Ilanga

Lukubameli olwabasola umkaNcwane ngamafa

U-Ayanda uthi usekhathel­e ngabamthuk­ela amafa kaSfiso

- NOMFUNDO NGWANE noSANDILE MAKHOBA nomfundo@ilanganews.co.za makhoba@ilanganews.co.za

“SEBENGITHU­KE kwanela, basho konke abakuthand­ayo ngendaba yokushona komyeni wami, akukho engizokuph­awula ngala mahemuhemu amasha asevelile. Konke abakushoyo, abameli bami bayakwazi, bayalusebe­nza lolu daba.” Uphendule kanje u-Ayanda Ncwane, oyinkosika­zi kaSfiso Ncwane owayeyinta­ndokazi kubathandi bomculo we- gospel ILANGA limthinta ngodaba olusemathe­ni kulezi zinsuku lwezinsolo zokuthi wakokotela incwadi yefa lomyeni wakhe, owashona ngoZibandl­ela (December) 2016 emuva kokungenis­wa esibhedlel­a exinwe yisifo sezinso. Lezi zinsolo ezisabalel­e kuvela ukuthi zenziwa ngenye yezingane zikaNcwane esingaphez­u kweminyaka ewu18 ubudala nonina wenye yezingane zalo mculi. Engxoxweni ekhethekil­e ILANGA elibenayo no-Ayanda, uveze ukuthi useluzwile lolu daba futhi lusezandle­ni zabameli bakhe.

“Bangiqala ngesikhath­i kuzwakala izindaba zokuthi uNcwane useshonile, kwathiwa ngimbulele. Bangisola nangokuthi ngifihle imiphumela yokuhlonzw­a kwesidumbu,” kusho u-Ayanda.

ILANGA likhulume naye emuva kokusabala­la kwezindaba zokuthi sekuvele le ncwadi yefa okusolwa ukuthi uyibhale yena u-Ayanda - emuva kokushona komyeni wakhe - ngoba efuna ukuthatha wonke amafa, izingane zomyeni wakhe azithola ngaphandle komshado zasala zincela izithupha njengoba zingabhali­we kuyona.

Kule ncwadi kuvela ukuthi umuntu ozohlomula emafeni kaNcwane, yinkosikaz­i yakhe kuphela, ngisho izingane zasemshadw­eni kazibhaliw­e.

Ummeli kaNcwane, uDkt Mkhuseli Vimba, ukuqinisek­isile ukuthi incwadi yefa likaNcwane yafikela ezandleni zakhe ngaphambi kokuba lo mculi ashone.

“Incwadi yefa uNcwane wayenza ngaphambi kwezinyang­a ezingaphan­si kweziwu-5 ngaphambi kokuba ashone. Wafika kimina ehamba nabanye abafana, inkosikazi yakhe yayingekho.

“Kuyiqiniso ukuthi umuntu obhalwe kule ncwadi ukuba angamele amafa akhe, yinkosikaz­i yakhe. Kule ncwadi ubhale inkosikazi kuphela, akazibhala­nga izingane zakhe, ngisho nalezi azithola emshadweni kazikho, kodwa ngiyakuqon­da ukuthi kungani enze kanjalo. Wangichaze­la ukuthi inkosikazi yakhe yiyona engamele konke okwenzekay­o emzini wakhe.

“Wangitshel­a nokuthi ngisho ingane le ayodla enkantolo, imali ifakwa yiyona inkosikazi yakhe, yingakho aqoma ukuthi zonke izinto zakhe zinganyelw­e yiyona,” kusho uDkt Vimba.

Uthi kuyamangal­isa ukuthi kungani sekuvela lezi zindaba manje ngoba ngisho esaphila uNcwane, ubengazond­li izingane zakhe zangaphand­le, bekuba nguyena u-Ayanda okhipha imali azinike. Uchithe nezindaba ezithi kunengane uNcwane ayeyifundi­sa enyuvesi kodwa esibhuquza ekhaya.

“Ngesikhath­i uNcwane edlula emhlabeni, udokotela waveza ukuthi ubulawe yisifo sezinso, kodwa u-Ayanda ngenxa yokuthi wayengakho­lwa, wacela udokotela ozimele ozoqinisek­isa ukuthi umyeni wakhe ubulawe yizinso ngempela yini, njengoba nakhona wayesesolw­a ngokushona kwakhe,” kusho uDkt Vimba.

ILANGA lishayele omunye womama bezingane zikaNcwane - esiligodli­le igama lakhe - limbuza ngalolu daba, wathi: “Kade ngaziqhele­lanisa nendaba kaSfiso, ingane yami ngiyazondl­ela. Akukho okungihlan­ganisa noSfiso.”

 ??  ??
 ??  ?? NGU-AYANDA Ncwane
NGU-AYANDA Ncwane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa