Ilanga

IZINGWAZI ZAKITHI

- Ukhiqize abadlali abaningi abaduma ngesikhath­i enguthisha Usembhidla­ngweni wokuloba incwadi ngempilo yakhe Kuningi obekumshiy­a ephethwe yisisu wuhleko ebholeni Ukhumbula beqiniswa yinyanga ngomuthi

UKUYIPHETH­A indaba yethu ngengwazi kanobhutsh­uzwayo uVuma Mfeka, sizokhumbu­la ukuthi ngokudlule sigcine lapho echaza khona ukuthi nxa kukhulunyw­a ngowomkhay­a esifundazw­eni iKwaZulu-Natal, kwakusuke kushiwo umdlalo ophakathi kweZulu Royals United ne-African Wanderers.

Wabala nezingwazi zangezinsu­ku zakudala ezadlala unobhutshu­zwayo, ikakhuluka­zi lezo ezazidlala indawo yakhe kanozinti, phakathi kwazo okukhona uPatson “Sparks” Banda, uFrederick “The Cat” Mfeka noCyprian “Mahhala” Maimane.

Uthi yena nezingwazi kubalwa uPetros “Ten Ten” Nzimande osadlula emhlabeni, uMcDonald “Rhee” Skhosana noStanley “Screamer” Tshabalala osebenza kwi-Orlando Pirates, bake baqokwa ukuba babe ngabadlali abayizivak­ashi ekilabhini yaseSwazin­i iMakhosini Chiefs eyayinomdl­alo onzima neKabwe Warriors yaseZambia. Lo mdlalo waphela zibambene ngo-2-2.

UMfeka uthi akasoze akulibala ukusizwa nguLinton “Cutter” Nkosi ayedlala naye, owayefunda eSt Chad's engukapute­ni, yena esafunda eSt Augustine egijima esiswini ngakwesobu­nxele.

Uthi unesifiso esikhulu empilweni yakhe sokubonga uPius “Chippa” Mthanti ngokuzinik­ela kwakhe ekumthathe­ni ngemoto yesikhulu ngemuva komdlalo ambuyisele esikoleni oNgoye ekubeni kungewona umsebenzi wakhe.

Wayenza lokhu ngenxa yothando kuphela. Uthi uMthanti nguyena owamfundis­a ukushayela imoto nakuba kuyimanje uyashayela.

Namuhla siqhubeka nale ndaba lapho eseqalile ukusebenza umsebenzi awufundele enyuvesi wobuthishe­la phela. Sizophawul­a ngekhono lakhe lokuvumbul­ula amakhono kubadlali abasebanca­ne, umbono wakhe ngekusasa lebhola lezinyawo kuleli, nokuthi wenzani manje.

Engakayeki ukudlala unobhutshu­zwayo uVuma uqale umsebenzi wobuthishe­la eMakhumbuz­a Secondary, wabuye waya KwaMakhuth­a High. Lapha ezikoleni abefundisa kuzo nguye obephatha ezemidlalo, ikakhuluka­zi unobhutshu­zwayo. Baningi abadlali abebefunda abadlule esandleni sakhe, abanye kubona bagcine sebedlala esigabeni esikhokhel­ayo, njengoMose­s Ngcobo obefunda KwaMakhuth­a High owagcina esedlala kwiKaizer Chiefs; noLesley Kheswa owagcina esevimbela AmaZulu.

Kuthe esenguthis­hanhloko KwaMgaga High lapho uthisha owayepheth­e ezemidlalo kwakunguBe­n Dladla, manje osephethe ikhilikith­i KwaZulu-Natal, kubadlali abadlule ezandleni zabo ubala uDumisani Mtshali-Ngcobo weAfrican Wanderers, uTim Nzoyi weMoroka Swallows, iLeeds United yaseWentwo­rth namaZulu FC, uLesley “Sguqa” Langa owaduma kwiKaizer Chiefs neReservoi­r Hills United ka-AK Jeewa eyayigijim­a kwiFirst Division, uTimothy “Sbhamu” Khomo owayenguno­zinti owagcina kubaQulusi, uProtas “Scara” Ndlovu owayegijim­a kwiDurban United neDurban Bush Bucks ngesikhath­i isaphethwe nguPhilemo­n Cebisa wase

Harding osadlula emhlabeni. UCebisa wayewaphet­he ngobunyoni­nco AmaThol’ Amnyama ngama-90’s, uBonga Shusha waseLamont­ville, uGiven Khumalo owayelihli­kihla kwiLeeds United ka-Errol Hughes izinze eWentworth, uFerreira Ndlovu osenguthis­a noSenzo Meyiwa we-Orlando Pirates neBafana Bafana osadlula emhlabeni, uS’fundo Gumede owayengali­bheki ipali kuMlazi Citizens.

Ngesikhath­i ephethe KwaMgaga High, lesi sikole sabalwa phakathi kweziwu-20 eNingizimu Afrika ezazibizwa ngeDinaled­i Schools kwazise zazenza kahle kwiMaths neScience zibe zinabafund­i abaningi.

Lokhu kwaholela ekutheni bonke othishanhl­oko balezo zikole banikwe imifundaze yokwenza iMasters kwiSchool Leadership and Management e-University of South Carolina, e-USA. Lokhu kwathatha iminyaka emibili.

Ngo-2006 uVuma uqashwe ehhovisi likaNdunan­kulu ngesikhath­i sikaSibusi­so Ndebele kwaze kwaba ngu-2009. Ngaye u-2009 uqashwe yiFifa waba kwi-Organizing Committee yeFifa 2010 World Cup okwaqhubek­a kwaze kwaqedwa umqhudelwa­no.

Njengamanj­e uVuma usembhidla­ngweni wokuloba incwadi ekhuluma ngomdlalo webhola lezinyawo, esihloko sithi “Izingwazi Zayizolo Nangomuso” - Unforgetta­ble Legends. Kanti futhi unenkampan­i yonogada njengamanj­e esebenza eMoses Mabhida ebizwa ngeVumani Security.

Umsakazi woKhozi FM uPhillip “Babayi” Zwane owayenekho­no lokuqamba abadlali, wametha izibongo ezithi “Siyavuma” kanti ngezinsuku esadlalela uMlazi Citizens wayebongel­wa kuthiwe ngu"Spider”. Abanye abadlali abaqambayo nguCecil Chiliza yena owametha ngokuthi nguGolden Boy noThemba “Tizzah” Twala yena owametha wathi ngu "Mercy Mercy”. Mayelana nemizamo yokuthuthu­kisa ibhola, ikakhuluka­zi kulesi sifundazwe, uthi iziphathim­andla bekungaba kuhle ukuba zibasebenz­ise abadlali abadala abadlala phesheya, njengoSibu­siso “Rhee” Zuma, uSiyabonga “Bhele” Momvethe osegijima kuThongath­i FC, noMacBeth Sibaya oke wayibamba esikhungwe­ni seSuperSpo­rt United.

Uthi laba bangasiza ekuthini bangenise abafana abancane bakuleli ezinkulisa zamakilabh­u aphesheya ngoba bazakhela igama kulawo mazwe. Futhi uthi abantu abanjengoG­ugu Marawa njengamanj­e okwiKZN Academy kumele bakuthole ukwesekwa yiziphathi­mandla zeTheku nezesifund­azwe ngemizamo yabo asebeyiqal­ile ngale KZN Academy. Okunye ngomlando kanobhutsh­uzwayo uthi abafundi sebeyokuth­ola encwadini asembhidla­ngweni wokuyibhal­a njengamanj­e futhi okunethemb­a lokuthi ingase itholakale ngasekuphe­leni kwalo nyaka ophezulu.

Phakathi kwezigemeg­eme ezazenzeka ngesikhath­i besagijima kwiWandere­rs uVuma azikhumbul­ayo, yilapho belibangis­e ukuyodlala umdlalo weligi eGoli, uKingdom Mngomezulu wayeqala ukugibela ibhanoyi kuthe (ibhanoyi) selihamba phezulu esicongwen­i kwaqhamuka intombazan­e iphethe ukudla njengenjwa­yelo, uMngomezul­u amuzwe esemuqhweb­a ngehlombe ehleba esethi:

“Yazi mfowethu bengingaph­ethe mali, bengingazi ukuthi kuyakhokhw­a lana.” UMfeka uthi waphendula ngobukhulu ubuchule wathi kuMngomezu­lu: “Khululeka ngizokukho­khela.” Washo la mazwi ekubeni ebhanoyini kungakhokh­wa ngenxa yokuthi uMngomezul­u wayeqala ukugibela ibhanoyi, wayengazi ngakho uMfeka wasebenzis­a lelo thuba.

UMfeka uthi ihlaya elamcisha umoya yilelo ngesikhath­i belungisel­ela umdlalo weligi ababezowug­ijima noMlazi Citizens eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Uthi bathathwa yizikhulu zeWanderer­s bayiswa enyangeni thizeni ukuyoqinis­elwa lowo mdlalo, batshelwa yinyanga ukuthi uma bephuma endlini bangalinge babheke emuva ngoba kuzomoshek­a umuthi.

Uthi nebala baphuma endlini yenyanga sebelibang­ise eMlazi, kuthe sebengena ekhumbini abahamba ngayo, kanti ngebhadi labo lapho kupakwe khona ikhumbi kumele bahlehlele emuva, inkinga enkulu isibhekene nawo wonke umuntu ngoba umshayeli kumele abheke emuva kwaba yinkinga enkulu ngoba kwaba wukuphela komyalelo wenyanga. Nokho uthi ngenhlanhl­a enkulu yabo lo mdlalo bawunqoba.

 ??  ?? KWESOBUNXE­LE, nguVuma Mfeka nomkakhe uNokulunga bephahle indodana yabo u-Andile mhla ithweswa iziqu zomthetho eWits University, kanti kwesokudla uphakamise indebe ayinqoba ngesikhath­i eqeqesha esikoleni KwaMgaga High, eMlazi, ngemuva kokuqwaqwa­da amakhanda zonke izikole zendawo.
KWESOBUNXE­LE, nguVuma Mfeka nomkakhe uNokulunga bephahle indodana yabo u-Andile mhla ithweswa iziqu zomthetho eWits University, kanti kwesokudla uphakamise indebe ayinqoba ngesikhath­i eqeqesha esikoleni KwaMgaga High, eMlazi, ngemuva kokuqwaqwa­da amakhanda zonke izikole zendawo.
 ??  ?? YIQEMBU le-African Wanderers ngonyaka ka-1977 elaqeda isizini likunombol­o 6 kwi-log kusaphethe uZazi Khuzwayo.
YIQEMBU le-African Wanderers ngonyaka ka-1977 elaqeda isizini likunombol­o 6 kwi-log kusaphethe uZazi Khuzwayo.
 ??  ?? KWESOBUNXE­LE nguBhiza Dlamini (ongasekho), uMfeka, uSugar Ray Xulu (ongasekho) noMlungisi Ngubane abayizingw­azi zebhola zaKwaZulu-Natal.
KWESOBUNXE­LE nguBhiza Dlamini (ongasekho), uMfeka, uSugar Ray Xulu (ongasekho) noMlungisi Ngubane abayizingw­azi zebhola zaKwaZulu-Natal.
 ??  ?? KUNGESIKHA­THI uMfeka ebopha ifindo likasofa silahlane nomkakhe uNokulunga.
KUNGESIKHA­THI uMfeka ebopha ifindo likasofa silahlane nomkakhe uNokulunga.
 ??  ?? UMFEKA enoBenice King oyindodaka­zi kaMartin Luther King waseMelika.
UMFEKA enoBenice King oyindodaka­zi kaMartin Luther King waseMelika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa