ABASECHIBINI BAPHUMELA OBALA NGENKONZO YOMGIDI
LIPHUMELE obala ibandla laseChibini ngokuzokwenzeka ngenkonzo yalo enkulukazi eba minyaka yonke maphakathi noNcwaba (August), edume ngeloMgidi Wamahlabelo Ababholofitha.
IReformed St John’s Apostolic Faith Mission, enekomkhulu KwaMashu - lapho kwenzelwa khona lo mgidi wokucelela amalungu aleli bandla impilo ngomthandazo - inqume ukuthi nakuba ingeke ibe khona inkonzo nonyaka ngenxa yokugonqa kwezwe, kodwa ikhuthaza amalungu ukuba akhokhe isimiso somnikelo wayo (inkonzo).
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu obungoMgqibelo KwaMashu, ubizwe ngunobhalajikelele waleli bandla, uDkt Khaya Ngcobo.
Kulo mhlangano obewenganyelwe yinhloko yaleli bandla, u-Archbishop Boy Jiyane, kuvunyelwane nangokuthi amasekethe asengaqala ukuba nezinkonzo ngokulandela imiyalelo yezempilo kahulumeni egcizelela ukuphepha kwabantu kwiCovid-19.
“Ibandla laseChibini lingelikaMoya (oyiNgcwele), njengoba lisebenza ngeziphrofetho zababholofitha.
"Ubumqoka benkonzo kaNcwaba empilweni yamalungu ebandla yikhona okwenze kwanqunywa ukuba zigcinwe izimfanelo zayo (inkonzo yomgidi) ngoba sisuke sicela impilo kuyona,” kusho uMbhishobhi Zakhele Khwela okhulumela leli bandla.
Uthe njengoba phambilini babememezele ukuthi ngeke bazivule izindlu zamasonto, babone kungcono ukuba bajike esinqumweni sabo kwazise kushayeka kakhulu amalungu amaningi angena kuleli bandla ngokufakwa yizifo ezahlukene, ezelashwa wukuhlolelwa kusetshenziswa iBhayibheli nomthandazo ohambisana nokubusiswa kwamanzi asebenza ukuxosha imoya emibi.
Ugcizelele ukuthi nakuba amasonto esezovulwa, kodwa kuzogcinwa umyalelo kahulumeni wokuba isibalo singeqi kubantu abawu-50, futhi bonke abazohambela izinkonzo bazohlolwa izinga lokushisa emnyango, kushicilelwe ebhukwini wonke amalungu angene kuleyo nakuleyo nkonzo.