Ilanga

Sibhekephi njengesizw­e esimnyama uma sinemiphak­athi enje?

- Mfu Nicholas Mthethwa E-RICHARDS BAY

MHLELI: Kuyakhatha­za kakhulu ukubona isimo-mqondo seningi lemiphakha­thi esiphila nayo eNingizimu Afrika. Lokhu ngikusho ngoba ziyenyuka izigameko lapho imiphakath­i ithatha izinqumo ezishaqisa­yo nezibuhlun­gu ngenxa yenzwabeth­i.

Okudabukis­ayo wukuthi lezi zinto zivame kakhulu kithina abamnyama, kawuzizwa kwabezinye izinhlanga. Mhleli, ngithintwa yindaba yomndeni wakwaShaba­ngu, eNew Hanover, ( ILANGA 23-25, ekhasini 5), phansi kwesihloko esithi: “Bashiselwe umuzi ‘ngenhlamba’ kuFacebook”.

Iyethusa le nto okuthiwa yenziwe wumphakath­i wakule ndawo. Usungaze ushaye umama wekhaya (55) namadodaka­zi akhe amabili, kushiswe nomuzi ngenxa-nje yenhlamba!

Lapha umndeni wakwaShaba­ngu kuthiwa uyaziphika lezi zinsolo, kodwa umphakathi uqhubekile wawushaya, washisa nomuzi. Njengomfun­disi, ngibona kufanele manje kubekhona esikushoyo ukufundisa imiphakath­i esiphila kuyo.

Kubaluleke ukuthi uma ungumuntu, uzifundise ungazimban­dakanyi ezimeni ezifana nalesi ungenasiqi­niseko. Masifunde njengabant­u, ukuthi (1) senze ucwaningo ngodaba esiluzwayo; (2) sibuze imibuzo ngendlela ezosisiza ukuthi sithole iqiniso ngodaba lolo. Lokhu kuyosisiza ukuthi sithathe izinqumo eziphusile, ezisekelwe yiqiniso.

Okokugcina, masingabi ngothathek­ile senze izinto ngoba sifuna ukuthokozi­sa abanye abantu. Uma ngingabuza nje, ngalolu daba lomndeni wakwaShaba­ngu; ukhona yini oke wazihlupha ngokwenza ucwaningo, wahlolisis­a ukuthi lezi zinsolo zibhalwe yiyo ngempela na indodadaka­zi yalo mndeni?

Kuthiwa zavela lezi zinsolo zibhekiswe endodakazi­ni endala, zadlula, zabuye zavela futhi sezibhekis­we kweyesibil­i. Kambe kungenzeka yini ukuthi abantu ababili bonakale ngokufana ncimishi emndenini?

Kuthiwa uthuke umphakathi ukhona umuntu ongaxabana nabo bonke abantu bomphakath­i? Ake sithi-ke noma ngabe yiqiniso, lokhu kwenziwe yiyo indodakazi yakwa-Shabangu, sekungaze kushiswe umuzi, kushaywe nomuntu omdala ongazi lutho ngenxa nje yenhlamba?

Ngabe lolu wuhlobo lwemiphaka­thi eyakhiwe yimindeni, ekhulisa abantwana abazoba yizakhamiz­i nemiphakat­hi esizoziqhe­nya ngayo kusasa?

Njengoba izwe lonke lilwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane, ngabe sizokubona kuphela esikhathin­i esizayo sekuphethe izingane ezikhulisw­e yimiphakat­hi ecabanga, yenze kanje?

Mhleli, ngihlushwa wukuthi eminyakeni engaphansi kweshumi eyedlule, kwavela ezindabeni udaba olucishe lufane nalolu lapho, umphakathi washaya, wabulala omunye umuntu umsola ngokuthi ubulele ingane eyayinyama­lele.

Emuva kwezinsukw­ana eshonile umsolwa, yatholakal­a ingane iphila. Bashonaphi ubuntu esizweni sakithi? Ngizoma lapha okwamanje Mhleli, kodwa nginesifis­o sokubhala esinye isiqephu mayelana nomsusa wakho konke lokhu, okungabant­u abafafaza amanga ngabanye abantu.

Kubaluleki­le ukuthi bakhiwe labo bantu ngoba yibo abayinking­a kakhulu emphakathi­ni wethu, futhi bayingozi nakubona uqobo lwabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa