Sibhekephi njengesizwe esimnyama uma sinemiphakathi enje?
MHLELI: Kuyakhathaza kakhulu ukubona isimo-mqondo seningi lemiphakhathi esiphila nayo eNingizimu Afrika. Lokhu ngikusho ngoba ziyenyuka izigameko lapho imiphakathi ithatha izinqumo ezishaqisayo nezibuhlungu ngenxa yenzwabethi.
Okudabukisayo wukuthi lezi zinto zivame kakhulu kithina abamnyama, kawuzizwa kwabezinye izinhlanga. Mhleli, ngithintwa yindaba yomndeni wakwaShabangu, eNew Hanover, ( ILANGA 23-25, ekhasini 5), phansi kwesihloko esithi: “Bashiselwe umuzi ‘ngenhlamba’ kuFacebook”.
Iyethusa le nto okuthiwa yenziwe wumphakathi wakule ndawo. Usungaze ushaye umama wekhaya (55) namadodakazi akhe amabili, kushiswe nomuzi ngenxa-nje yenhlamba!
Lapha umndeni wakwaShabangu kuthiwa uyaziphika lezi zinsolo, kodwa umphakathi uqhubekile wawushaya, washisa nomuzi. Njengomfundisi, ngibona kufanele manje kubekhona esikushoyo ukufundisa imiphakathi esiphila kuyo.
Kubaluleke ukuthi uma ungumuntu, uzifundise ungazimbandakanyi ezimeni ezifana nalesi ungenasiqiniseko. Masifunde njengabantu, ukuthi (1) senze ucwaningo ngodaba esiluzwayo; (2) sibuze imibuzo ngendlela ezosisiza ukuthi sithole iqiniso ngodaba lolo. Lokhu kuyosisiza ukuthi sithathe izinqumo eziphusile, ezisekelwe yiqiniso.
Okokugcina, masingabi ngothathekile senze izinto ngoba sifuna ukuthokozisa abanye abantu. Uma ngingabuza nje, ngalolu daba lomndeni wakwaShabangu; ukhona yini oke wazihlupha ngokwenza ucwaningo, wahlolisisa ukuthi lezi zinsolo zibhalwe yiyo ngempela na indodadakazi yalo mndeni?
Kuthiwa zavela lezi zinsolo zibhekiswe endodakazini endala, zadlula, zabuye zavela futhi sezibhekiswe kweyesibili. Kambe kungenzeka yini ukuthi abantu ababili bonakale ngokufana ncimishi emndenini?
Kuthiwa uthuke umphakathi ukhona umuntu ongaxabana nabo bonke abantu bomphakathi? Ake sithi-ke noma ngabe yiqiniso, lokhu kwenziwe yiyo indodakazi yakwa-Shabangu, sekungaze kushiswe umuzi, kushaywe nomuntu omdala ongazi lutho ngenxa nje yenhlamba?
Ngabe lolu wuhlobo lwemiphakathi eyakhiwe yimindeni, ekhulisa abantwana abazoba yizakhamizi nemiphakathi esizoziqhenya ngayo kusasa?
Njengoba izwe lonke lilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ngabe sizokubona kuphela esikhathini esizayo sekuphethe izingane ezikhuliswe yimiphakathi ecabanga, yenze kanje?
Mhleli, ngihlushwa wukuthi eminyakeni engaphansi kweshumi eyedlule, kwavela ezindabeni udaba olucishe lufane nalolu lapho, umphakathi washaya, wabulala omunye umuntu umsola ngokuthi ubulele ingane eyayinyamalele.
Emuva kwezinsukwana eshonile umsolwa, yatholakala ingane iphila. Bashonaphi ubuntu esizweni sakithi? Ngizoma lapha okwamanje Mhleli, kodwa nginesifiso sokubhala esinye isiqephu mayelana nomsusa wakho konke lokhu, okungabantu abafafaza amanga ngabanye abantu.
Kubalulekile ukuthi bakhiwe labo bantu ngoba yibo abayinkinga kakhulu emphakathini wethu, futhi bayingozi nakubona uqobo lwabo.