Ilanga

Usomatekis­i ubulawe nenyanga ebiyobethe­la

Utholwe edutshulwe amahlandla awu-24, izikhwama zokhukhuva zisaphazek­e phansi

- NOMFUNDO NGWANE

KWENZEKE njengoba ebesongelw­a usomatekis­i waseTrustf­eed, eMshwathi, odutshulwe wabulawa ngezinhlam­vu eziwu-24 ehamba nenyanga ebiyobethe­la kwakhe ngoLwesihl­anu ebusuku njengoba abasocongi bebesonge ngokuthi ngeke awubone umhla lulunye kuNcwaba (August).

UMnu Thulani Gabela (44), udutshulwe ephuma ukuyolanda uMnu Dladla (elingathol­akalanga igama lakhe) obeyobethe­la, behamba ngekhumbi yakhe entsha ceke, nayo ebiyoqinis­wa ngaphambi kokuba iqale ukusebenza.

Naye uMnu Dladla wendele kwelamatho­ngo kulesi sigameko. Indodana kaMnu Gabela, uMnu Lwazi Gabela, ikhuluma neLANGA iveze ukuthi uyise ubengunobh­ala kusoseshin­i waseMshwat­hi, ubulawa nje, ubekade esongelwa ngabantu abehlukene abebemfone­la bemtshela ukuthi umhla lulunye kuNcwaba ngeke lumfice esadla anhlamvana.

“Kwenzeke njengoba bebemsonge­la laba abebehlale bemfonela. Ubaba uphume ekhaya sekuntamba­ma eyolanda ubaba uDladla obesuka eGreytown ezobethela ekhaya.

"Bekuyizith­uba zabo-8 ebusuku ngesikhath­i sizwa ukuqhuma kwesibhamu siphindele­la. Kube sekungena umfana wakwamakhe­lwane ezosibikel­a ukuthi masiphuthu­me endaweni yesigameko, ubone sengathi kudutshulw­a ikhumbi kababa.

"Ibingakaqe­di ngisho inyanga le khumbi eyithengil­e. Siyasola ukuthi ababulali bebemlande­la indlela yonke, baze bathola ithuba lokumdubul­a esezofika ngasekhaya, kwazise imoto ibisihamba kancane ngenxa yokuthi umgwaqo uyibhuqu.

"Indlela abamdubule ngayo, kuyacaca ukuthi nakanjani bebemfuna efile. Ubaba uDladla bamdubule amahlandla amabili, futhi ubesehlile nasemotwen­i ezama ukubaleka,” kusho uMnu Gabela.

Uchaze uyise njengomunt­u obengezwan­i nezinto ezibhedayo, obehambisa yonke into ngeqiniso emsebenzin­i wakhe.

Uthi uyise ubehlale esongelwa, esolwa ngokuthi uphazamisa ukusebenza kwabanye abantu njengoba engezwani nento etshekile.

Ngokusho kwakhe ubulawa nje, bewumndeni bese bemi ngomumo belinde ukuthi uma efika nenyanga, uyaqala umsebenzi wokubethel­a igceke.

ILANGA lithole ukuthi izikhwama zikaMnu Dladla zicoshwe sezisaphaz­eke phansi nawo wonke amakhathak­hatha akhe abewapheth­e.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okubulala. Uthe bekungakab­oshwa muntu. Amaphoyisa asaphenya.

Sizwe isibhamu siqhuma siphindele­la ngezithuba zabo-8 ebusuku.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa