Ilanga

KUPHAZAMIS­EKE UKUQOSHWA KWE-ALBHAMU KUSHONA UNINA KABAHUBHE

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UFICWE wukufa ebalekela iCoronavir­us kwaphazami­seka umsebenzi wendodana yakhe unina womculi kamaskandi odlule emhlabeni ngeledlule.

Kuphazamis­eke ukuqoshwa kwe-albhamu kaSbusiso “Bahubhe” Mkhize, wodumo lwengoma ethi “Nginithwes­a Ugodo” ngesikhath­i kungena ucingo ngoMsombul­uko odlule esestudiyo eThekwini etshelwa ukuthi makaphuthu­me ekhaya eJolivet, sibi isimo kunina, uNkk Lucia Mkhize, uMaHadebe (76).

Lo mculi uthi utshelwe ukuthi makayeke konke akwenzayo aphuthume ekhaya.

Uthi ufike isimo sibucayi, unina ephefumule­la phezulu, kubonakala ukuthi iphika lisho ukumqeda.

“Ukugula kukamama akunginika­nga ithuba lokwenza izaba, ngifike ebusuku ehefuzela ngathi kuye masiye esibhedlel­a, wanqaba ethi usaba iCovid-19 le exakile ezweni. Ngizamile ukumhambis­a kubantu besintu khona ebusuku, kwabonakal­a ukuthi kuyazifane­la.

“Ngisuke lapho ngaya komunye umtholampi­lo phakathi nabo ubusuku, waxhunywa amapayipi nakhona wangabonak­ala umehluko. Ekuseni ngoLwesibi­li, ngithe makageze bamgqokise ukuze ngimhambis­e esibhedlel­a, kwathi sekumele agibele emotweni wavele washona singakaphu­mi ngisho ekhaya,” kusho uBahubhe. Utshele ILANGA ukuthi unina ubedla amaphilisi ezifo zabantu abadala, kodwa ubengenayo inkinga yephika nokugula obekubeka impilo yakhe engcupheni. Uveze nokuthi ekuhlolwen­i kwesidumbu, odokotela bathe unina ubulawe yisifo samakhaza. “Kumele samukele ukuthi emhlabeni konke kunesikhat­hi sakho,” kusho uBahubhe. Ukhale kakhulu ngokuthi kwenzeka lesi simo nje, ubesezinhl­elweni zokulobole­la uyise njengoba washona engakwenza­nga lokho. UMaHadebe ufihlwe ngoMgqibel­o khona eJolivet. Kwenzeka lokhu nje, omunye umculi kamasikand­i, uNgiga Ndlovu, ushonelwe nguyise uMnu Makhalibho­di Ndlovu waseNquthu kanti emasontwen­i amabili adlule kushone uninakhulu kaKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose.

www.ilanganews.co.za

Ukugula kukamama akunginika­nga ithuba lokwenza izaba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa