Ilanga

I-SOCIAL MEDIA ISIKHIPHE UMLOMO ESITAYELEN­I

-

LE nto yabangani baku- social media kangiyizwi­sisi. Uthola umuntu ethi unezinkulu­ngwane ngezinkulu­ngwane zabangani, kodwa abe engenaye ngisho noyedwa vo owangempel­a empilweni yakhe.

Nokungeban­i sekunabala­ndeli kulezi zinsuku, ungazi ukuthi umuntu bamlandela nje unguMose ubayisa eKhenani yini.

Ngiyayiqon­da eyosaziway­o nalabo abathengis­ayo ngoba phela basuke befuna ukuthola amakhasime­nde.

Kade ngihlekwa yindodana yami uma ngiyitshel­a ukuthi bangaki abangani enginabo kwiFaceboo­k, ize yathi ingangisiz­a ukuze ngivale ihlazo.

Nayo le Facebook ndini ingihlupha mihla namalanga, ingitshela ngabantu okungenzek­a ngibazi, sengathi mina kangibazi kahle abantu engibaziyo.

Nengingaba­zi kangingaba­zi ukuthi kangibazi. Kunabanye abadume ngokuba ngabangani banoma ngubani, iFacebook ekutshela ngabo ukuthi mhlawumbe nawe ungathanda ukujoyina umgwenya, ubenze abangani bakho.

Abanye kuke kube ngabantu abasebenza lapho uke wasebenza khona noma bafunda ezikoleni oke wafunda kuzo kanti nabangani babangani kabasali.

Abaningi bayazicele­la ubungani bebe bengakwazi, uzibuze nje ukuthi kanti abantu sebabulawa yisizungu ngale ndlela yokuthi bahamba bezilahla kunoma ngubani.

Uthola umuntu esezichaza ukuthi ungumngani nomuntu owazana naye, sengathi lokho kwenza umehluko. Okusalayo, kasazani, ulahlekelw­e ngabangani yini noma ubenzeni labo obunabo? Nami kangiwufun­i umgodi onganukwan­ja.

Nakulaba obazi kahle, kukhona laba abathanda izinto, umuntu akuthole kuFacebook, axhumane nawe, gwiqiqi, usekumemel­a kuzo zonke ezinye izindawo ongekho kuzo sengathi nidlala umacashela­na njengezing­ane ezincane.

Lokhu phela kuyafana nomuntu okufonela ocingweni lwasekhaya, nithi nisaxoxa kukhale umakhalekh­ukhwini wakho, uthi uyawuphend­ula uthole ukuthi kusenguye.

Manje usubambe izingcingo ezimbili, ukhuluma nomuntu oyedwa.

Umuntu nomuntu uzikhethel­a into ayithanday­o, bese ehlala lapho ezizwa ekhululeke khona, ngakho uma uxhumene nami kuFacebook, uyazi ukuthi ungitholap­hi, musa ukufuna ngikuxoshi­se kwi- social media yonke lena, ngilokhu ngivula amaakhawun­ti ngapha nangapha, ngilandela­na nawe.

Ukhona umngani wami onjalo, usenama-akhawunti evile kwawu-10 ngoba konke okufikayo kwaziwa nguye.

Kwale uma kufika lezi zinto zokuxhuman­a ngama- video okuthiwa ngoZoom noHousepar­ty, nangu umuntu esethi masixhuman­e ngazo, Namuhla yile, kusasa yileya, ngamane ngamtshela ukuthi angithi uyakwazi ukungithol­a ocingweni, kuFacebook nange- email pho-ke inkinga ikuphi lapho.

Phela zonke lezi zinto zidla i- data sengathi zidla amakinati.

Noma uvuma ukuxhumana ngalezi zinto, uthola ukuthi umuntu akukho lutho olutheni afuna ukukhuluma ngalo sengathi i- data yakho ithengwa nguyena noma uyicosha phansi ilahliwe.

Uthola ukuthi ngesikhath­i nisasebenz­a ndawonye naningaxox­i nokuxoxa lokhu, kodwa manje ucabanga ukuthi wena ufuna ukuxoxa naye ngoba nje nakhu nikuZoom. Uzizwe usufuna ukucula le ngoma kaLira ethi

“Sukundimos­hel’ Ixesha”. Abantu abadala bagcina sebefana nezingane bexoxa ngoFaceboo­k noma iTwitter bebe behleli ndawonye kusofa.

Ubone umuntu ethumelela owakwakhe umlayezo emfisela usuku lokuzalwa oluhle, esho nokuthi uhleli naye.

Akusakhulu­nywa ngomlomo kulezi zinsuku, sekukhulun­ywa nge- social media. Abazali sebetshela izingane izinto ngeWhatsap­p, zibe zizivalele emagunjini azo. “Woza uzothatha ukudla ekhishini, sesiphakil­e”, ngumama loyo ethumela iWhatsapp.

Uthola ukuthi nisasebenz­a ndawonye naningaxox­i nokuxoxa...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa