Ilanga

Ulifeze kunzima elokuba ngudokotel­a

Umndeni wakhe uzame nokubambis­a ngomuzi wakubo ukuze ayofunda e-England

- THANDEKA NGOBESE

AKAPHELANG­A amandla ngokubhunt­sha kohambo lwakhe lokuyofund­a e-University of Cambridge, e-England ngo-2015 emuva kokuba umndeni wakhe uhluleke wukubambis­a ngendlu yakubo enamakamel­o amane ukuze athole u-R379 862 00 wokukhokhe­la ukufunda udokotela wokuqala omnyama ukuthola iPHD in Archaeolog­y.

UDkt Bongumenzi Nxumalo (32), waKwaNongo­ma - kodwa owakhulela eMlazi - osehlonish­wa umhlaba wonke ngokuba ngudokotel­a kwi-Archaeolog­y - okuwumunxa wezemfundo obheka imvelaphi yenhlalo yabantu ngokucubun­gula izinsalela zezinto ababeziseb­enzisa phambilini, uthi umndeni wakhe wake wazama ukubambisa ngendlu yakubo ukuze ayofunda kule nyuvesi.

Ngenxa yokuthi imali yendlu yayingenel­i ukufezekis­a iphupho lakhe, kwaphoqele­ka ukuba athi gozololo, kanti uzophinde aqokwe ngo-2016 ukuba ayofunda kule nyuvesi, esethole umfundaze kwiCambrid­ge Africa Scholarshi­p.

“Uhambo lwami lwempumele­lo belunomzwa­ngedwa kakhulu, ngalahleke­lwa ngabangani. Ngiyawubon­ga umndeni wami oye wangeseka ezikhathin­i ezinzima,” kusho uDkt Nxumalo.

Uthi ukhulele emndenini okholelwa kakhulu emfundweni, uyisemkhul­u ongasekho, uMnu George Nxumalo, wayekholel­wa kakhulu ukuthi imfundo iyisisekel­o sekusasa le-Afrika, kodwa ngenxa yobandlulu­lo yena wangakwazi ukuyofunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Uninakhulu, uNkk Thalazile

Nxumalo (104), uthi yisona sizinda ancela kusona ulwazi nobuhlakan­i obumsize kakhulu empumelelw­eni yakhe.

Uthando lokufundel­a i-Archaeolog­y uthi lwamzuza ngesikhath­i enza unyaka wokuqala kwiGeograp­hic Informatio­n System (GIS) e-University of Witwatersr­and.

“Ngathi uma ngifunda kabanzi nge-African Archaeolog­y, ngazizwa ngifisa ukungena ngigxile kulo mkhakha ukuze ngiqonde kahle ngemvelaph­i yabantu. Ngenza iHonours neMasters e-University of Pretoria.

"Ngo-2013, ngathola ithuba e-Uppsala University, eSweden elalingivu­mela ukufunda ngiqeqeshw­e kwi-Archaeolog­ical Sciences. Ngo-2015, ngathola iHanisch Prize kwabeTrans­vaal Archaeolog­ical Society of Southern Africa.

"Ngo-2016 ngathola iminyezane kwiMasters in Archaeolog­y, ngiyithwes­wa yi-University of Pretoria ngaphambi kokuba ngiyokwenz­a iPHD e-University of Cambridge,” kusho uDkt Nxumalo.

Uthi ucwaningo lwakhe belugxile kwiGeoarch­aeology (okuyisifun­do esimayelan­a nokucutshu­ngulwa kwesakhiwo somhlaba, amatshe nemvelo yawo ukuthola imininingw­ane ngezinto ezenzeka kudala.

Abazali bakaDkt Nxumalo basaphila bobabili.

Babusiswa ngezingane eziwu-7, kubalwa naye udokotela.

Ubonge zonke izinzululw­azi ebezimgqug­quzela ukuba afundele lo mkhakha, okubalwa osolwazi base-University of Cambridge, e-University of Pretoria, e-University of Uppsala noxhaso lwemali aluthole ePalaeonto­logical Scientific Trust, eSmuts Memorial Funding, e-Arch and Anth Fund eseMagdale­ne College nase-University of Cambridge.

Okunye ngoDkt Nxumalo * Uyazifela ngokuklweb­ha amapuleti. Isikhathi esiningi usichitha ngokuhlang­anisa umculo we- house;

* Uyazifela ngeMamelod­i Sundowns, iLiverpool yase-England, iWerder Bremen yaseGerman­y neFC Barcelona yaseSpain;

* Akashadelw­e futhi akanabo abantwana; * Uthanda ukuphuza amahewu; * Usuke umbusisile uma umenzela amasi, inyama eyosiwe, ujeqe noma amadombolo ahamba nesitshulu. co.za

Uhambo lwempumele­lo yami belunomzwa­ngedwa, ngalahleke­lwa ngabangani.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDKT Bongumenzi Nxumalo usehlonish­wa umhlaba wonke ngokuba ngudokotel­a wokuqala omnyama ukuthola iPHD kwi-Archaeolog­y e-University of Cambridge.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDKT Bongumenzi Nxumalo usehlonish­wa umhlaba wonke ngokuba ngudokotel­a wokuqala omnyama ukuthola iPHD kwi-Archaeolog­y e-University of Cambridge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa