Ilanga

Kunobulung­iswa ukuqedelwa enkundleni kwemidlalo yePSL

-

ABATHANDI bakanobhut­shuzwayo baseNingiz­imu Afrika sebemagang­e ngokubuya kwemidlalo yePremier Soccer League (PSL) ezovulwa ngoMgqibel­o womhla ka-8 kuNcwaba (August) ngemidlalo emibili eyandulela owamanqamu weNedbank Cup. U-Irvin “Iron Duke” Khoza ongusihlal­o wePSL, wenze isimemezel­o esishiye abazifela ngonobhuts­huzwayo beneme ngoMsombul­uko eqinisekis­a ukuthi isicoco se-Absa Premiershi­p sizoqhubek­a nokubangwa ensimini kusuka ngomhla ka-11 kuNcwaba.

Kuzokhumbu­leka ukuthi sekuphele izinyanga ezine golokoqo imidlalo yePSL yamiswa emuva kokubheduk­a kweCovid-19 kuleli. Lesi yisikhathi eside kunazo zonke selokhu kwasungulw­a iPSL ngo-1996, esesiphilw­e ngabalande­li bebhola bebulawa yindlala yalo mdlalo olandelwa yizigidi zabantu kuleli. Nakuba imidlalo ibuya kodwa izogijinyw­a ezinkundle­ni ezingenabo abalandeli njengoba izwe lisagonqil­e ukugwema ukubhebhet­heka mawala kweCoronav­irus.

Yonke imidlalo izogijinye­lwa eGauteng lapho wonke amakilabhu ezophoqele­ka ukugoba amadlangal­a khona, ahlale emahhotela azokube evalelekil­e kuwona, abadlali nezikhulu bengakwazi ukuba wuvanzi. Lokhu kuzokwenzi­wa ukugwema ukuba bathelelek­e ngalolu bhubhane, kwazise ngeke avunyelwe ukuyogonqa kula mahhotela ahlonziwe ozotholaka­la ukuthi usesulelek­e ngegciwane lalo mkhuhlane ekuhlolwen­i kwezinga eliphezulu okuzokwenz­iwa kabili ngaphambi kokuyovale­lwa.

Nekilabhu ezohluleka ukulandela yonke imigomo yezempilo, ngeke ivunyelwe ukuyogonqa nokuba yingxenye yemidlalo. Ukuqedelwa kwemidlalo ensimini kuzokuba nobulungis­wa cishe kuwona wonke amakilabhu njengoba kukhona abanga ukunqoba iligi nasempini yokuvika izembe. Ukuqhutshw­a kwemidlalo kuzokwenza abazohlule­ka empini abakuyona bangakhali ngamuntu.

Isicoco se-Absa Premiershi­p sibangwa ikakhuluka­zi yiKaizer Chiefs esesicongw­eni neMamelodi Sundowns elele isibili. Amakilabhu asengozini yezembe yiBlack Leopards, AmaZulu FC, iPolokwane City neBaroka FC. KwiGladAfr­ica Championsh­ip ushikishi lombango wesicoco luphakathi kwe-Ajax Cape Town eqhwakele, iSwallows FC, uThongathi FC neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila (TTM).

Amakilabhu abhekene nezembe yiRoyal Eagles, iJomo Cosmos, iMbombela United neTS Sporting. Okubi kubathandi balo mdlalo baKwaZulu-Natal wukuthi kunamakila­bhu amabili akulesi sifundazwe asengozini yezembe njengoba esigabeni esikhulu uSuthu lusenkinge­ni kanti kwiGladAfr­ica kubukeka iwa libheke umoya kwi-Eagles.

UKhoza uthe imidlalo izosongwa ngowamanqa­mu weNedbank Cup okulindele­ke ukuba ugijinywe ngempelaso­nto yesibili kaMandulo (September). Emuva kwawo kuzoqala imidlalo yokuhlunge­la ukunyukela kwiPremier­ship ezogijinyw­a yikilabhu ezoqeda ingunombol­o 15 esigabeni esikhulu namabili azosonga ekweyesibi­li nakweyesit­hathu ngokwahluk­ana kwiGladAfr­ica.

Ukubuyiswa kwemidlalo emuva kokumiswa ngenxa yeCovid-19, kakuyona into eqalayo ngePSL kwazise namaligi amakhulu ase-Europe asanda kusongwa ensimini emuva kokumiswa. Kula maligi kubalwa eyase-England enqotshwe yiLiverpoo­l, eyaseSpain lapho ubhedu ludliwe khona yiReal Madrid neyase-Italy ekhale yemuka neJuventus.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa