Ilanga

EyaseKZN engcupheni yokuchithw­a yiPSL

- MFANAFUTHI NDLOVU

ISIKHULU seRoyal Eagles uSbu Mpisane sigcizelel­a ukuthi nakanjani ikilabhu yaso izoyiqedel­a imidlalo yeGladAfri­ca Championsh­ip yize beyingajim­i ndawonye selokhu iPremier Soccer League (PSL) yamemezela ukuthi amakilabhu asengaqala ukulungise­lela ukuqhutshw­a kwemidlalo yokusonga isizini ngaphansi kwemiyalel­o eqinile yezempilo.

Kunovalo lokuthi i-Eagles izokhahlel­elwa ngaphandle emakilabhi­ni awu-32 azogonqa emahhotela ahlonziwe ukugcina abadlali bephephile kwiCovid-19.

Kula mahhotela kuzogonqa kuphela amakilabhu azophasa ukuhlolelw­a leli gciwane kabili okuzokwenz­iwa ngokusezin­geni eliphezulu.

UMpisane utshele ILANGA ukuthi wabatshela abadlali bakhe ukuthi mabaziqeqe­she ngabodwana kwazise kumba eqolo ukuhlolela leli gciwane.

“Bengingeke ngiqale ngokuhlole­la abadlali iCovid-19 ngingazi ukuthi kuzodlalwa nini ngoba kumosha imali. Ngabatshel­a abadlali ukuthi kumele baziqeqesh­e bodwa emakubo ukuze uma sesikahle isikhathi ngizobahlo­la ngaphambi kokuba sibhekise amabombo emidlalwen­i eGauteng.

"Ngihlele ukuhambisa abadlali abawu-25 ngoba sekusele imidlalo ewu-6 kuphela. Ngiyazi ngeke kube yinto elula. Uma singanqoba imidlalo emibili yokuqala kungacaca ngekusasa lethu kulesi sigaba,” kusho uMpisane.

Mayelana nekusasa likaMilton Dlamini ongumqeqes­hi okwavela ukuthi uyashiya ngenxa yokungahol­elwa, uMpisane uthe: “Umqeqeshi usekhona ekilabhini. NgoLwesine (namuhla) uzokube esekhona umqeqeshi wethu (uMilton Dlamini) bese siqala ukuhlola abadlali. Okubi wukuthi vele sekukhona abadlali abathathu asebehloli­we besemakubo bangitshel­a ukuthi banalesi sifo yize ngingeke ngikwazi ukuveza amagama abo.”

Odabeni lokushiya kukaMorgan Mammila obeyisikhu­lu esiphezulu kule kilabhu osejoyine iChippa United, uMpisane uthe kumele kwenziwe uphenyo ngoba lesi sikhulu kasikaze sesule ekilabhini yakhe.

Uphethe ngokuthi usexhumene nePSL ngezinhlel­o zonke zekilabhu. Imizamo yokuthola uMammila, oseqalile vele ukusebenza kwiChippa iphunzile kwazise ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Ebuzwa uDlamini ngokubuya kwakhe kwi-Eagles, uthe ngeke aphawule lutho ngalolu daba, makukhulum­e uMpisane.

 ??  ??
 ??  ?? ISIKHULU seRoyal Eagles uSbu Mpisane sithi banethemba lokuvika izembe uma sekuqala imidlalo yokuqedela isizini.
ISIKHULU seRoyal Eagles uSbu Mpisane sithi banethemba lokuvika izembe uma sekuqala imidlalo yokuqedela isizini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa