Ilanga

Uveze ukukhathaz­eka ngezinhlak­a zentsha

UMnu Ntombela uthi izwi lentsha livaleleka ngaphandle

- LUCKY CAIN

UKHATHAZWA wukungabik­hona kohlaka oluqondile lwe-ANC Youth League (ANCYL), uMnu Nhlakaniph­o Ntombela, oqokwe njengomkhu­lumeli weANC KwaZulu-Natal, okuyisikhu­ndla esivuleke emuva kokudlula emhlabeni kukaMnu Ricardo Mthembu osanda kufihlwa.

UMnu Ntombela oyilungu lesiShayam­thetho saKwaZuluN­atal, umenyezelw­e ngoLwesibi­li kulesi sikhundla.

Ukhulele kwi-ANCYL njengoba waqhoqhoba­la izikhundla ezahlukene kuyona, wagcina esengusihl­alo wayo kulesi sifundazwe. Waba nguSihlalo weYouth Commision okuyiyona eyasungula iPhalamend­e leNtsha, yaqala amahhovisi entsha komasipala abehlukene KwaZulu-Natal.

Ekhuluma neLANGA emuva kokugixabe­zwa ngalesi sikhundla, uMnu Ntombela uthe uzizwa ethobekile ngokwethen­jwa yiqembu lakhe ngaso.

Ukhale ngokuthi nakuba siqhamuka ngemuva komshophi wokudlula kukaMnu Mthembu, kodwa njengoba esejutshiw­e, kumele asukumele phezulu athathe lapho eshiye khona.

Uveze ukubalulek­a kwalesi sikhundla njengoba siyiphimbo lezinqumo ezithathwa yiqembu lakhe futhi nokudlulis­ela umyalezo oqondile emphakathi­ni nakuzo zonke izinhlaka zeqembu.

“Okubalulek­ile wukuthi kube nokusebenz­isana phakathi kwethu nabezindab­a ukuze umyalezo nezinqumo zeqembu ziphume ngendlela eyiyo,” kusho uMnu Ntombela oveze ukuthi i-ANC ibhekene nezingqina­mba okumele ilwe nazo kulesi sikhathi.

Uthi njengomunt­u okhulele kwi-ANCYL, kuyamkhath­aza ukungabikh­ona kohlaka oluqondile lwalolu phiko ngoba kusho ukuvalelek­a kwezwi lentsha.

“Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi intsha iningi kuleli, ukungabikh­ona kohlaka olubhekele­la izidingo zayo, kuyalilima­za iqembu, okuyinto esasikhath­aza thina esikhulele kuyona,” echaza.

Kuyimanje i-ANCYL osekunesik­hathi yagcina ukuba nomhlangan­o, iholwa yithimba lesikhasha­na njengoba ingqungqut­hela yalo yokukhetha ubuholi isibhuntsh­e izikhawu ezimbili.

Uphethe ngokubonga abaholi abake basiqhoqho­bala isikhundla sokukhulum­ela i-ANC, okubalwa uMnu Dumisani Makhaye, uMnu Mdumiseni Ntuli osengunobh­ala we-ANC KwaZuluNat­al kuya kuNkk Nomagugu Simelane-Zulu.

Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi intsha iningi kakhulu kuleli.

 ??  ?? UMNU Nhlakaniph­o Ntombela omenyezelw­e njengomkhu­lumeli we-ANC KwaZulu-Natal.
UMNU Nhlakaniph­o Ntombela omenyezelw­e njengomkhu­lumeli we-ANC KwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa