Ufisa liphethwe icala owayegwetshwe udilikajele
Wayeboshelwe ukubulala uMnu Thomas Mandla Shabalala
UZIFANISA nomuntu ofile yize ephila owesilisa waseNanda osekuphele iminyaka ewu-8 engaphandle ngebheyili ka-R4 000 emuva kokudonsa isigwebo sokudilikelwa yijele ngecala lokubulala umholi we-IFP waseLindelani, uMnu Thomas Mandla Shabalala mhla ka-20 kuMasingana (January) 2005.
UMnu Nkosinathi “Mbopha” Chiya (37), owagwetshwa ngoNtulikazi (July) 2006 okumanje ungaphandle ngebheyili ayithola ngo-2013 emuva kokutholakala kobufakazi obusha, uthi kuze kube yimanje akaze abuyele enkantolo.
Uthi selokhu waphuma ngebheyili, udunguza ehlathini elimnyama, akazi nokuthi kwenzekani ngaleli cala, akamazi ngisho umphenyi walo, akalazi nokuthi liyongena nini enkantolo. Engxoxweni ekhethekile yeLA
NGA noMnu Chiya ebingeSonto, ukhale ngokuthi inzima impilo, uthi usekhalela ukuthi kugezeke igama lakhe njengoba namanje esangumsolwa, akasenandaba nokuthi kutholakale abantu abathintekayo kuleli cala.
UMnu Chiya waboshwa ngamaphoyisa odumo lwakwaKito eneminyaka ewu-21 enza unyaka wesibili ezifundweni zeBio Chemistry, eMangosuthu University of Technology (MUT).
Emuva kweminyaka emibili esejele, kwavela ubufakazi obusha obabukhomba ukuthi ugwetshwelwe into angahlangane nayo. Kwavela incwadi eyabhalwa ngowesilisa osewashona, okwavela ukuthi wayibhala ngaphambi kokuba azilengise, echaza ukuthi uMnu Shabalala wabulawa nguyena, wabala namagama abanye abantu abathintekayo.
Lo wesilisa kuvela ukuthi wayibhala le ncwadi esemzini wesangoma, okuyilapho wafike wahlanza khona lonke iqiniso qede wazilengise emzini waso lesi sangoma esagcina sesiwufakazi oqandula ikhanda odabeni lokuthi kuhlanzwe igama likaMnu Chiya.
Ngeshwa, isangoma leso sahlaselwa ngabantu abangaziwa sisemzini waso sabulawa ngo-2013, uMnu Chiya kusalindeleke ukuba adedelwe ejele. Sabulawa kulindeleke ukuba siye enkantolo siyothula ubufakazi.
Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Chiya, uveze ukuthi akahlukile nomuntu ofe ephila.
“Impilo yami selokhu yamosheka mhla ngiboshelwa into engingayenzanga. Sengihambe ngaze ngamfushane ngizama ukuthi kugezeke igama lami ukuze ngikwazi ukuqhubeka nempilo, ngithole nomsebenzi kodwa ngiyahluleka.
“Konke lapho engizama khona umsebenzi, kuyavela ukuthi ngiyisiboshwa noma ngizama uxhaso lokufunda kuhulumeni kangisizakali, kumane kuvele ukuthi ngake ngaluthola phambilini kodwa ngaphinde nganyamalala isikhathi eside ngingaziwa.
“Impilo yami inzima, ngihlulwa ngisho wukuziphilisa, sengize ngisizwe yimpesheni kamama,” kusho uMnu Chiya.
Uveze ukuthi bazamile ukubuyisela udaba enkantolo nommeli wakhe, kodwa baphoxeka bethola ukuthi imininingwane yokuqulwa kwalo eNkantolo eNkulu yaseThekwini kayisekho.
Uthi inkinga ababhekene nayo nabanovalo lwayo manje, wukuthi uma beqhubeka nokufuna ukulibuyisela enkantolo, uzogcina ebuyele ejele eyoqhubeka nesigwebo sakhe.
“Kangazi nokuthi liphenywa ngubani icala, ngagcina ukuthola ukuthi umuntu obeliphenya ngo2017, wathi akatholi lutho,” kusho yena.
UMnu Derick Mdluli weJustice for Prisoners and Detainees Trust, elwela amalungelo eziboshwa KwaZulu-Natal, uthe uphezu kwalo udaba lukaMnu Chiya, kade exoxa nabashushisi babathembisa ukuthi bazobanika usuku lokuya enkantolo khona maduze.
“Siyaxhumana nabameli bakhe ngalolu daba ukuze sithole usuku lokuya enkantolo,” kusho uMnu Mdluli.
Okhulumela i-IFP kwezokuphepha esiShayamthetho saKwaZuluNatal, uMnu Blessed Gwala, uthe: “Siyiqembu sizwa ubuhlungu obufanayo nomndeni wakwaShabalala. I-IFP isikhulume kaningi ukuthi ezomthetho zinobuthaka ezweni lethu.
“Kayikwazi inkantolo ukukhipha umuntu ithi kayiliboni icala, ijike ingamniki ithuba lokuba ayo-yichazela ukuthi umbathiswe ifu le nto angayenzanga.”
Uthi le nkinga kayithinti uMnu Chiya kuphela, kunamacala aselele umule angakaze athintwe, amanye (abasemaphoyiseni) asebesaba ngisho ukuwathinta ngoba azoveza ukuthi bayehluleka.
ILANGA lishayele okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCapt Simphiwe Mhlongo, ucele ukunikwa imininingwane ngalolu daba ukuze athole kabanzi.