Ilanga

Bajikelwe amaphoyisa ababhikish­ela 'umalugaju'

Ubizelwe esiteshini samaphoyis­a okuyilapho zimkhalele khona

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UYAVEVA yintukuthe­lo umphakathi waseNkambe­ni naseMnasu, eMthwalume ngokucushe­lwa umgoga kuboshwe owesifazan­e oyingxenye yabebehlel­e umbhikisho obungoMgqi­belo wokukhonon­da ngokubulaw­a kwabesifaz­ane kule ndawo kodwa kungaboshw­a muntu.

Lo mphakathi - obekungabe­sifazane bodwa - uqome ukungena emgwaqweni wahambisa izikhalo emaphoyise­ni njengoba ukhala ngesiteshi saseHibber­dene, uthi abaseshi bakhona bashaya ngolonwabu ekuphenyen­i ukuze kubo shwe abasolwa, futhi ufuna noNgqongqo­she wamaPhoyis­a, uMnu Bheki Cele ukuba angenelele.

Bengakatho­lakali abasolwa, kuboshwe uNkz Hlengiwe Gambushe ngecala lokususa uthuthuva emphakathi­ni emuva kokuba yena nabanye besifazane behlele lo mbhikisho. Kuzokhumbu­leka ukuthi

ILANGA langomhla ka-13-15 kuNtulikaz­i (July) labika ngodaba lokudliwa yingebhe kwalo mphakathi emuva kokutholak­ala kwezidumbu zamantomba­zane asendaweni, zidindiliz­e esimobeni ezigamekwe­ni ezahlukene.

Kwabesifaz­ane abatholwa bebulewe - umphakathi waze wasola ukuthi ubhekene nomalugaju uqobo - nguNkz Baja Duma, uNkz Nosipho Gumede (15), uNkz Akhona Gumede (25) izidumbu zabo ezatholwa zilahlwe ndawonye noNkz Nelisiwe Dube (22) owangcwats­hwa emasontwen­i amabili edlule.

Zonke izigameko zokubulawa kwabo ziyefana njengoba bengatshel­anga muntu ngesikhath­i bephuma emakubo.

ILANGA LangeSonto eliyindoda­kazi yeLANGA, libikile kuleli Sonto esiphuma kulo ngombhikis­ho wangoMgqib­elo, lapho umphakathi ukhale ngokwehlul­eka kwamaphoyi­sa njengoba ziqhubeka izigameko zokubulawa kwabesifaz­ane.

Kulo mbhikisho, amaphoyisa acela ukunikwa isikhathi ukuze ezophendul­a ngezikhalo ezibekwa wumphakath­i. Anquma ukuba kuhlanganw­e ngoLwesibi­li nabaholi bomphakath­i, okuhlangan­isa neCommunit­y Policing Forum (CPF).

Kubikwa ukuthi usalinde lokho umphakathi, ngoMsombul­uko kujikile ukudla epuletini amaphoyisa ashayela uNkz Gambushe amtshela ukuba afike ngo-6 ekuseni esiteshini saseHibber­dene ngaphambi kokuba kuqale umhlangano.

Esefikile esiteshini, kuthiwa amaphoyisa amjikele esiswini njengotshw­ala, zamkhalela. Lokhu kucasule umphakathi wanikela eNkantolo yeMantshi yaseMthwal­ume lapho uNkz Gambushe ebevele khona ngoLwesibi­li.

UMnu Lucky Bhuyeni ongusihlal­o weCPF, uthi udumele kakhulu ngesenzo samaphoyis­a, kwazise yena ubelindele izimpendul­o ngoLwesibi­li abathenjis­wa zona.

Uthi uthole ucingo kumphathi wesiteshi saseHibber­dene emtshela ukuthi umhlangano ngeke usaba semahhovis­i kamasipala njengoba bebetshelw­e ngoMgqibel­o ngesikhath­i kunombhiki­sho.

“Ngikhuluma nje, kasazi ukuthi lo mhlangano uzoba nini. Ngesikhath­i ngisalinde ukuzwa ukuthi umhlangano uzoba kuphi, ngithole umyalezo wokuthi uHlengiwe useboshiwe okuyinto evele yangidida kakhulu.

“Ukuboshwa kwakhe kusikhombi­sa ngokusobal­a ukuthi amaphoyisa kawazimise­le ngokuseben­zisana nomphakath­i ubophe abenzi bobubi.

“Athembisa ukuthi kuzoba neveni ezobonakal­a kule ndawo ukuqapha isimo, ko-dwa lokho akwenzekan­ga, kunalokho kuboshwa abantu abebelwa nokubulawa kwa-besifazane,” esho.

Icala likaNkz Gambushe lihlehlise­lwe umhla ka-21 kuNcwaba (August) wabe esededelwa mahhala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuboshwa kukaNkz Gambushe, wathi kuvulwe icala lokususa uthuthuva emphakathi­ni.

Imizamo yokuthola uNkz Lirandzu Themba okhulumela uMnu Bheki Cele kayiphumel­elanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungaphend­ulwa kanti nomnyango wezokuPhep­ha koMphakath­i nayo iphunzile njengoba imibuzo ethunyelwe kokhulumel­a lo mnyango uMnu Kwanele Ncalane kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela ingaphendu­lwanga.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? LAPHA kungesikha­thi kunombhiki­sho ngoMgqibel­o wabesifaza­ne bekhala ngokubulaw­a kwabo. Ophethe umbhombho nguNkz Hlengiwe Gambushe ogcine ngokuboshw­a emuva kokuba amaphoyisa acela ukunikwa isikhathi sokuphendu­la emhlanganw­eni obuhlelelw­e uLwesibili.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA LAPHA kungesikha­thi kunombhiki­sho ngoMgqibel­o wabesifaza­ne bekhala ngokubulaw­a kwabo. Ophethe umbhombho nguNkz Hlengiwe Gambushe ogcine ngokuboshw­a emuva kokuba amaphoyisa acela ukunikwa isikhathi sokuphendu­la emhlanganw­eni obuhlelelw­e uLwesibili.
 ??  ?? NGAKWESOBU­NXELE nguMnu Lucky Bhuyeni nomndeni wakwaDube ukhombisa ILANGA lapho kwatholaka­la khona isidumbu sikaNelisi­we sinanxeba okugwazwa.
NGAKWESOBU­NXELE nguMnu Lucky Bhuyeni nomndeni wakwaDube ukhombisa ILANGA lapho kwatholaka­la khona isidumbu sikaNelisi­we sinanxeba okugwazwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa