BABULALE OWESIFAZANE BEFUNA INDODANA
ZIVUKWE "wufufunyane" zabhodlela kowesifazane waseSijozini, eMsinga izigebengu ebezifuna indodana yakhe ngoLwesine zangayithola, zamdubula zambulala.
UNkz Thulangibone Mntungwa (55), kuthiwa uhlaselwe ngamadoda amabili angaziwa abeyofuna indodana yakhe, uMnu Khulekani Mntungwa, okuvela ukuthi ifunwa nje, vele ilimele kwazise idutshuliwe ngoMsombuluko odlule.
Kubikwa ukuthi izigilamkhuba ziqale zangqongqoza zazibiza ngaye uMnu Mntungwa.
Umthombo weLANGA osondelene nomndeni wakwaMntungwa, uthi isimo sibi. "Laba bantu kuthiwa bafike bangqongqoza, okuthe uma bebuzwa ukuthi bangobani, kwaphendula oyedwa wabo wazibiza ngoKhulekani.
"Ngaleso sikhathi uNkz Mntungwa ubehleli nendodakazi yakhe, okuthe uma bevulelwa, babuza lapho kulala khona indodana yakhe, wabatshengisa kodwa baphendula ngokuthi ubenza izilima.
"Bamtshele ukuthi sebeyile egunjini lakhe, akekho, emuva kwalokho omunye wabo wadonsa isibhamu wamdubula,” kusho umthombo.
Uthi kunezinsolo zokuthi ukufunwa kwendodana kaNkz Mntungwa kuhlobene namatekisi njengoba ike yadutshulwa ngoMsombuluko.
“Indodana yakhe inamatekisi ahambela eMtshezi lapho idutshulwe ngakhona, umndeni ubuvele wazi ukuthi kukhona abafuna ukuyenzakalisa. Okubuhlungu wukuthi indodana yakhe ibivele ingasahlali kubo njengoba bekukhona abayifunayo,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala emuva kokuba owesifazane oneminyaka ewu-55 ubudala edutshulwe ngabantu abangaziwa ekwakhe.