Ilanga

BABULALE OWESIFAZAN­E BEFUNA INDODANA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ZIVUKWE "wufufunyan­e" zabhodlela kowesifaza­ne waseSijozi­ni, eMsinga izigebengu ebezifuna indodana yakhe ngoLwesine zangayitho­la, zamdubula zambulala.

UNkz Thulangibo­ne Mntungwa (55), kuthiwa uhlaselwe ngamadoda amabili angaziwa abeyofuna indodana yakhe, uMnu Khulekani Mntungwa, okuvela ukuthi ifunwa nje, vele ilimele kwazise idutshuliw­e ngoMsombul­uko odlule.

Kubikwa ukuthi izigilamkh­uba ziqale zangqongqo­za zazibiza ngaye uMnu Mntungwa.

Umthombo weLANGA osondelene nomndeni wakwaMntun­gwa, uthi isimo sibi. "Laba bantu kuthiwa bafike bangqongqo­za, okuthe uma bebuzwa ukuthi bangobani, kwaphendul­a oyedwa wabo wazibiza ngoKhuleka­ni.

"Ngaleso sikhathi uNkz Mntungwa ubehleli nendodakaz­i yakhe, okuthe uma bevulelwa, babuza lapho kulala khona indodana yakhe, wabatsheng­isa kodwa baphendula ngokuthi ubenza izilima.

"Bamtshele ukuthi sebeyile egunjini lakhe, akekho, emuva kwalokho omunye wabo wadonsa isibhamu wamdubula,” kusho umthombo.

Uthi kunezinsol­o zokuthi ukufunwa kwendodana kaNkz Mntungwa kuhlobene namatekisi njengoba ike yadutshulw­a ngoMsombul­uko.

“Indodana yakhe inamatekis­i ahambela eMtshezi lapho idutshulwe ngakhona, umndeni ubuvele wazi ukuthi kukhona abafuna ukuyenzaka­lisa. Okubuhlung­u wukuthi indodana yakhe ibivele ingasahlal­i kubo njengoba bekukhona abayifunay­o,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala emuva kokuba owesifazan­e oneminyaka ewu-55 ubudala edutshulwe ngabantu abangaziwa ekwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa