UKhuzani ebhizinisini likamasingcwabisane
SINGENE kwezamabhizinisi okungcwaba isilomo sikamaskandi, uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ( osesithombeni) njengoba sisungule umasingcwabisane ngenhloso yokubhekelela abasebenzisa umculo wesintu, kwazise kusadonswa kanzima kuwona ngenxa yokunganaki kwabantu bawo abavuleka amehlo ngezikhathi zobunzima, kungasekho ukujikela emuva.
Lo mculi uthi yize lo masingcwabisane, obizwa ngeKhuzani Funeral Plan uvuleleke kubo bonke abantu, kodwa uhambisana nemihlomulo econsisa amathe kubalandeli bakhe abaziwa ngeBlue Nation.
Uthi kubuhlungu kuyena ukuzwa kuthiwa kunomuntu oshonile kodwa akwaziwa ukuthi kumele kuthathweni kuhlanganiswe nani. Uthi lo masingcwabisane ungaphansi kwegama lakhe, kodwa usebenzisana nenkampani i-3sixty Life.
“Lolu wuhlelo engilwenzele ukulekelela abantu bakithi, engifisa basizakale uma kufika izikhathi zobunzima. Ngiyohlala njalo ngibeka abantu bakithi phambili. Kubuhlungu uma sekushoniwe sekuvela izindaba ezimbi zokuthi umndeni kawunalutho.
"Kulo masingcwabisane ukwazi ukufaka abantu abawu-6 nangaphezulu, kodwa uqhubeke ukhokhe leyo mali eyisikalo esithile. Izinduna zami kuwona wonke amagatsha, zizobachazela abantu ngokubaluleka kwalo masingcwabisane, kanti-ke kawukhethile amaBlue Nation wodwa, sonke isizwe sakithi singaba yingxenye yawo,” kusho uKhuzani.
Uthi imihlomulo yalo masingcwabisane, umndeni unikwa imoto izinsuku ezintathu ukuwusiza ngesikhathi wehla wenyuka uhlela umngcwabo, ufakelwe ugesi ka-R200, yi-Airtime ka-R200 ukuze oshonelwe akwazi ukuxhumana nezihlobo.
Uthe abafuna ukwazi kabanzi ngalo masingcwabisane bangathumela umqhafazo obhalwe ukuthi “Khuzani” bese bethumela ku: 31969.
Utshele leli phephandaba ukuthi izindleko ezikhokhwayo uma kushone ilungu, zifinyelela ku-R31 800 kanti yincane kakhulu imali ekhokhwa ngamakhasimende zinyanga zonke.
Lo mculi kamasikandi useqhamuke nokuningi emculweni okubalwa isiqholo sakhe esidayisa emagatsheni abalandeli, wethula i-App, unencwadi ekhuluma ngomlando wakhe, nyakenye uqophe umlando egcwalisa iMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Ulandela uMandla “Shwi” Xaba noZwelenduna “Mtekhala” Magubane beqembu likaShwi noMtekhala ngokwethula umasingcwabisane, njengoba nabo benowabo. mthobisis@ilanganews. co.za