I-SOCIAL MEDIA ISIKHIPHE UMLOMO ESITAYELENI
LE nto yabangani baku- social media kangiyizwisisi. Uthola umuntu ethi unezinkulungwane ngezinkulungwane zabangani, kodwa abe engenaye ngisho noyedwa vo owangempela empilweni yakhe.
Nokungebani sekunabalandeli kulezi zinsuku, ungazi ukuthi umuntu bamlandela nje unguMose ubayisa eKhenani yini.
Ngiyayiqonda eyosaziwayo nalabo abathengisayo ngoba phela basuke befuna ukuthola amakhasimende.
Kade ngihlekwa yindodana yami uma ngiyitshela ukuthi bangaki abangani enginabo kwiFacebook, ize yathi ingangisiza ukuze ngivale ihlazo.
Nayo le Facebook ndini ingihlupha mihla namalanga, ingitshela ngabantu okungenzeka ngibazi, sengathi mina kangibazi kahle abantu engibaziyo.
Nengingabazi kangingabazi ukuthi kangibazi. Kunabanye abadume ngokuba ngabangani banoma ngubani, iFacebook ekutshela ngabo ukuthi mhlawumbe nawe ungathanda ukujoyina umgwenya, ubenze abangani bakho.
Abanye kuke kube ngabantu abasebenza lapho uke wasebenza khona noma bafunda ezikoleni oke wafunda kuzo kanti nabangani babangani kabasali.
Abaningi bayazicelela ubungani bebe bengakwazi, uzibuze nje ukuthi kanti abantu sebabulawa yisizungu ngale ndlela yokuthi bahamba bezilahla kunoma ngubani.
Uthola umuntu esezichaza ukuthi ungumngani nomuntu owazana naye, sengathi lokho kwenza umehluko. Okusalayo, kasazani, ulahlekelwe ngabangani yini noma ubenzeni labo obunabo? Nami kangiwufuni umgodi onganukwanja.
Nakulaba obazi kahle, kukhona laba abathanda izinto, umuntu akuthole kuFacebook, axhumane nawe, gwiqiqi, usekumemela kuzo zonke ezinye izindawo ongekho kuzo sengathi nidlala umacashelana njengezingane ezincane.
Lokhu phela kuyafana nomuntu okufonela ocingweni lwasekhaya, nithi nisaxoxa kukhale umakhalekhukhwini wakho, uthi uyawuphendula uthole ukuthi kusenguye.
Manje usubambe izingcingo ezimbili, ukhuluma nomuntu oyedwa.
Umuntu nomuntu uzikhethela into ayithandayo, bese ehlala lapho ezizwa ekhululeke khona, ngakho uma uxhumene nami kuFacebook, uyazi ukuthi ungitholaphi, musa ukufuna ngikuxoshise kwi- social media yonke lena, ngilokhu ngivula amaakhawunti ngapha nangapha, ngilandelana nawe.
Ukhona umngani wami onjalo, usenama-akhawunti evile kwawu-10 ngoba konke okufikayo kwaziwa nguye.
Kwale uma kufika lezi zinto zokuxhumana ngama- video okuthiwa ngoZoom noHouseparty, nangu umuntu esethi masixhumane ngazo, Namuhla yile, kusasa yileya, ngamane ngamtshela ukuthi angithi uyakwazi ukungithola ocingweni, kuFacebook nange- email pho-ke inkinga ikuphi lapho.
Phela zonke lezi zinto zidla i- data sengathi zidla amakinati.
Noma uvuma ukuxhumana ngalezi zinto, uthola ukuthi umuntu akukho lutho olutheni afuna ukukhuluma ngalo sengathi i- data yakho ithengwa nguyena noma uyicosha phansi ilahliwe.
Uthola ukuthi ngesikhathi nisasebenza ndawonye naningaxoxi nokuxoxa lokhu, kodwa manje ucabanga ukuthi wena ufuna ukuxoxa naye ngoba nje nakhu nikuZoom. Uzizwe usufuna ukucula le ngoma kaLira ethi
“Sukundimoshel’ Ixesha”. Abantu abadala bagcina sebefana nezingane bexoxa ngoFacebook noma iTwitter bebe behleli ndawonye kusofa.
Ubone umuntu ethumelela owakwakhe umlayezo emfisela usuku lokuzalwa oluhle, esho nokuthi uhleli naye.
Akusakhulunywa ngomlomo kulezi zinsuku, sekukhulunywa nge- social media. Abazali sebetshela izingane izinto ngeWhatsapp, zibe zizivalele emagunjini azo. “Woza uzothatha ukudla ekhishini, sesiphakile”, ngumama loyo ethumela iWhatsapp.
Uthola ukuthi nisasebenza ndawonye naningaxoxi nokuxoxa...