Ilanga

OwePirates ukhale ngamakhaza washona

- JOHN HLONGWA

KULILA nezimbangi ezinkulu ze-Orlando Pirates ngokudlula emhlabeni kukaMnu Mandla "Mgijimi" Sindane (43), waseMalahl­eni, eMpumalang­a obengomuny­e wabalandel­i abaqavile bezikaMage­bhula, oshone ngoLwesibi­li.

UMnu Masilo Machaka ongomunye wabalandel­i abahamba phambili kwiKaizer Chiefs, eyizimbang­i ezinkulu zePirates, uthe: "Kangikholw­a ukuthi uMgijimi akasekho, abantu bayangifon­ela ngapha nangapha bangibuza ukuthi kwenzekani ngaye.

"Ngale kokuthi siseka amaqembu ayizimbang­i, kodwa kuningi ebesikwenz­a ndawonye. Besisanda kwenza izexwayiso ngendaba yeCovid-19.

"Ngiyacela abalandeli bebhola balandele imibandela ebekwe ezweni njengokuqh­elelana nokugeza izandla," kusho uMnu machaka.

Izindaba zokudlula emhlabeni kukaMgijim­i zisabalale ngoLwesibi­li ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abantu bethi makalale ngokuthula, uyibekile induku ebandla.

Ushone emuva kokugula okumxine isikhashan­a. UMgijimi ubegqame ngokuhlala egqoke i- jump suit emhlophe ezipende ngombala omhlophe ebusweni, elengise entanyeni uqwembe olubhalwe ukuthi Mgijimi.

Lesi sitayela sakhe sithathelw­e kumlingisw­a kaSiyabong­a Twala, uMpiyakhe Zungu, odlala kwiIsibaya.

ILANGA LangeSonto eliyindoda­kazi yeLANGA, lake laba nenkulumo ekhethekil­e noMgijimi lapho ayeveza khona uthando lwakhe ngePirates, esho nokuthi akaphuphi ngisho elele ukuthi angayibuka kumabonaku­de, ukholelwa ekuyeni enkundleni ayoyibuka bukhoma.

Lokhu kugqoka kwakhe bese kumvulele namathuba omsebenzi njengoba ebeseqashw­a ezindaweni ezahlukene ukuba ayoba ngumphathi wezihlelo nokunye okuningi.

Ngemuva kokusabala­la kwalezi zindaba, ILANGA lixhumane noMnu Absolom Sindane, onguyise kaMgijimi, ochaze ngobunzima ababhekene nabo ngokushiyw­a yindodana yakhe ngokukhulu ukuzuma.

“UMgijimi ufike ekhaya ngeSonto esivakashe­le, wabika ukuthi akazizwa kahle, uzwela kakhulu amakhaza. Ntambama esebuyela emzini wakhe, simpheleze­lile simphathel­e nento yokuzifudu­meza ( heater), wafike wayibasa enzela ukufudumal­a.

"Ngakusasa, siphindeli­le samfica ephuza itiye, wasibikela ukuthi ukugula kuyamqinis­a, uzizwa ephefumule­la phansi, ephelelwa ngamandla.

"Simshiyile sagoduka ntambama. Siphinde savuka ngoLwesibi­li siyonezela izingubo zokulala njengoba ebebike ukuzwela kakhulu amakhaza, safika endlini kukhiyiwe.

"Sibuze komakhelwa­ne bathi kabakaze bambone. Sibheke umnyango sathola ukuthi ukhiyiwe, sasaha isicabha savula, samfica eseshonile. Abasemakha­zeni bafike isidumbu sakhe sisashisa.

UMnu David Sindane, ongumfowab­o kamufi, utshele ILANGA ukuthi umbiko kadokotela uqinisekis­a ukuthi uMgijimi ubulawe yiHeart Attack.

"Silahlekel­we kakhulu ngoMgijimi, ubeyingane ekhonze amancoko. Mina ngingumlan­deli wokuqina weKaizer Chiefs, uma siyihlulil­e iPirates, ubengafuni ngisho sincokole ngendlela abeyithand­a ngayo. Ubewukhonz­e kakhulu umndeni wakhe.

"Yize ebesenenda­wo yakhe, kodwa belingasho­ni ilanga engavakash­anga lapha ekhaya," kusho uMnu Sindane.

Uzakwabo kaMgijimi kwiPirates, uJoy “Mama Joy” Chauke, uthe: "Sife olwembiza ngoMgijimi. Bekuthi uma efike kuqala enkundleni angibekele indawo, nami uma ngifike kuqala bengenza kanjalo.

"Abantu bebesifone­la uma besibona kumabonaku­de bethi siyabajabu­lisa uma sindawonye.

"Ngibuhlung­u kakhulu, kufana nokuthi kufe umlingani wami. Kwamina ngigonqile, uma bengase bathi bamfihla ngoMgqibel­o, kusho ukuthi ngeke ngiphumele­le," kusho yena.

Imizamo yokuthola uvo lwePirates iphunzile njengoba ucingo lukaThandi Merafe belukhala lungabanjw­a muntu nomyalezo athunyelwe wona akawuphend­ulanga.

Okunye ngoMgijimi: Ushiye emhlabeni izingane eziwu-6, abazali bakhe bobabili nezingane zakwabo eziwu-7.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMANDLA “Mgijimi” Sindane owathathwa ehambele umdlalo weTelkom Knockout owawuphaka­thi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMANDLA “Mgijimi” Sindane owathathwa ehambele umdlalo weTelkom Knockout owawuphaka­thi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa