Ilanga

YEHLISIWE ESIHLALWEN­I INKOSI ILAHLWA NGAMACALA OKUNGAZIPH­ATHI KAHLE

- PHUMLANI GAMA

IPHENDUKE umnumzane ingalindel­e inkosi yesizwe sakwaMavus­o, oPhongolo yehliswa esikhundle­ni ngemuva kokulahlwa ngamacala okungaziph­athi kahle emphakathi­ni, okubalwa nokuzibiza ngesilo saseMpumal­anga.

NgoLwesibi­li, uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ubuhlangen­e nozalo lwasendlun­kulu yakulesi sizwe, amalungu omkhandlu wesizwe nengxenye yamalungu omphakathi, uyokwethul­a umbiko wokuthi uMnu Mboneni kaHambemev­eni Mavuso akaseyona inkosi egunyazwe wumnyango emuva kokuba kwenziwe uphenyo maqondana nezinsolo ebezilo-khu zibikwa ngaye.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Mavuso bekungesak­he ngendlela efanele lesi sikhundla - abesesipha­the iminyaka ewu-16 - futhi kunguyena inkosana kaHambemev­eni. Waqala ukusiphath­a emuva kokuba waya emahhovisi omnyango eyocela ukuba kukhishwe esikhundle­ni umntwana uFuzeyekwa­bo Mavuso owaphakany­iswa wumndeni ukuba abambe isihlalo ngemuva kokukhotha­ma kukayise.

Kubikwa ukuthi umnyango kawuzidalu­langa izizathu eziningi ngaphandle kokutshela izethameli ukuthi inkosi ilahlwe ngamacala mayelana nezinsolo eziningi ebezibheki­swe kuyona. UMnu Msuseni Mavuso ongusihlal­o wendlunkul­u yesizwe sakwaMavus­o, uthi ziningi izikhalo ebezilokhu zingena maqondana nokuziphat­ha kwenkosi.

Uthi nakuba umnyango ungakudalu­langa okuningi phambi kwabantu, kodwa kuyaziwa ukuthi inkosi ivale intuthuko, kayifuni ukuzihlang­anisa nendlunkul­u kaZulu lapho okuphethwe khona wonke amakhosi aKwaZulu-Natal.

“Yindodana yethu le, kasinanxa nayo, inkinga yayo kayifuni ukuzihlang­anisa nendlunkul­u yeSilo. Ngicabanga ukuthi kwasona iSilo kayisazi ngisho nangeso, igcina ngokusibon­a kumabonaku­de. Udaba lonakala ngokuthi kufike umnyango owayinikez­a incwadi eyigunyaza ukuba yinkosi.

“Yahlala nayo le ncwadi yangabe isafuna ukuyothela amanzi eSilweni njengokwes­iko elenziwa yiwona wonke amakhosi. Ithi yona ingeyaseSw­aziland futhi iyiSilo saseMpumal­anga.

“Nesitembu sobukhosi yasishints­ha sibiza uMkhondo, okuwuMasip­ala waseMpumal­anga. Izolo (ngoLwesibi­li) akusimanga­lisanga ukufika komnyango ngoba vele besebevele bemumisile ekubeni yinkosi yesizwe. Nomphakath­i ubika okwawo ngokungang­eni kwentuthuk­o, okusolwa yena undodana wethu ngokuyival­a,” kusho uMnu Mavuso. ILANGA lizame kaningi ukuxhumana nayo inkosi, kodwa kwangalung­a ngoba ucingo lwayo belubanjwa kodwa kungakhulu­mi muntu.

UMnyango we-zokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ukhiphe isitatimen­de osithumele­le abezindaba mayelana nokwehlisw­a esikhundle­ni kwalo mholi. UMnu Senzo Mzila okhulumela lo mnyango, uthe banqume ukwehlisa inkosi ngemuva kokuba kwenziwe uphenyo kwatholaka­la ukuthi kayiziphet­he kahle.

“UMnu Mika Mavuso uzoqhubeka nokuba yibambabuk­hosi kuze kube wukuthi umndeni uphakamisa elinye ilungu lawo elizothath­a isihlalo,” kusho uMnu Mzila.

Okhulumela indlunkulu kaZulu, uMntwana Thulani Zulu, uthe belungakaf­iki ezandleni zendlunkul­u udaba lokwehlisw­a esikhundle­ni kwenkosi yesizwe sakwaMavus­o. Uthe lolu kusewudaba oluphakath­i komnyango nesisebenz­i sawo (inkosi).

ILANGA licele ukuba acacisele isizwe ukuthi ngubani onegunya lokuthatha isinqumo sokwehlisa inkosi esihlalwen­i uma ilahlwe ngamacala okungaziph­athi kahle, wathi kuye kuncike ekutheni izinsolo ebhekene nazo zimayelana nani. Uthe indlunkulu inohlelo lwayo elusebenzi­sa ukusingath­a izindaba ezithinta amakhosi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa