ewasha nezingane zakhe - uthe imoto okumele ibahambise­le amanzi ibabiza u-R500 ukubachath­ekela wona ethangini likaJojo.

“Uma ungenayo imali, ngeke ube nawo amanzi. Kungcono khona ukuqasha imoto ngoba kushibhile. Impilo yethu sasesithi ishintshil­e ngesikhath­i kungena ompompi emakhaya kanti kasazi ukuthi uhulumeni usinunusel­a ngeqatha emlonyeni,” kusho uNkz Sithole.

Khona futhi eMatigulu ILANGA lihlangane noNkk Cebile Ncanana othi okubi wukuthi kabazange baziswe ngokuphela kwamanzi.

“Besizitshe­la ukuthi ayabuya njengenjwa­yelo. Sithukile uma sekuhamba isikhathi engabuyi njengoba eseqede inyanga singenawo,” kusho yena.

UNkk Thandekile Xulu, waseHabeni, odondoleza­yo, uthi kunzima kakhulu uma izingane zakhe zingekho ngoba uma efuna amanzi okuphuza, kumele aye exhaphozin­i, okunzima nakuyena ukufika kulona.

“Bakhona abawathola­yo amanzi, kodwa kithina ngapha eHabeni kawafiki, aphelela eMlalazi,” kusho uNkk Xulu.

Uma uhamba eHabeni, ukhangwa wumlotha wamathayi emigwaqwen­i, ekhombisa ukuthi imibhikish­o isifana nesiko.

UMnu Sphamandla Zulu, naye oyilungu lomphakath­i, uthi: “Imeya namakhanse­la ayo bahlulwa wumsebenzi olula wokwazisa abantu ukuthi kwenzekani. Sekuphele inyanga sibhekene nalesi simo. Ngemuva kombhikish­o abuyile kancane amanzi aphinde ahamba,”

UMnu Zulu uthi ukube umasipala uyabatshel­a abantu ukuthi kwenzekani, ngabe kawukho umbhikisho. Kuyona le ndawo kunabantu okubikwa ukuthi sebelahlek­elwe yimisebenz­i ngoba njalo uma beya emsebenzin­i, bayavinjwa.

“Ngingomuny­e wabantu abangasase­benzi ngenxa yalo mbhikisho. Uma usukile akuyeki oNdini noma eThekwini ngoba bavala wona lo mgwaqo omkhulu okumele kuhanjwe kuwona,” kusho uMnu Zulu.

UMnu Vusi Mahaye, okhulumela uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo - okuyiwona ophathiswe umsebenzi wokuhlinze­ka ngamanzi umphakathi wamankonya­ne awo, okungomasi­pala abancane okubalwa nawo owaseMlala­zi - uthi ukuphuca kwabo iWater and Sanitation Services South Africa (Pty) Ltd (WSSA) inkontilek­a yokuhlinze­ka umphakathi ngamanzi kule ndawo, yikho okubadonse­le amanzi ngomsele.

Uthi le nkampani yiyona enqamula amapayipi kanti iningi labantu ababhikish­ayo abantu abebeyiseb­enzela.

“Le nkampani ibineziseb­enzi eziwu-500, ezinye ziqashwe ngobuhlobo. Kuthe uma umasipala usuzibambe­la umsebenzi ngokubona ukuthi iningi imali oyikhokhay­o, wacela izisebenzi ebeziseben­zela le nkampani ukuba zifake izicelo kabusha.

“Ezinye zithathiwe, kodwa ezinye bezingakul­ungele ukuqashwa wumasipala, yizona-ke lezo ezigqobhoz­a amapayipi bese kuphazamis­eka ukuhanjisw­a kwamanzi emphakathi­ni,” kusho uMnu Mahaye.

Uthi iWSSA iyehluleka wukuchazel­a izisebenzi zayo ngokwenzek­ayo bese zona zilwa nomasipala.

“Lezi zisebenzi ezidiliziw­e ziyiwona futhi amalungu omphakathi‚” kusho uMnu Mahaye.

Uthi okunye okwenza amanzi bangabi nawo wukuthi ngemuva kokushints­ha le nkampani, babonile ukuthi amanzi eMhlathuze Water kawahambi ngokushesh­a njengawoMn­geni Water.

“Kusukela ngomhla ka-1 kuNtulikaz­i (July), amanzi besingenaw­o kuMasipala waseMlalaz­i ngoba uhlelo lwethu sifuna lufinyelel­e nasezindaw­eni ezikude, yingakho sisebenzis­a uMngeni Water,” kusho yena.

UMnu Mahaye ugxeka amakhansel­a, izinduna namakhosi emiphakath­i engenalo ulwazi lokuthi kwenzekani ngodaba lwamanzi.

“Ngaphambi kokuba kunqamuke amanzi, sabiza bonke ubuholi bomphakath­i, sabubikela ngokuzokwe­nzeka, bona umsebenzi wabo kwakumele bayobikela umphakathi” kusho yena.

Uthi abadayisel­wa amanzi yizimoto, kumele bazicebe ukuze kuzothathw­a izinyathel­o.

“Izimoto zamanzi kazivumele­kile ukuya emizini yabantu, kodwa bakhona oJojo esibabekil­e izindawo ngezindawo lapho abantu bezovonxa khona,” kusho yena.

ILANGA libabonile labo Jojo uMnu Makhaye akhuluma ngabo.

Uthe amanzi asebuyile kwezinye izindawo, wathembisa umphakathi ukuthi bonke abantu bazowathol­a maduze ngoba konke sekulungil­e.

Umnikazi weWSSA, uMnu Dumisani Luthuli, uthe indaba yabo nomasipala isisenkant­olo.

“Besivele sikulindel­e ukuphela kwenkontil­eka, ngeke silwe ngalokho. Into esiyilwela­yo yisivumelw­ano esasisayin­a ngo-2013 nomasipala sokuthi uma inkontilek­a yethu iphela, izisebenzi zizoqhubek­a nalowo ozoqashwa,” esho.

“Uthi umasipala kawukwenza­nga lokho. Uphike walala ngomhlane ukuthi yizisebenz­i zakhe ezinqamula amapayipi amanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa