ABANTU MABANGALINDI UKUQASHWA
MHLELI: Baningi abesilisa asebeneminyaka engaphezu kuka-37 ubudala kodwa abaphikwa yimpilo ngendlela exakayo. Insizwa ike iqede nje iminyaka ewu-5 yonke ingakaze nje yabamba ngisho itoho losuku olulodwa, kodwa uthole ukuthi ngokweminyaka isina-45, kodwa impilo imile nje.
Ngiyaye ngizwe nje laba abethula izinkulumo ezakhayo bekhuluma indaba yokuthi isikhathi sakho kasikafiki, bakulinganisele ngowathola ingane ena -90 weminyaka eBhayibhelini (uSarah inkosikazi ka-Abraham), yisimanga-ke leso.
Into eyisimanga kayehleli noma ngubani, futhi impilo kayiyintsha. Uma bekhona abaphila ngalo lelo themba lokufika kwesikhathi eminyakeni eminingi edlule kodwa balinda baze baguga, kusazokwenzeka abanye nabo abakholelwa kweyesikhathi balinde baze baguge bengakaze basebenze into ecacile empilweni yabo yonke.
Indaba yokuzikhohlisa ngesikhathi senu esizayo, kungcono nisilinde nibe nihamba ukuze uma kuwukuthi sigcina singafikanga, nibe senilikhathulile ibanganyana empilweni yenu.
Bangaki omkhulu abangakaze nje basebenza empilweni yabo nabo ababezitshela ukuthi siyeza isikhathi sabo?
Ukuya ephuzwini elibalulekile engiqonde kulo, wukuthi bafowethu, indaba yokuthi ubheke abelungu kuphela kayisasebenzi, yenza noma yini ezokungenisela imali, ikakhulukazi laba asebeneminyaka yobudala ewu-37 kuya phezulu.
Sebenzani kanzima impela ukuze nizokwazi ukufeza izidingo ezibalulekile zekhaya ngaphambi kokuba niguge niyohola impesheni kahulumeni.
Ungavula i- tuckshop, uthengise ukudla emarenki wenze noma yinike ezongenisa imali ukuze impilo iqhubeke. Amen.