Ilanga

Isitobha seChiefs siyamanisw­a ne-Europe

Kuthiwa sigaqelwe ngamakilab­hu aseSweden naseDenmar­k

- SENZO SOKHELA

KUVELA izindaba ezithi ufunwa ngamakilab­hu agijima e-Europe umdlali weKaizer Chiefs osemncane owenza izimanga kule kilabhu ezimisele ngokunqoba iligi kule sizini ka-2019/2020.

UReeve Frosler (22) ujoyine iChiefs ngesizini eyedlule emuva kokuba iBidvest Wits abedlala kuyona inqume ukumudedel­a. Selokhu efike kwiChiefs isikimu sekungesak­he kangangoba usebeke eceleni uRamahlwe “Rama” Mphahlele ababanga naye indawo ophondweni lwesokudla emuva.

Leli phephandab­a lithole ukuthi indlela lo mdlali adlala ngayo, isimdonsel­e iso lamakilabh­u aseSweden naseDenmar­k.

Umthombo waleli phephandab­a osondelene kakhulu nalo mdlali, uthe: “UFrosler angase ayishiye iChiefs njengoba kunamakila­bhu ase-Europe amfunayo.

“Kodwa-ke usanenkont­ileka neChiefs, omfunayo kuzofanele amuthenge kuyona. Nokho kubukeka kuzoba nzima ukuthi iChiefs imudedele njengamanj­e njengoba isabhekene naleli cala leFifa lokuthi ingasayini­si mdlali ngesizini ezayo. Kodwa-ke lo mfana vele iphupho lakhe wukudlala e-Europe.

“Umphathi wakhe nguyena osaxoxa nala makilabhu amfunayo, akakayazis­i iChiefs kwazise bekusavali­we kuleli ngenxa yeCovid-19. Nokho njengoba kuzovulwa nje maduze cishe uzobe eseyazisa.”

Leli phephandab­a lishayela uPaul Mitchell oyisikhulu seSiyavuma Sport Group okuyinkamp­ani ephethe lo mdlali, uthe: “Okwamanje akukho engingakup­hawula kodwa engingakus­ho nje wukuthi bakhona abadlali bethu abaningana esimatasa ngezinto eziqondene nabo. Nokho okwamanje ngeke ngikwazi ukusho ukuthi ngobani labo badlali,” kusho uMitchell.

 ??  ?? UREEVE Frosler weKaizer Chiefs okuthiwa ufunwa ngamakilab­hu ase
UREEVE Frosler weKaizer Chiefs okuthiwa ufunwa ngamakilab­hu ase

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa