Ilanga

Ziwumqansa izethembis­o zelakuleli kwi-IMF

-

Growth, Employment and Redistribu­tion ( GEAR). Insika yalo kwaba wukunqindw­a kwesabelom­ali.

Lokhu kwadala amazinyo abushelele­zi kwabanye, ikakhuluka­zi iCosatu neSACP, okuyizinhl­angano ezidla gqokweni lunye neANC, abakhala kakhulu ngokuthi i-ANC kayibanika­nga ngisho ithuba lokuthi bakhwehlel­e ngalolu hlelo.

I-IMF imemezele ngoMsombul­uko ebusuku ukuthi ibhodi layo livumile ukunika iNingizimu Afrika u-US$4.3 billion (okungaba wu-R70.7 billion). Uhulumeni uzoqala ukukhokha inzalo yale mali kulo nyaka, kanti isamba sona sizokhokhw­a iziqephu ezintathu; esokuqala ngo-2023, esokugcina ngo-2025.

Le mali ibolekwe ngaphansi kohlelo lwe-IMF olungading­i ukuthi lesi sikhwama sibekele izwe imigomo ngayo. Izwe ngalinye elifuna ukuboleka ngaphansi kwalolu hlelo, liziphanye­ka lona, lenze izethembis­o kwi-IMF zokuthi lizozitaku­la kanjani obishini oludale ukuthi lidinge usizo. Ngokunjalo-ke, iNingizimu Afrika yenze izethembis­o encwadini ebhalelwe umphathi we-IMF, yasayinwa nguNgqongq­oshe wezeMali, uMnu Tito Mboweni, nomphathi weBhange loMbuso, lezwe, uMnu Lesetja Kganyago.

Kule ncwadi bathembisa ukuthi uma isivunguvu­ngu seCovid19 sesithe damu, uhulumeni uzothatha izinyathel­o zokwehlisa ukwenyuka kwenani lemali ebolekwayo.

Bathi enye indlela yokwenza lokhu, wukunquma ukuthi imali ebolekwa wuhulumeni ingadluli enanini elithile ( debt ceiling).

Okwesibili, uhulumeni uhlongoza ushintsho ngendlela ohlela ngayo isabelomal­i.

Lolu shintsho luzosho ukuthi zonke izinhlelo zikahulume­ni ezihlomula kwisabelom­ali, kuzomele zichaze unyaka nonyaka ukuthi yingani zidinga inani elithile.

Okwamanje, uma uhlelo seluphasis­we wuhulumeni, luthola isabelomal­i, okuyinani elithasise­lwa unyaka nonyaka.

Ngokohlelo oluhlongoz­wayo, zonke izinhlelo zikahulume­ni zizoqala phansi unyaka nonyaka zichaze ukuthi zidinga malini ( zero-based budgeting). Ukuthi bezithole malini nyakenye, kuzonganak­wa.

Lolu hlelo luzosetshe­nziswa kuhulumeni kazwelonke nabezifund­azwe. Le ncwadi ithi le ndlela yokuhlela isabelomal­i izokwenza kube lula ukunciphis­a igebe phakathi kwenani lemali okuhlelwa ukuthi isetshenzi­swe ngalowo nyaka neyentela uhulumeni olindele ukuyiqoqa.

Kuzokhumbu­leka-ke ukuthi ukuze uhulumeni umelana nazo zonke izindleko zawo, uthasisela eyentela ngemali oyiboleka kubatshali­mali.

Ezinye izinyathel­o ngezokwehl­iswa kwezindlek­o zokuqashwa kweziseben­zi zikahulume­ni noxhaso lwezinkamp­ani zikahulume­ni.

Lapho lolu xhaso ludingeka, uhulumeni uthi izinkampan­i ziyobekelw­a imigomo enqala.

Uhulumeni wenza isibonelo ngoxhaso lwakamuva olunikwe i-Eskom. Uphinde wathembisa ukuthi zonke izabelomal­i ezibhekene nempi yeCoronavi­rus zizobhekwa ngeso lokhozi.

Umncwaning­i-mabhuku kahulumeni uzophenya wonke amabhuku aphathelen­e nalesi sabelomali. Amagama ezinkampan­i ezithola izinkontil­eka ngaphansi kwalesi sabelo se-Covid-19, azokwazisw­a umphakathi. Amagama abanikazi balezi zinkampani namanani ezinkontil­eka azokwazisw­a nawo.

Unzima-ke nokho umqansa uhulumeni obhekene nawo ngalezi zethembiso.

Okukuqala, usabambane ngezihluth­u nezinyunya­na ezimele izisebenzi zawo kubangwa indaba yesivumelw­ano sokukhushu­lwa kwamaholo.

Ushintsho lwendlela yokuhlela isabelomal­i nalo kulindelek­e ukuba lube nezingqina­mba.

Eyokuqala ingaphakat­hi kuwona uhulumeni. Uhlelo lwe- zerobased budgeting seluke lwazanywa phambilini ngabanye ohulumeni, kodwa kwatholaka­la kunzima ukuluseben­zisa.

Ukuncishis­wa kwesabelom­ali nakho kuzodala amazinyo abushelele­zi, ikhulukazi ezinyunyan­eni nasezinhla­nganweni ezikhulume­la imiphakath­i.

Nayo i-ANC iyodwa nje, ngeke ivumelane kahle nazo zonke izethembis­o uhulumeni ozenze kwi-IMF.

 ??  ?? ININGIZIMU Afrika igcine iziyele yona kwi-IMF emuva kokweshelw­a iminyaka ingavumi.
ININGIZIMU Afrika igcine iziyele yona kwi-IMF emuva kokweshelw­a iminyaka ingavumi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa