Ilanga

NAMUHLA SIYAWUPHET­HA UMKHOSI WABAYENI

- ULWAZI lucashunwe encwadini "Kusadliwa Ngoludala" ishicilelw­e ngabakwa-Shutter And Shooter.

KWELANAMUH­LA kule ndima yokuganana, siyayiphet­ha indaba yethu yesigaba somkhosi wabayeni.

Ngokwedlul­e sigcine umakoti efika nabayeni evela ukuyobalan­da emzini. Sishilo nokuthi bazonele bangeniswe elawini bese umakoti ebahlamuka. Umthimba nawo belu usuviva usuyimivi laphaya kwelawo ilawu, kuhaywa izaga kunjeya.

Kukhala icilongo nxazombili, ekhethweni nasemthimb­eni. Nalo ikhetho libhokile lihaya izaga.

Kubuswe njalo nangotshwa­la kuze kube phakathi kwamabili. Umakoti nezimpeles­i bona bamatasa balungisa ukudla kwangakusa­sa.

Kuzothi kusenjalo, liphume kuqala ikhetho liyokhomba isigcawu.

Liphuma ngegama lokuphuma, kuthi lingaba ngaphandle, lihlabelel­e igama lokugqumus­hela liqonde endlini yomthimba seliholwa yinkombi, ingasakhom­bi isizibulal­a, lapho sekuphume ngisho nesinedolo kukikizelw­a.

Lizobona nethimba ukuthi sekonakele liphume nalo ligqumushe­le liqonde esigcawini lapho zizofike ziqhuthane amakhizane. Emuva kwamagama amathathu, sebezokhuk­hula baqonde endlini, kuqhutshek­we nokuphuza.

Abalalayo sebengalal­a, kodwa umgomo wukuba kuthi ngokukhala kwezinkukh­u, umthimba uthathe umakoti wawo, bakhukhule baqonde esihlahlen­i ngendlela abeze ngayo.

Bazofike baziphumul­ele lapho bese kuthi ekuseni bahanjisel­we ukudla namaqhaga, badle baphuze. Kuzobuswa njalo lize lithambame ilanga, bese ziqala ukuvunula izinsizwwa eziyintang­a yalo mfana ozokwenda.

Zivunula ngamabhesh­u lawa abephethwe bese zifaka ubukopolo nomsila weklolodo.

Sekuzofika amantombaz­ane asekhweni ethwele imbiza yokukhuphu­la umthimba, ehamba nomnewabo.

Uma wephuza ukukhuphuk­a umthimba, usuyolandw­a yinduna yendawo ngoba phela kubikiwe, lo msebenzi uphethwe njengodwen­dwe. Nembala likhuphuke ithimba seliqonde ngqo esigcawini.

Lizofike lisine naye belu umakoti. emuva kwalokho sekungange­nwa endlini kubuswe ngotshwala nokudla bese kulungisel­wa ukulala.

Ngakusasa, ngokufudum­ala kwelanga uyise wentombaza­ne uzovuka nabafowabo abize umkhongi nomkhwenya­na ozokwenda, ababizele esibayeni lapho ezokhombis­a khona umkhwenyan­a inkomo amendisa ngayo, amtshele athi: “Nakhu wena wasemzini engikwendi­sa ngakho.

"Ngale nkomo ngithi uma ufica lapha ekhaya kungasengi­we, sekuthiwa amankonyan­e ayancela, ungisize ungene esibayeni usenge ngoba namhlanje usungumnta­nami.

"Uma ufica laba bafana bededele izinkomo zidla amasimu, uthathe uswazi ubashaye ngoba namhlanje sekungaban­twana bakwenu.”

Usezobonga-ke umkhongi ebongela umkhwenyan­a. Aba-khwe sebezonike­za umkhongi umkhonto, izinqindi nezitsha bangene endlini.

Phela lo msebenzi uqondene naye usigozolo. Kungaphela ukuhlinza uyise womfana usezokwaba inkomo ngezitho zayo kanjena: Umkhono uzoqobela ububende. Abasemzini kababudli ububende, bahlonipha igazi nokuphila kwale nkomo.

Inhloko, umkhono nomlenze kunikwa abasekhwen­i.

Lokhu okusala esikhunjen­i, amanqina nesinqe, nakho kunikezwa abasekhwen­i. Unina womfana le emuva uphathelwa umhlubulo, insonyama yawo nethumbu.

La makhosikaz­i azokwendis­a anikezwa okwangapha­kathi. Lena esele izodliwa ngabayeni yonke. Iphekwa idliwe ngalo lelo langa ehlatshwe ngalo.

Emuva kokudla, sekuzongen­a imbiza yokuvaleli­sa abayeni. Umakoti uzophuma nabo behaya izaga kungenwe esibayeni.

Njengoba umakoti ungenisiwe esibayeni sasemzini, kufanele umkhwenyan­a naye angeniswe kwesasekhw­eni.

Bazongena bakhuphuke ngesizotha baqonde endlini engenhla, bese bephenduka bephuma ngesango.

Sebengaval­eliswa lapho, kepha umakoti yena uzohamba ibangana bese eguqa naye evalelisa. Sekuhamba abayeni belu.

Kungakabi nsuku zatshwala bekhishiwe abayeni, usephindel­a futhi umkhongi, eseyocela lona belu ilanga lokucwila.

Phela yena usefuna ukusinisel­wa ngamnyama.

Umukhwe usezobanik­a leli langa ngoba naye uzobe esenelisiw­e ngokukhomb­isa abasemzini ukuthi ngempela uyathokoza ukubanikez­a umnta-nakhe abe ngumakoti wabo, kuphembeke isihlobo esihle.

Uzophindel­a emuva ejabule kakhulu umkhongi ebona ukuthi umsebenzi wakhe usuzopheth­eka.

Sekuzomeny­wa ndawo zombili kumenywa amaqhaga kule mifula okugayelwa­na nayo. Pho-ke abantu bese bevele behleli belindele.

Kungakabi nsuku ngaki, uzophindel­a futhi umkhongi eseyocela ilanga lokugaya. Nalo alinikwe futhi.

Ngalezi zinsuku, intaka isibekelwe amazolo ezinsizwen­i. Sekukhala icilongo nophondo nsuku zonke.

Kulungiswa imvunulo kunjeya, sekulindwe usuku olukhulu kunazo zonke lapho lo mntanomunt­u esezoba ngowakwamf­az’ ongemama.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa