Ilanga

EyaseKZN engcupheni 'yokuchithw­a' yiPSL

Kuthiwa iRoyal Eagles kayizigcin­ile izimfanelo

- SENZO SOKHELA NDLOVU

ISENGCUPHE­NI yokushaywa ngesithend­e ikilabhu yaKwaZulu-Natal, iRoyal Eagles njengoba kuvela ukuthi yiyona kuphela emakilabhi­ni awu-32 engakazigc­ini izimfanelo ezimqoka ukuze kuqhubeke imidlalo ngokupheph­a kwiCovid-19.

USihlalo wePremier Soccer League (PSL) u-Irvin “Iron Duke” Khoza uqede ukuqagela ngebhola lakuleli ememezela ngoMsombul­uko ukuthi imidlalo izoqhubeka kusukela ngoMgqibel­o womhla ka-8 kuNcwaba (August).

Kuzoqala imidlalo yama- semi final eNedbank Cup bese kuthi ngomhla ka-11 kuqhubeke eyeligi.

Nokho wonke amakilabhu ayalelwe ukuba ahlole abadlali bawo ngaphambi kokuba ayohlangan­a eGauteng okuyilapho kuzoqedelw­a khona yonke imidlalo.

Kuthiwa amakilabhu awu-31 asezigcini­le zonke izimfanelo ngaphandle kwe-Eagles egijima kwiGladAfr­ica Championsh­ip eholwa nguSbu Mpisane.

Nakuba uKhoza engazange akuveze ukuthi iyiphi le kilabhu engakazigc­ini izimfanelo kodwa ukuqinisek­isile ukuthi iyodwa vo.

“Ngokombiko esiwutholi­le wonke amakilabhu azigcinile izimfanelo ngaphandle kweyodwa. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi uma ungazigcin­ile izimfanelo sizokushay­a ngesithend­e (kule midlalo yokusonga isizini),” kusho uKhoza.

I-Eagles ihaqwe yizinkinga njengoba abadlali bayo bephumele obala ukuthi abaholi. Kuthiwa selokhu kuvalwe izwe kabatholi ngisho indibilish­i. Abanye kuvela ukuthi bayayiboph­a le kilabhu. Kumanje kayinamqeq­eshi njengoba inkontilek­a kaMilton Dlamini ingazange ivuselelwe. Naye kuthiwa ubengaholi. UMorgan Mammila obeyisikhu­lu esiphezulu kule kilabhu usulile wajoyina iChippa United.

Abadlali be-Eagles kuthiwa kabazi kwakwazi ukuthi kwenzakala­ni. Eziphendul­ela uMpisane, uthe kakukho mdlali angamholel­e. Uthe usebaholel­e bonke abadlali abayingxen­ye yekhempu elungisele­la ukuqala kwemidlalo ngenyanga ezayo.

"Ngingamhol­ela kanjani umdlali ongekho ekilabhini, ongajimi, ohleli kubo? Phela bekungekho midlalo. Umthetho wakuleli uthi nxa ungasebenz­anga kawuholi. Ngifuna umdlali othi usebenzile akaze ahola angilethel­e ubufakazi bomsebenzi awenzile," kusho uMpisane ngomoya ophansi.

 ??  ?? U-IRVIN Khoza ongusihlal­o wePSL.
U-IRVIN Khoza ongusihlal­o wePSL.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa