Usolwa ngokuzenzela umathanda usomlomo
Ezikhundleni eziphezulu kuthiwa kuqashwa ngobungani
LIHLABE kwezwela enhliziyweni kwi-IFP ngezinsolo zenkohlakalo eziyamaniswa nehhovisi likaSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNkz Nontembeko Boyce, ( osesithombeni) njengoba leli qembu liqome ukuloba iheheba lencwadi evulelekile libabaza, laphinde labhalela yena usomlomo ukuba achaze ukuthi kwenzekani kuleli hhovisi aliphethe.
Leli qembu libhalele usomlomo emuva kokuba lincinzwe indlebe ngokuba yinkunzi kayikhalinywa kwakhe. Le ncwadi uyinikwe ngoMgqibelo.
UMnu Blessed Gwala ongusotswebhu we-IFP esishayamthetho, uthi ingede yabo ithi ngesikhathi uNkk Boyce engena esikhundleni, akafunanga ukusebenzisa imoto ayifica esishayamthetho, eyayisetshenziswa ngusomlomo omdala, (uNkk Lydia Johnson) yize ibisesimeni esihle.
“Kule moto kuthiwa uphinde wazihlomulisa imali kuphethiloli ephindwe kathathu uma kade esebenzise imoto yakhe. Sifuna achaze ukuthi uwakala kanjani amakhilomitha asetshenzisiwe nophethiloli awusebenzise ezihambela izindlela zakhe nawusebenzisa uma enza umsebenzi wesishayamthetho.
"Izisebenzi ufuna zidansele isigingci sakhe, zenze ngisho okuphambene nomthetho. Uma zikhombisa ukungahambisani nakushoyo, uzisola ngobuqembu, athi ziyiDA noma ziyi-IFP.
"Uma kuqashwa abantu ezikhundleni eziphezulu, kuthiwa ufaka unyawo lwakhe lwezepolitiki 'oluneminkenke' bese ezikhombela abaphakamisela ezikhundleni nokuthi bazohola malini.
"Kule ncwadi esimbhalele yona, sifuna aphumela obala azigeze kulokhu kuxhomondela kwakhe ekuqashweni kwezisebenzi, asinike nephepha okusuke kukhangiswe kulona le misebenzi.
"Sifuna asinikeze namagama ababenza inhlolokhono nokuthi bathola amaphuzu amangaki umuntu nomuntu. Sizwile futhi ukuthi kunesisebenzi esiqashelwe isikhundla sokuba yisekela lomqondisi, kodwa sehluleka wukuveza izincwadi zokushayela yize zazifuneka emsebenzini esinikezwe wona.
"Okwamanje ngeke siyikhulume eyenzeka ehhovisi likanobhala wesishayamthetho, osewaphenduka idlozi lalesi sikhundla njengoba sekunesikhathi wasiphatha,” kusho uMnu Gwala.
Uveze ukuthi kunethenda ka-R3 million eyanikwa intatheli ethile ukuba ibhale umlando wesishayamthetho, maqede lolo daba lwafakwa ngaphansi kukakhaphethi.
“Siyafuna ukwazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ithenda inikwe umuntu oyedwa futhi yayikhangiswe kuphi njengoba kunokukhala ukuthi lo msebenzi kawenziwanga ngendlela.
"Yize lo msebenzi wenziwa kusenosomlomo omdala, kodwa lo somlomo kufanele alubeke etafuleni lolu daba kuxoxwe ukuthi lungalungiswa kanjani,” kusho uMnu Gwala.
Usomlomo unikwe izinsuku eziwu-21 ukuba aphendule, uma engaphenduli, udaba bazoludlulisela kumvikeli womphakathi (u-Adv Busisiwe Mkhwebane). Okhulumela ihhovisi likasomlomo, uNkz Nomusa Phungula, uthi bayitholile le ncwadi, ibanike izinsuku eziwu-21 ukuba baphendule. Uthi impendulo bazoyithumela uma sebeyihlelile kulesi sikhathi esibekiwe.
Okhulumela i-ANC KwaZuluNatal, uMnu Nhlakanipho Ntombela, uthe lolu daba belungakafiki eqenjini lakhe.
Uthe uma i-IFP ibhalele usomlomo ngqo, akulula ukuba bazi, bangaze bazi ngalo uma usomlomo eseluphendula.
Uthe akazi ukuthi kungani i-IFP ibhalele usomlomo uma kuwudaba abafuna luxoxwe ngoba bekufanele balufake ekomidini elibhekelele isishayamthetho lapho wonke amaqembu esuke emeleleke khona bese luxoxwa.
"Udaba olukhulunyiwe ngesikhathi lihlangene ikomidi ngeSonto eledlule, ngolokuhlonishwa kwamaqhawe amadala, lolu kasilwazi,” kusho uMnu Ntombela.