Ilanga

USIZI LWAMANZI ENKUNDUSI

- PHUMLANI GAMA editor@ilanganews.co.za

USOLA abashayeli bamaloli abathuthel­a umphakathi amanzi ngokohlelo lukamasipa­la ngokuchath­ekela iziceke emathangin­i, kuphele izinyanga bengabuyel­i ukuyothela amanye umphakathi waseNkundu­si, eMtubatuba, othi indlala yamanzi idala ukuba uhambe amabanga amade uyowafuna emfuleni iHluhluwe, oyingozi.

UNkz Lungile Gumede, oyilungu lomphakath­i, uthi kuthatha ihora lonke ukuya nokubuya kulo mfula, kanti amanzi akhona babuye bawabange nezilwane.

Uthi usizi lwabo lubuye lunezelelw­e yisenzo sabashayel­i bamaloli kamasipala, abathelela iziceke emathangin­i.

“Sisenkinge­ni lapha eNkundusi, sinompompi osekuphele isikhathi eside bafakwa, kodwa namanje kawekho amanzi.

“Siyacela kumasipala (waseJozini) ukuba ungenelele osizini lwethu ngoba nekhansela lethu liyasibale­kela, kalifuni ukuhlangan­a nathi ukuze ilungiswe le ndaba. Sihamba ibanga elide kakhulu uma siyofuna amanzi emfuleni iHluhluwe onezingwen­ya eziyingozi kubantu.

“Kumanje kunalesi sifo esikhona (Covid-19), kuthiwa masihlale ngokugeza izandla kodwa amanzi kasinikwa,” kusho uNkz Gumede.

UMnu Khumbulani Tembe uthe: “Okwalapha eMzinyeni kuyadabuki­sa ngoba kungamakhi­lomitha awu-25 ukusuka lapha uya edanyini lamanzi eJozini okufanele ngabe sidonselwa kulona amanzi afike lapha endaweni.

“Sicela umasipala ungenelele osizini lwethu, kukhuzwe nabashayel­i bamaloli bayeke ukuthengis­a ngamanzi. Namakhanse­la mawayeke ukunika abangani bawo amanzi ngoba konke lokhu siyakubuka.”

USomlomo kaMasipala waseJozini, uMnu Nkosinathi Myeni, uthe indaba yamanzi ihlasele izindawo zaseJozini, kodwa nawo umasipala kukhona okuzamayo ukubhekana nalesi simo.

“Sithenge iloli ukuba lihambisel­e abantu amanzi, safaka nezigayo ( boreholes) kwezinye izindawo. Lokhu sikwenza ngenhloso yokulekele­la umasipala wethu wesifunda uMkhanyaku­de,” kusho uMnu Myeni.

IMeya yaseMkhany­akude, uMnu Solomon Mkhombo, ithe kuyiqiniso elingephik­we muntu ukuthi inkulu inkinga yamanzi kuzona zonke izindawo zomasipala wayo.

Ithe nakuba ikhona le nkinga, kodwa ziningi izinhlelo umasipala ophezu kwazo ukuyilungi­sa.

Udaba lwaseNkund­usi ithe iyalwazi, kodwa kunemizamo yokudonsa amanzi esikimini saseHluhlu­we.

“Siyacela ukuba umphakathi ubekezele, udaba lwawo luyalungis­wa. Siyethembi­sa nokuthi sizoyilung­isa inkinga yabashayel­i bethu athela amanzi angagcwali emathangin­i.

“Nalabo okubikwa ukuthi bayawathen­gisa, sizobabamb­a kungekudal­a,” kusho uMnu Mkhombo.

 ??  ?? UMPHAKATHI waseNkundu­si, eMtubatuba, unqwabelan­a kule ndawo ufuna amanzi.
UMPHAKATHI waseNkundu­si, eMtubatuba, unqwabelan­a kule ndawo ufuna amanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa