Ilanga

Sekuyenzek­a esasixwayi­swe ngakho ngababandl­ululi

-

EMINYAKENI edlule abampishol­o baseNingiz­imu Afrika babezishay­a izifuba, bethi leli zwe ngeke lifane namanye amazwe ase-Afrika lapho ukwebiwa kwemali yomphakath­i nenkohlaka­lo ezinhlaken­i zikahulume­ni sekufana nesikompil­o. Babekusho lokhu nxashane uhulumeni wobandlulu­lo wabamhloph­e uthi ngeke bakwazi ukuphatha izwe uma benganikwa amandla okwenza lokho, yingakho kungafanel­e bathole ivoti lokuzikhet­hela uhulumeni wentando yeningi.

Izikhulu zikahulume­ni wobandlulu­lo nabamhloph­e ababehambi­sana nokucindez­elwa kwabampish­olo ngokobuhla­nga, babekhomba amazwe amaningi kuleli zwekazi ayebuswa ngabampish­olo, ayegutshuz­elwe yifu lenkohlaka­lo nokuhlulek­a kohulumeni bawo ukuphatha izwe ngendlela, bathi neNingizim­u Afrika iyofana nawo mhlazane abamnyama bathola inkululeko.

Kuyajabhis­a ukuthi okwakuxway­iswa ngontamolu­khuni sesikubona ngamehlo namhlanje, lapho izinhlaka eziningi zikahulume­ni zehluleka ukwenza imisebenzi yazo. Omasipala bayehlulek­a wukuhlinze­ka izidingo zomphakath­i, izikhulu zawo zizitika ngemali yomphakath­i. Iminyango kahulumeni ezifundazw­eni nakuzwelon­ke iyehluleka wukuhlinze­ka imiphakath­i ngezidingo, igutshuzel­we wubusela nenkohlaka­lo eyesabekay­o.

Ukwebiwa kwemali yizikhulu zikahulume­ni kwafika eqophelwen­i eliphezulu ngesikhath­i kusaphethe uMnu Jacob Zuma engumengam­eli, lapho umndeni owawungaba­ngani bakhe wakwaGupta odabuka e-India, waxebula izigidi ngezigidi ezinhlaken­i zikahulume­ni ezehlakalw­eni zenkohlaka­lo.

Amasela ayesephele­lwe ngamahloni nonembeza njengoba kwathi nxashana kudlula emhlabeni owayengume­ngameli wezwe, uMnu Nelson Mandela ngoZibandl­ela (December) ka-2013, aqhamuka namatulo okuntshont­sha nemali okwakuthiw­a ihlinzekel­we abantu ukuba baye emngcwaben­i wakhe.

Kwathi uma kungena uMengameli Cyril Ramaphosa emuva kukaMsholo­zi ngo-2018, yena neqembu elibusayo i-ANC batshela izwe ukuthi izinyo selizogaya ngomunye umhlathi manje, kuzophela ukuzichana­sela nje emaseleni. Sekucacile ukuthi babehulula imfibinga (behhema nje).

Ukugadla kweCovid-19 nokwabiwa kwezigidi zemali wuhulumeni ukulwa nalesi sifo, sekumbule uhulumeni kaKhongolo­se izinqe futhi njengoba sekuvele ukuthi izikhulu zawo nabangani bazo abaphila ngamathend­a babelane amathenda anonile okuthenga izinsiza zokulwa nesifo ngendlela enenkohlak­alo.

Inkohlakal­o isininde ngisho ihhovisi likamengam­eli wezwe imbala njengoba umkhulumel­i wakhe, uNkk Khusela Diko, ephoqeke ukushenxa esikhundle­ni emuva kokuvela kobufakazi bokuthi umyeni wakhe, uMnu Thandisizw­e Diko wahlomula emathenden­i ayabiwe wuhulumeni waseGauten­g okuhlinzek­a izinsiza zokulwa nalesi sifo.

Izinsolo zenkohlaka­lo sezilahlek­isele ngomsebenz­i noNgqongqo­she wezeMpilo eGauteng, uDkt Bandile Masuku, osemisiwe emsebenzin­i ngesikhath­i kusaphenyw­a ngokwabiwa ngenkohlak­alo kwamathend­a wumnyango wakhe. Cishe zonke izinsuku kuvela amahlazo okwebiwa kwemali yethu ngamasela angenamahl­oni futhi asephelelw­e ngonembeza.

Okujabhisa­yo wukuthi okwaxwayis­wa ngababandl­ululi bethu phambilini sekuyenzek­a, kwenziwa ngabantu bakithi esabavotel­a ukuba basisebenz­ele, ukuze siphile impilo engcono.

Lafa elihle kakhulu!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa