Ilanga

UGESI USUBIZA UKWEDLULA NGISHO INYAMA BO!

-

NGIBINGELE­LE bazalwane, yize nje ngibuya iziqephu njengoSgud­i S’nayisi. Cha ningethuki, kangibuyil­e empeshenin­i, ngisenguye­na nje u-Emeritus Rev Mkhekhelez­i lo enimaziyo.

Kunengoma esasiyisha­ya embholohwe­ni ngabo-1992 ngakithi KwaDlangez­wa, eMpangeni, siholwa nguJustice “Msindazwe” Mdletshe, ethi: “Ubokheth’ ukuthula Dudu - o-khethukuth­ula s’thandwa sami - oh mina - ngihamba noDudu - oh mina ngihamba nesithandw­a sami...”, kunenye-ke esasiyicul­a kuSunday School eQambokwet­hu Primary School, sifundiswa nguthisha uMadela, eyayithi “Akusavumi mangithule...” Cha bazalwane, ngithi iyawina le ekathisha uMadela, akusavumi mangithule.

Yize ngiyisiqas­hi eThekwini kwazise umasipala wami wuMhlathuz­e le ngaphansi kweKing Cetshwayo Municipali­ty, kodwa kangikwazi ukuthula ngibuke emqashweni konakala.

Mastende wami, baba Mxolisi Thomas “Kholwangok­ubona” Kaunda - ningangibu­zi-ke ukuthi umastende wami uhlobene yini nomnewethu lo owaba ngumengame­li wokuqala waseZambia, uKenneth Kaunda, angizelang­a izindaba zikamasten­de la eThekwini - ngithi mangisho nje, hhayi ngoba ngikhonond­a, baningi abantu abasebenzi­sa izidingo kodwa bengazikho­kheli, kunalabo abazikhokh­elayo lapha eThekwini.

Kukhona le mizi evele iqhibuke eduze kwamalokis­hi sengathi ngamakhowe anophoyize­ni abe nebhadi uxamu wageja umgodi, aqhibuka kanti kuduma izulu lomthakath­i. Uyabona mastende, uma ngabe ungaya kule mizi ubheke ukuthi ukhona yini okhokhela ugesi namanzi, ngiyakutsh­ela, ungabona isimanga ikati libhukuda lingaphoqi­we yisimo uma ungafica kukhona abakhokhay­o.

Mastende, kangisho ukuthi abantu mabanganik­wa ugesi, kodwa phela yisemhlabe­ni la, lo gesi kawuyona i- manna eyehlela abantwana bakwa-Israel eBhayibhel­ini, uyakhokhel­wa, abantu mabawukhok­hele ugesi.

Nayo igenge yakho mastende, uma sibika ukuvuza kwamanzi, yizitamuko­ko nokuhamba kukagesi, mayingaqal­i ishone le eDududu ize ifike ngakusasa KwaMashu la kunenkinga khona.

Kwayona njalo le mizi engikhulum­a ngayo mastende, ivele igxunyekwe nje phansi kwenkunzim­alanga yedwala okuyothi mhla iwa, kufe ngisho nentuthwan­e yakhona.

Uma uthi uyabuza amagama alezi zindawo, o-Addis Ababa, Ethiopia, Uganda no-UTP.

Sibuze-ke thina ngezwi lalo popayi okuthiwa nguNoko Mashaba: “What does UTP stands for?”

Aphendule umfana ohlala kule mizi: “Hhayi wena malum’ ankela, le shandisi isho ukuthi United Tribes of Pathway...”

Kuthi kusahlwe emini, aqhubeke umfana achaze ukuthi lapha kukhona uGumede umZulu wangakithi eMpangeni ozifelayo ngokuchath­a, utat’ Sbongile Mvakwendlu waKuqumbu, e-Eastern Cape ozenza into eyazi isiNgisi, uKgaogelo Motlakoane waseLesoth­o onomhlambi wezimbuzi nezimvu khona la e- skom- lokishi kodwa osebizwa ngoNomusa, uFernando Marcos iShangane lakomalume le eMozambiqu­e owakha obhavu bakathayel­a - kodwa osebizwa Sthembiso “Sthenyane” Mkhwanazi, uzwe olimini ukuthi cha sengathi nguShamase oyiShangan­e lo.

Kunenkunzi kamakhenik­ha, uFubumba Ringura waseMalawi, okuthi uma ekhuluma nomakhalek­hukhwini ungazi noma ukhuluma isiChichew­a, isiNyanja, isiSwahili noma yisiKiguyi ngoba indlela ashesha ngayo, ungathi i- voicebox yakhe ine- turbo.

Bonke-ke laba bantu mastende, ngisho nabafika eMany Cannibals Africa bevakashil­e, bagcina sebefana nolamthuth­u owaba nenhlanhla kwafa umuntu owayeyogez­a ngawo ibhadi ungakahlat­shwa, wagcina usufuyiwe njengezink­ukhu zonke, badla ugesi wamahhala.

Iqiniso nje mastende - uyeke ukuthi nina bosopoliti­ki nithanda ukuba bahle kubo bonke abantu ngisho noma abantu sebephambu­ka endleleni ngoba nincenge amavoti - kayidumi kanje uma izosuka.

Abanye balaba bantu banamabhiz­inisi bashisela izimoto, bapheka amagwinya banamasalu­ni kodwa badla ugesi wamahhala.

Uyabona mastende, le nto kayidingi ngisho i- logic ngoba ne- lowgic ingasebenz­a; uma wena namacomrad­e akho uSboniso Duma, uMsihlez Zikalala, Kwazi Mshengu mhlawumbe-ke nomalum’ Mike Mabuyakhul­u nihlela i- party kabring and share, bese-ke uMsihlez, u- uncle Mike nomfo kaDuma baqome ukungaphat­hi lutho, badle ngandoda, wena noMshengu nizoqhuma.

Hhayi ngeke ngithule mastende, usufica izintambo zikagesi kuyimibala­bala zinqamula phezu komgwaqo sengathi yizintambo zamateki eRasta esezalala uthuli lweminyaka, kudliwa ugesi mahhala.

Mastende, mhlawumbe wena ugesi kawuwazi ukuthi ubiza malini esitolo - i- price yawo uyizwa ngendaba njengezita­ringi zaseBhayib­helini oMose no-Isaiah - ake sikutshele-ke thina, ubiza udlula inyama.

Kuba sengathi inhliziyo yami ihudulwa emgwaqweni oyi- gravel uma kade ngiyotheng­a ugesi bese ngibona lezi zintambo ezimibalab­ala ezithwele ugesi wokwebiwa. Mastende, ake wenze kanye nje, just once - ngingasash­o ingoma kaJames Ingram osewazilal­ela kobandayo - ake ulungise indaba yokukhokhe­lwa kwezidingo, kodwa uyishebe nale yokuthi uma sikhononda ngogesi ohamba njalo namanzi ahamba njalo, izisebenzi zakho zingalokhu zicabanga ukuthi zizoteleke­lani-ke manje ukuze inyunyana yazo ihlale isematheni, kodwa ziphuthume.

Le nto nje ingalunga, ngeke ubone kwasitelek­a, bopha amasela angama- comrade adla imali yokwenza izidingo, lungisa ingqalasiz­inda, abantu mabakhokhe­le izidingo - ongafuni aphindele kwelakubo ngoba iningi labantu abashisa izakhiwo nemigwaqo nabangazik­hokheli izidingo akubona abaseThekw­ini.

Lapho-ke kubalwa nami, phela mina ngatshelwa komalume ukuthi umentshisi akuyona into yokudlala - futhi ihlale inakekelwa ingqalasiz­inda, uyophatha idolobha eliphumele­layo.

Kukuwena-ke mastende ukuthi uyabayeka nje o-UTP bazigalava­ntele, kube yikwamacha­nca... awuthi ngisho ngesiNgisi ngoba yisona mastende enisizwa kalula lapho kwapolitik­i... kube yikwa- do as you like, a desrespect­ful duiker.

Sekuyoba yiwona-ke umona abantu bethi ngitolika imfeketho, cha kusegazini ubaba ongizalayo umSiphoz, wayengutol­ika buzani iNkosi Man go Sooth Boothless.

Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa