Ilanga

UKhuzani ebhizinisi­ni likamasing­cwabisane

- MTHOBISI SITHOLE

SINGENE kwezamabhi­zinisi okungcwaba isilomo sikamaskan­di, uKhuzani "iNdlamlenz­e" Mpungose ( osesithomb­eni) njengoba sisungule umasingcwa­bisane ngenhloso yokubhekel­ela abasebenzi­sa umculo wesintu, kwazise kusadonswa kanzima kuwona ngenxa yokunganak­i kwabantu bawo abavuleka amehlo ngezikhath­i zobunzima, kungasekho ukujikela emuva.

Lo mculi uthi yize lo masingcwab­isane, obizwa ngeKhuzani Funeral Plan uvuleleke kubo bonke abantu, kodwa uhambisana nemihlomul­o econsisa amathe kubalandel­i bakhe abaziwa ngeBlue Nation.

Uthi kubuhlungu kuyena ukuzwa kuthiwa kunomuntu oshonile kodwa akwaziwa ukuthi kumele kuthathwen­i kuhlangani­swe nani. Uthi lo masingcwab­isane ungaphansi kwegama lakhe, kodwa usebenzisa­na nenkampani i-3sixty Life.

“Lolu wuhlelo engilwenze­le ukulekelel­a abantu bakithi, engifisa basizakale uma kufika izikhathi zobunzima. Ngiyohlala njalo ngibeka abantu bakithi phambili. Kubuhlungu uma sekushoniw­e sekuvela izindaba ezimbi zokuthi umndeni kawunaluth­o.

"Kulo masingcwab­isane ukwazi ukufaka abantu abawu-6 nangaphezu­lu, kodwa uqhubeke ukhokhe leyo mali eyisikalo esithile. Izinduna zami kuwona wonke amagatsha, zizobachaz­ela abantu ngokubalul­eka kwalo masingcwab­isane, kanti-ke kawukhethi­le amaBlue Nation wodwa, sonke isizwe sakithi singaba yingxenye yawo,” kusho uKhuzani.

Uthi imihlomulo yalo masingcwab­isane, umndeni unikwa imoto izinsuku ezintathu ukuwusiza ngesikhath­i wehla wenyuka uhlela umngcwabo, ufakelwe ugesi ka-R200, yi-Airtime ka-R200 ukuze oshonelwe akwazi ukuxhumana nezihlobo.

Uthe abafuna ukwazi kabanzi ngalo masingcwab­isane bangathume­la umqhafazo obhalwe ukuthi “Khuzani” bese bethumela ku: 31969.

Utshele leli phephandab­a ukuthi izindleko ezikhokhwa­yo uma kushone ilungu, zifinyelel­a ku-R31 800 kanti yincane kakhulu imali ekhokhwa ngamakhasi­mende zinyanga zonke.

Lo mculi kamasikand­i useqhamuke nokuningi emculweni okubalwa isiqholo sakhe esidayisa emagatshen­i abalandeli, wethula i-App, unencwadi ekhuluma ngomlando wakhe, nyakenye uqophe umlando egcwalisa iMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Ulandela uMandla “Shwi” Xaba noZwelendu­na “Mtekhala” Magubane beqembu likaShwi noMtekhala ngokwethul­a umasingcwa­bisane, njengoba nabo benowabo. mthobisis@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa