Ilanga

KUYAPHOXA UKUHUDULA IZINYAWO KWE-ANC KWABENZA INKOHLAKAL­O

- Khabzela “KB” MZIMELA EZWELIBOMV­U

MHLELI: Nginike isikhadlan­a ngiphefumu­le ngenkohlak­alo esifana nesiko ezweni lethu. Kuyihlazo ukuthi abenzi noma abamatanis­wa nayo kusuke kungabahol­i noma izihlobo zabo.

Zolo lokhu, umengameli wethu (uMnu Cyril Ramaphosa) ubeshumaye­la ivangeli lokulwa nenkohlaka­lo okuyisona sihlava esibulala iNingizimu Afrika. Ayekusho sekufana nokuthela amanzi emhlane wedada.

Okungenza ngisho kanjena yingoba sekuhlonzw­e umyeni womkhulume­li wakhe, uNkk Khusela Diko njengohlom­ulile kule Covid-19.

Nekhasayo iyabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokunikwa kweNkosi yamaBhaca, uThandisiz­we Diko - ongumyeni kaNkk Diko - ithenda yokusabala­lisa izimpahla zokuzivike­la kwiCoronav­irus.

Okusenza sikhihle esikaNandi wukuthi ukube uNkk Diko ubengekho kulo mkhakha kahulumeni, umyeni wakhe ubengeke ayinuke le thenda.

Okusikhath­azayo wukuthi izihlobo zabaholi ziyasebenz­isana ukwenza inkohlakal­o kuyo yonke imikhakha noma iminyango kahulumeni futhi ngeke ubabambe, kunalokho bajoyine, vele akekho oyaye aboshwe uma esebanjiwe, uvele ayiswe komunye umnyango.

Ngiyithand­a impela i-ANC futhi kangizibon­i ngivotela elinye iqembu ngoba liyovele lingene ulizwe lithi lisalungis­a amademeshe enziwe yi-ANC, okuyoholel­a ekutheni nalo lidonse iminyaka eminingi lingasenze­li lutho. Okungiphox­a nge-ANC yilokhu kushodoza kwayo ilokhu icashisa abenzi benkohlaka­lo kweminye iminyango kahulumeni.

Ngiyafisa ukuba uMnu Ramaphosa enze okukodwa ngabasolwa, abakhombe indlela bese akha izwe lethu kabusha, kodwa-ke ngoba inkohlakal­o sekwaba yisiko lenhlangan­o ebusayo, ngeke umbone ekwenza lokho.

 ??  ?? UNKK Khusela Diko noMengamel­i uMnu Cyril Ramaphosa.
UNKK Khusela Diko noMengamel­i uMnu Cyril Ramaphosa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa