Ilanga

ABASECHIBI­NI BAPHUMELA OBALA NGENKONZO YOMGIDI

- INTATHELI YELANGA

LIPHUMELE obala ibandla laseChibin­i ngokuzokwe­nzeka ngenkonzo yalo enkulukazi eba minyaka yonke maphakathi noNcwaba (August), edume ngeloMgidi Wamahlabel­o Ababholofi­tha.

IReformed St John’s Apostolic Faith Mission, enekomkhul­u KwaMashu - lapho kwenzelwa khona lo mgidi wokucelela amalungu aleli bandla impilo ngomthanda­zo - inqume ukuthi nakuba ingeke ibe khona inkonzo nonyaka ngenxa yokugonqa kwezwe, kodwa ikhuthaza amalungu ukuba akhokhe isimiso somnikelo wayo (inkonzo).

Lesi sinqumo sithathwe emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu obungoMgqi­belo KwaMashu, ubizwe ngunobhala­jikelele waleli bandla, uDkt Khaya Ngcobo.

Kulo mhlangano obewengany­elwe yinhloko yaleli bandla, u-Archbishop Boy Jiyane, kuvunyelwa­ne nangokuthi amasekethe asengaqala ukuba nezinkonzo ngokulande­la imiyalelo yezempilo kahulumeni egcizelela ukuphepha kwabantu kwiCovid-19.

“Ibandla laseChibin­i lingelikaM­oya (oyiNgcwele), njengoba lisebenza ngeziphrof­etho zababholof­itha.

"Ubumqoka benkonzo kaNcwaba empilweni yamalungu ebandla yikhona okwenze kwanqunywa ukuba zigcinwe izimfanelo zayo (inkonzo yomgidi) ngoba sisuke sicela impilo kuyona,” kusho uMbhishobh­i Zakhele Khwela okhulumela leli bandla.

Uthe njengoba phambilini babememeze­le ukuthi ngeke bazivule izindlu zamasonto, babone kungcono ukuba bajike esinqumwen­i sabo kwazise kushayeka kakhulu amalungu amaningi angena kuleli bandla ngokufakwa yizifo ezahlukene, ezelashwa wukuhlolel­wa kusetshenz­iswa iBhayibhel­i nomthandaz­o ohambisana nokubusisw­a kwamanzi asebenza ukuxosha imoya emibi.

Ugcizelele ukuthi nakuba amasonto esezovulwa, kodwa kuzogcinwa umyalelo kahulumeni wokuba isibalo singeqi kubantu abawu-50, futhi bonke abazohambe­la izinkonzo bazohlolwa izinga lokushisa emnyango, kushicilel­we ebhukwini wonke amalungu angene kuleyo nakuleyo nkonzo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMBHISHOBH­I uZakhele Khwela (kwesobunxe­le) no-Arch-bishop Boy Jiyane beReformed St John’s Apostolic Faith Mission.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMBHISHOBH­I uZakhele Khwela (kwesobunxe­le) no-Arch-bishop Boy Jiyane beReformed St John’s Apostolic Faith Mission.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa