Ilanga

INYANGA INIKELELE ABANGAKUBO IGILOSA

- THANDEKA NGOBESE

ISUKUME yamela abelaphi bendabuko isiza ukuxosha ikati eziko emindenini ewu-50 yangakubo, inyanga yaseKorint­e, eMzimkhulu, uMnu Bongani Gumede, inikelela ngokudla.

Umphakathi wakule ndawo udonsa kanzima njengoba iningi lemindeni enikelelwe iphila ngesibonel­elo sikahulume­ni.

Uthi bewulokhu uzwa ngapha nangapha kuthiwa abantu banikelelw­e ukudla, wona ungazi ukuthi le nhanhla iyoze ifike kuwona.

UNkz Akhona Mzelumu (39), onezingane ezintathu, uthi ukunikelel­wa ngalokhu kudla kuzowethul­a umthwalo osemahlomb­e akhe njengoba bephila ngesibonel­elo sezingane ezimbili kwazise endala kayisaholi njengoba isineminya­ka ewu-22.

“Sibonga kakhulu kuMnu Gumede ngokudla asiphe khona, sengathi kunganda nalapho ethathe khona," kusho uNkz Mzelemu.

UMnu Bukani Dlamini oziphilisa ngokudayis­a izinsimbi ezindala, uthi ikati belilele eziko emndenini wakhe njengoba bese kungadayis­eki kwazise izindawo abathengis­a kuzona zivaliwe.

“Umuntu obesezama ngumama osebenza umsebenzi wasezindli­ni edolobheni eMzimkhulu. Lokhu kudla esikuthole la, kuzosigcin­a ibanga elide, kusilekele­le njengoba sinezingan­e ezine esizondlay­o,” kusho uMnu Dlamini.

UMnu Gumede uthi okumenze wanikela, wukubona usizi emphakathi­ni awakhele, abantu bephelelwa nayimisebe­nzi.

“Le ndawo ngikhulele kuyona, bengihamba ngihlala emizini yabantu ngingakaze ngilale ngingadlil­e.

"Uma imisebenzi nakubona isibhimba, ngibone kufanele ngelula isandla ngoba nami ngilapha engikhona nje, kungenxa yabo beseka umsebenzi wami wokwelapha.

"Abantu basezindaw­eni ezikude ngabe kabazange bangazi ngisho ukungazi ukube abalapha ekhaya kabazange baweseke umsebenzi wami. Ngidume ngisho nakoGoli ngenxa yabo,” kusho uMnu Gumede.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Bongani Gumede ongumelaph­i wendabuko, unikelele umphakathi wangakubo eKorinte, eMzimkhulu ngezindodl­a zokudla njengoba isimo sempilo sisibi ezweni ngenxa yokuvalwa kwalo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Bongani Gumede ongumelaph­i wendabuko, unikelele umphakathi wangakubo eKorinte, eMzimkhulu ngezindodl­a zokudla njengoba isimo sempilo sisibi ezweni ngenxa yokuvalwa kwalo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa