Kumiswe othisha ababili ngokujola nomfundi oyedwa
KUPHOXEKE izinyunyana zothisha ngezinsolo ezibhekene nothisha ababili baseMlazi Comprehensive Technical High School, eMlazi, abamiswe wuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokuba “yisithembu” somfundi wesifazane.
Izolo ngeSonto, umnyango ukhiphe isitatimende ngokumisa kwawo labo thisha, omunye wabo okuthiwa wabanjwa ngozakwabo eqabulana nalo mfundi ezindlini zangasese zomtapo wolwazi wesikole ngenyanga edlule.
Ngokuthola kweLANGA, akukhona okokuqala lo mfundi ejola nothisha kulesi sikole. Ngokwesitatimende esikhishwe ngesandla sikaMnu Sihle Mlotshwa - ongomunye wabakhulumeli bomnyango - uthe uma umfundi ebuzwa ngalokhu, wavuma ukuthi akuyena owokuqala lo thisha ethandana naye kulesi sikole.
Umnyango uthi uhlale usho ukuthi isikole yindawo yokufunda nokufundisa futhi akuvumelekile ukuthandana kukathisha nomfundi ngoba lokho kudicilela phansi isithunzi sobuthishela.
“Njengomnyango kasikubekezeleli ukuthi othisha basebenzise kabi amandla abo kubafundi. Sinqume ukumisa othisha ababili,” kusho uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mshengu.
Kuvela ukuthi lolu daba lokuthandana kukathisha obanjiwe nomfundi, lugcine lufika kubazali bomfundi baze bayomlanda esikoleni njengoba ebehlala ngaphakathi.
Kubikwa ukuthi abazali bayifakile ingcindezi yokuthi luphenywe lolu daba, lwaze lwafinyelela kumhloli wesekethe yaseMlazi.
“Izingane zihlaliswa ngaphakathi ngoba sisuke sicabanga ukuthi kuphephile, kodwa uma othisha sekuyibona abenza imikhuba ezinganeni, kuyathusa,” kusho umthombo.
UNobhala weSadtu KwaZuluNatal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthe bayakugxeka kakhulu lokhu okusolwa ngakho othisha ngoba kuphambene nomthetho.
Uthi ngisho ezingqungqutheleni zenyunyana yabo, bahlale bewakhuza amalungu abo ngobudlelwano bukathisha nomfundi.
“Umsebenzi kathisha wukuthi alekelele ikusasa lengane ukuba liqhakaze, hhayi ukulicekela phansi. Imithetho esisebenza ngaphansi kwayo ebekelwe ukuziphatha kothisha kwiSadtu, kayihambisani nokuthandana komfundi nothisha, ngisho umkhandlu olawula ukusebenza kothisha uyakuchitha lokho,” kusho uNkz Caluza.
Uxwayise kakhulu othisha abasebasha emsebenzini ukuba bangajoli nabafundi ngoba lokho kungabeka ikusasa labo engcupheni yokulahlekelwa wumsebenzi.
UMengameli weNatu, uMnu Allen Thompson, uthe bayaphoxeka ukuzwa izindaba ezifana nalezi, kodwa basazokwenza uphenyo ngazo.
“Sesikwenze konke okusemandleni ukuxoxa namalungu ngokubaluleka kokuziphatha kahle. Kuyosidumaza uma lokhu kuyiqiniso,” kusho uMnu Thompson.
UMengameli we-Educators Union of South Africa (EUSA), uMnu Scelo Bhengu, uthe inyunyana yabo kayivumelani nothisha othandana nomfundi.
“Sisazohlola ukuthi akuyena yini uthisha oyilungu lethu othinteka kule nto. Inyunyana yethu kayikwazi ukumela uthisha othandana nomfundi ngoba kasihambisani naleyo nto,” kusho uMnu Bhengu.