BAKHALA "NGOKUNCISHWA UMSEBENZI" WUMASIPALA OSOMABHIZINISI
BAKHALA ngedolo likaMasipala waseJozini eselihlale entanyeni yabo umlibe osomabhizinisi abadabuka ngaphansi kwalo masipala, abathi sekuphele iminyaka beshaywa ngesithende uma kukhishwa imisebenzi edinga ukwenzelwa umphakathi.
Labo somabhizinisi abangaphansi kweJozini Chamber of Business, bathi isibame emphinjeni indaba yokubukelwa phansi wumasipala uqasha osonkontileka bakwezinye izindawo zaKwaZulu-Natal nabakwezinye izifundazwe ukuba bayokwenza imisebenzi nabo abakwaziyo ukuyenza.
Batshele ILANGA ukuthi selokhu kwabheduka iCoronavirus, kukhishwa amathenda amaningi kulo masipala, kusentshenziswa umthetho ogunyaza ukukhishwa kwamathenda ngokohlelo oluphuthumayo ngaphandle kokukhangisa.
Kulawo mathenda kubalwa umsebenzi wokusatshalaliswa kwezibulalamagciwane, wukufakwa kwamasango avulwa ngesiqhebezabuqama ( remote), wukulungiswa kwezakhiwo zomphakathi nokufakwa kwezindlu zangasese ezingoma-hambanendlwana ezindaweni zikamasipala.
Ngaphandle kwalokho, bathi kunamathenda abekhishwa yize umasipala uvaliwe ngenxa yokutholakala kwezisebenzi zawo zineCoronavirus. Le nhlangano yosomabhizinisi ikhala nangokuthi kunosomabhizinisi osekwaziwa ukuthi imisebenzi ethile ngeyabo.
Ngokusho kukaMnu Mahlubahlangene Hadebe, ongusihlalo weJozini Chamber of Business, sekuphele iminyaka emine bezama ukuxoxa nalo masipala, bewucela ukuba uyithathele phezulu indaba yabo, kodwa kulokhu kuqhubeka ukuvalelwa kwabo ngaphandle kulandwe izinkampani zaseThekwini, eGoli naseMpumalanga.
Uthi izikhalo zabo ziningi kakhulu, kodwa akukho ngisho nesisodwa esilungiswayo.
“Lapha eJozini kasihlonishwa wumasipala wethu, esingazi ukuthi ufuna sibalekele kuphi ukuze kubonakale ukuthi nathi siyakwazi ukwenza imisebenzi oyinika abantu bakoGoli ,” esho.
ILANGA lithole ukuthi ngoLwesithathu kukhishwe uhlu lwemisebenzi okufanele yenziwe kulo masipala kodwa isikhathi sokufaka isicelo besiphela ngakusasa.
Phakathi kwale misebenzi kubalwa owokufakwa kwamalambu edolobheni laseNgwavuma naseJozini, owokusatshalaliswa kwamathangi emawadini ahlukene nowokufakwa kwamapayipi amanzi edolobheni laseBhambanana.
IMeya yaseJozini uMnu Delani Mabika ithe kayinankinga nokushiwo ngayo nomasipala, kunalokho kulungile zilime ziyetsheni. Ithe kayisazi ukuthi yini abayifunayo osomabhizinisi ngoba umasipala ubenemihlangano eminingi uzama ukwakha ubudlelwano phakathi kwawo nabo.
“Mabangakhulumi kwabezindaba, mababhale phansi konke lokhu abakushoyo,” kusho uMnu Mabika.
UMnu Nkosinathi Myeni ongusomlomo walo masipala, uvumile ukuthi akhona amathenda abebewakhipha yize bekade usavaliwe umasipala.
Uthe sekukaningi bezama ukuxoxa neJozini Chamber of Business, wathi kodwa izinkinga ezivamile eziholela ekutheni bangayitholi eminye imisebenzi, wukuthi kukhona izinto ezisuke zishoda ngakubona osomabhizinisi, okubalwa nokungabi naso isipiliyoni kwabanye.
“Abanye balab’ somabhizinisi bakhulunyiswa wukuthi kabasayitholi ngaso sonke isikhathi imisebenzi ngenxa yokuqina komthetho. Isikhalo sabo siyasazi futhi sekunesikhathi eside basiletha, sajuba imenenja kamasipala, uMnu Jockonia Mngomezulu, ukuba ihlangane nabo.
“Maqondana nodaba lwezakhiwo zomphakathi ezingaphothulwa, udaba lwezinye zazo lusenkantolo emuva kokuba umasipala wethu umangalele izinkampani ukuba zibuyise imali ngoba zehluleka wukuqeda umsebenzi. Inkinga ekhona ngosomabhizinisi bendawo wukuthi abanye babo kabanaso isipiliyoni sokwenza imisebenzi,” esho.