Ilanga

ISITOBHA SOSUTHU SESIMAGANG­E NGEYOKUSON­GA I-PSL

- MZWAMANDLA ZONDI langeSonto.

SESIMAGANG­E isitobha samaZulu FC ngebuya lemidlalo ye-Absa Premiershi­p ezoqala ngomhla ka-11 kuNcwaba (August) emuva kokuhlaba ikhefu lezinyanga ezine kungadlalw­a ngenxa yeCovid-19.

NgoMsombul­uko u-Irvin “Iron Duke” Khoza onguSihlal­o wePremier Soccer League (PSL) umemezele ukuthi iyabuya imidlalo yalesi sigaba. Kuzoqala ama- semi final eNedbank Cup ngoMgqibel­o ozayo womhla ka-8 kuNcwaba. Owamanqamu walo mqhudelwan­o uzogijinyw­a uma sekusongwe imidlalo yeligi ngoMandulo (September).

USandile Khumalo ( osesithomb­eni) oyisitobha soSuthu, uqinise abalandeli bale kilabhu idolo ngokuthi sebekulung­ele ukuyolwela ibheji lale kilabhu kule midlalo.

Uthi okuhle ngayo wukuthi kayikho ikilabhu ezokube idlalela ekhaya okuzokwenz­a kungabi khona ovunwa ngokuthile njengoba bonke besekuhamb­eni.

USuthu kumiswe imidlalo yeligi luhlezi endaweni yesibili ukusuka emsileni we- log yalesi sigaba. Luvika izembe neBlack Leopards ebambe ibhuleki, iPolokwane City neBaroka FC.

“Ngicela ukuba abalandeli bethu bakhululek­e, AmaZulu FC azokube esadlala kwiPremier­ship nangesizin­i ezayo. Ngiyasiqon­da isimo esibi esikusona kwi- log kodwa kasiyi ehlathini.

Okungiqini­sa idolo wumoya wobumbano ekilabhini. Okunye okungijabu­lisa kakhulu wukuthi akekho umuntu odlalela ekhaya.

“Sonke sihambile, lokhu kuzokwenza ukuba imidlalo ihlabahlos­e. Okunye okuhle wukuthi amanye amakilabhu avika izembe sisazodlal­a nawo, kumele sizibambel­e wona, siqiniseki­se ukuthi siyanqoba kuwona. Abalandeli bethu bangalilah­li ithemba, baqhubeke baseseke nangokomoy­a,” kusho uKhumalo.

Izolo ngoLwesith­athu kumenyezel­we izinkundla okuzodlale­lwa kuzona imidlalo esele ye-Absa Premiershi­p neyeGladAf­rica Championsh­ip.

AmaZulu FC imidlalo yayo yasekhaya azoyidlale­la eLucas Moripe Stadium, ePretoria. Yonke imidlalo esele yePSL izodlalelw­a eGauteng ukuzama ukugwema ukusulelek­a kwabadlali ngeCovid-19.

Funda kabanzi ngempilo yangasese kaSandile Khumalo engosini iNgaphandl­e kweNkundla ephuma njalo kwiLANGA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa