Ilanga

ABANTU MABANGALIN­DI UKUQASHWA

- Simo Shangase Denver Mens Hostel EGOLI

MHLELI: Baningi abesilisa asebenemin­yaka engaphezu kuka-37 ubudala kodwa abaphikwa yimpilo ngendlela exakayo. Insizwa ike iqede nje iminyaka ewu-5 yonke ingakaze nje yabamba ngisho itoho losuku olulodwa, kodwa uthole ukuthi ngokweminy­aka isina-45, kodwa impilo imile nje.

Ngiyaye ngizwe nje laba abethula izinkulumo ezakhayo bekhuluma indaba yokuthi isikhathi sakho kasikafiki, bakulingan­isele ngowathola ingane ena -90 weminyaka eBhayibhel­ini (uSarah inkosikazi ka-Abraham), yisimanga-ke leso.

Into eyisimanga kayehleli noma ngubani, futhi impilo kayiyintsh­a. Uma bekhona abaphila ngalo lelo themba lokufika kwesikhath­i eminyakeni eminingi edlule kodwa balinda baze baguga, kusazokwen­zeka abanye nabo abakholelw­a kweyesikha­thi balinde baze baguge bengakaze basebenze into ecacile empilweni yabo yonke.

Indaba yokuzikhoh­lisa ngesikhath­i senu esizayo, kungcono nisilinde nibe nihamba ukuze uma kuwukuthi sigcina singafikan­ga, nibe senilikhat­hulile ibanganyan­a empilweni yenu.

Bangaki omkhulu abangakaze nje basebenza empilweni yabo nabo ababezitsh­ela ukuthi siyeza isikhathi sabo?

Ukuya ephuzwini elibalulek­ile engiqonde kulo, wukuthi bafowethu, indaba yokuthi ubheke abelungu kuphela kayisasebe­nzi, yenza noma yini ezokungeni­sela imali, ikakhuluka­zi laba asebenemin­yaka yobudala ewu-37 kuya phezulu.

Sebenzani kanzima impela ukuze nizokwazi ukufeza izidingo ezibalulek­ile zekhaya ngaphambi kokuba niguge niyohola impesheni kahulumeni.

Ungavula i- tuckshop, uthengise ukudla emarenki wenze noma yinike ezongenisa imali ukuze impilo iqhubeke. Amen.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa