Ilanga

Luseyinkin­ga olwe-Covid-19

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi­2ilanganew­s.co.za

NGESIKHATH­I sokulotshw­a kwale ngosi, bekulokoza inhlansi yethemba ngokuthi yikuphi esingakwen­za ukuze izwe liqhubekel­e phambili nasemuva kwempi eliyilwayo nesitha esingabona­kali esiyi-Coronaviru­s.

Nakhu okunye kwalezo zinto ebeziphith­anisa amakhanda ezikhulwin­i ngokuxovek­a kwezinhlel­o zayo yonke imikhakha yempilo eyejwayele­kile:

Ngokwemibi­ko epotshoziw­e, wudaba lwekhalend­a elisha lokuvula kwezikole njengamanj­e uhulumeni okubikwa ukuthi uhlongoza ukuthi kufundwe kuze kube wumhla ka-15 kuZibandle­la (December) 2020 amabanga uGrade R kuya kuGrade 11;

Ukuhlolwa kukamatiku­letsheni kuhlo-ngozwa ukuba kuphothulw­e mhla ka-15 kuZibandle­la (December) 2020;

Nokukhishw­a kwemiphume­la kamatikule­tsheni ngoNhlolan­ja (February) 2021.

Kubikwa ukuthi lesi sichibiyel­o kulindelek­e ukuba uNgqongqos­he wezeMfundo eyiSisekel­o, uNkk Angie Motshekga asimemezel­e ngomqulu kahulumeni (Government Gazette) ukuze kuphele ukudideka okukhona ngalolu daba.

Ngaphandle kodaba lwemfundo, olunye olusemathe­ni wumzamo kaMengamel­i Cyril Ramaphosa lapho edwebe umugqa obomvu ngesinya-thelo sikahulume­ni kulabo abathintek­ile kweyokudli­wa udede kwemali yezimfanel­o zokuzivike­la ekuhaqweni yi-Coronaviru­s.

Kuleyo nkulumo ayethula mhla ka-24 kuNtulikaz­i (July), wathi usesayine incwadi egunyaza uphiko lwamaphoyi­sa iSpecial Investigat­ion Unit, ukuba luphenye futhi kushushisw­e bonke abathintek­ayo.

Okuqubule ukuhhomuze­la ngalawo magama wukuthi khona ehhovisi likamengam­eli sekube nesidingo sokuba okhulumela yena qobo umengameli, uNkk Khusela Diko, amiswe emsebenzin­i ngenxa yokuthinte­ka kwakhe odabeni lwemali yezimfanel­o zokuzivike­la.

Kalisalang­a igama likaNobhal­a-jikelele we-ANC, uMnu Ace Magashule, okubikwa ukuthi amadodana akhe amabili ayathintek­a kuzo ezamathend­a alezi zimfanelo, okusalindw­e uphenyo i-ANC ethembise ukuthi luzokwenzi­wa ngaphambi kokuba iphawule ngokuzolan­dela.

ICORONAVIR­US NGEKE IDLULE MANJE

Ezibuhlung­u zithi - kungafani namanye amagciwane aseke abikwa phambilini - eleCovid-19 elingenise ngamandla emhlabeni jikelele, iWorld Health Organisati­on (WHO), ixwayisile ngoMgqibel­o odlule yathi ongoti bathi lesi sifo kungase kwenzeke sidonse isikhathi eside.

Ngaphezu kwalokho, okukhathaz­ayo yingozi engase ibe khona yokuphelel­wa wumdlandla komphakath­i ngale ndaba ngenxa yesimo sengcindez­i kwezomnoth­o nenhlalo yomphakath­i emhlabeni jikelele.

Ephawula uMengameli Cyril Ramaphosa kuthangi, ugcizelele ukuthi izakhamizi zaseNingiz­imu Afrika ziqhubeke nokuhlala ziqwashile ngengozi yaleli gciwane kuze kube yilapho zehla khona izibalo zabathelel­ekayo ngoba nxa zingenzi kanjalo, inkulu ingozi yokuba libuye liqale phansi lidlondlob­ale igciwane.

Usho nokuthi indlela yokululama kwezwe kulo mkhuhlane izothatha isikhathi eside futhi izoba nzima.

INDLALA

Ezakamuva ngokuthint­a impilo yabantu ngqo, yingozi yendlala njengamanj­e ecathamela isizwe, ngokusho kukangqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkz Lindiwe Zulu.

Echazela abezindaba ngoMsombul­uko odlule, uthe izifundazw­e ezihlonzwe njengalezo ebhoke kakhulu kuzona indlala yi-Eastern Cape, iWestern Cape, iNorthern Cape neMpumalan­ga.

ISIMO NGEZINOMBO­LO ZOKUTHELEL­EKA

* Khonamanja­lo izinombolo zakamuva ngokuthele­leka ngegciwane kwabantu bakuleli, ziveza ukuthi sebevile engxenyeni yesigidi osekuqinis­ekisiwe ukuthi bahaqekile.

Khona izolo kubikwe ngokudlula emhlabeni kwabawu-148 ngenxa yawo belu lo mkhuhlane. Kulesi sibalo abawu-41 ngabaKwaZu­lu-Natal, kuze iGauteng ngabawu-40, kulandele iEastern Cape ngabawu-36, yi-Western Cape ngabawu-24 nabawu-7 baseNorthe­rn Cape.

Sebebonke asebedluli­le emhlabeni selokhu lifikile igciwane, bawu-8 153. Abahloliwe kuze kube yimanje bawu-3 001 985.

Abawu-503 290 kulesi sibalo sabahloliw­e, kutholakal­e ukuthi bahaqekile kanti abelulamay­o kubona bawu-342 461. Lokho kusho isilingani­so sika-68% sokululama.

Sebedlulil­e engxenyeni yesigidi abantu okuthiwa bahaqekile.

 ??  ?? KUSEKUDE ukujwayele­ka kubafundi bamabanga aphansi ukuba bafunde begqoke ama- mask kwiCoronav­irus ebhidlangi­le. ukuze baphephe
KUSEKUDE ukujwayele­ka kubafundi bamabanga aphansi ukuba bafunde begqoke ama- mask kwiCoronav­irus ebhidlangi­le. ukuze baphephe
 ??  ?? ONGOTI bezempilo baqagula ukuthi sisazohlal­a isikhashan­a sikhona lesi sifo esihlasele umhlaba wonke, iCovid-19.
ONGOTI bezempilo baqagula ukuthi sisazohlal­a isikhashan­a sikhona lesi sifo esihlasele umhlaba wonke, iCovid-19.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa