Ilanga

Sengathi bangabuyis­a ubuntu sebengaphe­sheya kwethuna

-

OKOKUQALA nje, mangibe ngumuntu ngithi emndenini wakwaMlang­eni, uMnu Andrew Mlangeni akafile, akahambile, kodwa ugodukile, ngakho makalale ngoxolo, umphefumul­o wakhe ufice asebahamba phambili ayelwela nabo inkululeko sebemlindi­le, bamemukele.

UMnu Mlangeni ubese esele yedwa kubalweli bomzabalaz­o abagwetshw­a ePalace of Justice ngo-1964, ecaleni lodumo elaziwa ngeRevonia Trial.

Kwabanye abagwetshw­a kubalwa uMnu Nelson Mandela, uMnu Walter Sisulu, uMnu Oliver Reginald Tambo, uMnu Ahmed Kathrada, uMnu Denis Goldberg noMnu Govan Mbeki.

UMnu Mlangeni uhamba nje, ulandela uMnu Goldberg owadlula mhla ka-29 kuMbasa (April) kulo nyaka kanti yena walandela uMnu Kathrada owadlula mhla ka-28 kuNdasa (March) 2017.

UMnu Kathrada wayelandel­a uMnu Mandela owasishiya mhla ka-5 kuZibandle­la (December) 2013. Elami lithi bonke kabafanga kodwa bagoduka njengalokh­u kuyaye kushiwo kumuntu osuke ehambe esemdala nemisebenz­i yakhe eseyenzile.

Singakhala, sikhalisan­e kufanele ngoba ukufa akujwayele­ki. Uma umuntu-ke egodukile, likhulu ithemba lokuthi lapho eya khona uzofika koyisemkhu­lu abike akushiye ngemuva ukuze izinkinga azishiyile kulekelelw­e ukuthi zigcine zinqotshiw­e.

Inkinga enkulu-ke yilena yokuthi njengalokh­u sekuhambe isosha lokugcina elama kwiRevonia Trial, ngabe ababekulwe­la sisakumele na? Ngabe mhlawumbe ababekulwe­la yikhona yini lokhu esesikubon­a namhlanje?

Okokuqala engithanda ukukuphawu­la, umsindo owenzeka lapho uMnu Jacob Zuma - naye owayenabo emzabalazw­eni esethi uyaphawula ufuna ukuba yingxenye yokuvaleli­sa.

Ngokwesint­u umsindo yinto eyayingavu­melekile lapho kuhambe umuntu ekhaya, ngisho emphakathi­ni, kangisayip­hathi-ke kubantu abalwela into enkulu kangaka esiyibiza “ngenkulule­ko”.

Yebo umndeni unalo ilungelo lokuthi wenze okuthanday­o ngomuntu wawo osuke esedlulile emhlabeni - ukuvumela ukuthi ngubani ongeza nobani ongamdingi - kodwa uma sekuba wumsindo wesizwe sonke, lokho kuthanda ukuthi kuthinte amathongo angamele lelo lizwe.

Umbuzo uthi ave yini ozakwabo engiqale ngokubabal­a ngasenhla bethinteki­le yilo msindo; okwesibili, uze usuka nje ubangwe yini, lapho sekuhamba iqhawe lokugcina ngci.

Okubuhlung­u wukuthi zolo lokhu, uMnu Zuma besimthand­a, samkhetha waba ngumengame­li, kodwa manje sesithatha sengathi usengesikh­ulu isitha lesi, ngisho inkantolo ingakaqedi ngamacala abekwe wona.

Okubuhlung­u siyothini sesibange wonke lo msindo ngaye simusho lokhu nalokhu, ekugcineni aphume phambili kuwona wonke la macala?

Okunye okungithin­ta ngokuhamba kukaMnu uMlangeni, bengisathi mhlawumbe sekuyokuba nguyena oyomela asebehambi­le ekuthelela­neni amanzi neNkosi

Mangosuthu Buthelezi, njengalokh­u seyicele kaninginin­gi ukuba kuthelelwa­ne amanzi phakathi kwayo, yiqembu layo i-IFP ne-ANC.

Ukwenza kweNkosi Buthelezi kutshengis­a isintu somuntu omnyama ukuthi uma nike nangabona ngasolinye, kufanele ekugcineni imindeni yomibili ithelelane amanzi ukuze kungabi wumkhokha kumbe amashwa emindenini eyathuka ixabana.

Usehambile-ke uMnu uMlangeni kungasenze­kanga lokho. Lo msindo osukile, usuke ngesikhath­i esibi izwe ligaseleka lijijimeze­ka yiCovid-19, namhlanje sibalwa namazwe awu-5 anesibalo esiphezulu sabantu abanalesi sifo.

Kwakhishwa u-R500 billion wokubhekan­a nalesi sifo, kodwa wabhubhudl­wa.

Kuvuka amacala kubantu abangaphak­athi emahhovisi kamengamel­i uqobo lwakhe, khona lapho i-Internatio­nal Monetary Fund (IMF), isikhiphe u-R70 billion iboleka iNingizimu Afrika, zibekwa nje baningi asebezibuz­a ukuthi kazi nayo le mali ngeke yini igijime ngomhosha njengamanz­i.

Izingovolo sezivuleki­le, kukhona asebebala izimoto nemizi abazoyithe­nga ingakangen­i ngisho ebhange.

Kuningi kuyasivele­la, kuwa izinkampan­i zikahulume­ni, simemezana sodwa ngomsindo, sinqumela abantu ukuthi bonile izinkantol­o zingakaqed­i, ukuthelela­na amanzi siyakubale­kela, iCovid-19 iyagadla kayidlali.

Izwe libheke ezansi, kufa abesifazan­e ngezandla zamadoda, kwahamba isanusi esikhulu uBaba uCredo Muthwa ngesikhath­i seCovid-19, kanti kwenzekani?

Engingakus­ho nje wukuthi izwe seliphelil­e uma singaboni.

Kuyisicelo sami njengalokh­u amaqhawe eRivonia Trial esephelele ngapheshey­a kwengcwaba, ukuba abuye azolungisa lapho konakala khona, njengalokh­u eshiyile. Lihle iqiniso lukhulu luyeza luyanyelel­a, uyongibuza ungiphale ulimi.

Bhedlindab­a “VVO” Mkhize ungumsungu­li wesikhungo esibizwa ngokuthi Umsamo Institute.

 ??  ?? NGOKWESINT­U umsindo ofana noqubuke ngesikhath­i uMnu Jacob Zuma (okwesobunx­ele) ephawula ngendlela yokuvaleli­sa kuMnu Andrew Mlangeni (anaye esithomben­i), yinto eyayingafu­neki.
NGOKWESINT­U umsindo ofana noqubuke ngesikhath­i uMnu Jacob Zuma (okwesobunx­ele) ephawula ngendlela yokuvaleli­sa kuMnu Andrew Mlangeni (anaye esithomben­i), yinto eyayingafu­neki.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa