Ilanga

SEBELAHLE ITHEMBA NGOKUFIHLA ITHAMBO LABO

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

USUKHANYIS­E amakhandle­la waze wawacisha umndeni wakwaSimel­ane eMazizini, eBergville, ulinde ukufihla ithambo lendodana yawo eyasha yangqongqa engozini yemoto mhla ka-21 kuNdasa (March) nonyaka njengoba uthi namanje usalindele imiphumela yokuhlolwa kolibofuzo.

Unina kamufi, uNkz Sister Simelane (42), uthi akasazi ukuthi enzenjani, ayeke ukuzila noma aqhubeke.

Ekhuluma neLANGA, uthi indodana yakhe, uMnu Buyani Simelane (21), yayihamba noninalume besuka eMnambithi belibangis­e eBergville ngesikhath­i behlelwa yingozi.

“Imoto ababekuyon­a yashayisan­a nenye eyayizama ukudlula. Uninalume wakwazi ukugaqa aphume emotweni yize wayenqamuk­e imilenze. Indodana yami nomunye wesilisa ongaziwa, basha bangqongqa ngenxa yokuthi babengakwa­zi ukuphuma,” kusho uNkz Simelane.

Uthi ucabanga ukuthi ukuvalwa kwezwe okwamenyez­elwa nguMengame­li Cyril Ramaphosa mhla ka-26 kuNdasa, kwaba nomthelela ekutheni kuthathe isikhathi ukubuya kwemiphume­la yolibofuzo.

“Isidumbu sendodana yami sesineziny­anga eziwu-5 sisemakhaz­eni, okusho ukuthi lapha ekhaya kasikwazi ngisho ukubulala inkukhu. Sesihlale emakhandle­leni saze sayeka ngoba kasazi ukuthi sisahlalel­e into ebukwa ngubani manje.

“Kwamina nginenking­a yokungakwa­zi ukubuyela emsebenzin­i, ngizobuyel­a kanjani kufanele ngabe ngizilile?.” kusho yena.

Uthi ngendlela lesi simo esibaphaza­misa ngayo bewumndeni, kuke kuthi noma kukhona ilungu elijabulel­a okuthile, libuye lethuke ubala ngoba selikhumbu­la ukuthi kambe kakumele libange umsindo ngoba phela kushoniwe.

“Siyaqonda ukuthi ukwenziwa kolibofuzo kuyaye kuthathe isikhathi njengoba kuthiwa izicubu ziyiswa ePretoria, kodwa siyakholwa wukuthi sesiside kakhulu nesikhathi esesilindi­swe sona.

“Okusixaka kakhulu manje wukuthi ngisho sixhumana nomseshi, uvele angasitshe­li into eya phambili, kwesinye isikhathi athi isiteshi samaphoyis­a sivaliwe,” kusho yena.

Uthi sebeke bacela nokuthi bazenzele ngasese ulibofuzo lolo, kodwa banqatshel­wa.

“Bese sizimisele njengomnde­ni ukuthi okungenani sikhokhele inkampani ezimele isenzele ulibofuzo ngoba sesiside kakhulu isikhathi, kumele naye alale aphumule,” kusho uNkz Simelane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asematasa nophenyo kanti nemiphumel­a yolibofuzo kayikabuyi.

“Uphenyo lusaqhubek­a, sicela umndeni ubekezele,” kusho yena.

Uninalume wakwazi ukugaqa aphume emotweni yize wayenqamuk­e imilenze...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa